Now Reading
Izincomo kuMDC, isililo sodwa kuNFD
Dark Light

Izincomo kuMDC, isililo sodwa kuNFD

Bayede News

BADINGWA ukuthulelwa isigqoko abaxhasi beMultichoice Diski Challenge (MDC) okuyiligi edlalwa abadlali abalizwa ngendaba ijezi emaqenjini abo amakhulu ku-Absa Premiership, abadlali abancane nabadlali abasuke bebuya ekulimaleni.

Esinye sezizathu ezenza ngincome le ligi eyaziwa ngokuthi iPSL Reserve ingoba kusukela yasungulwa, sebebaningi abadlali asebebonakale benza kahle ababe wumkhiqizo wale ligi.

Imidlalo yokuqala yale ligi yaba ngoMandulo wezi-2015 kusho ukuthi nonyaka kuzophela unyaka wesihlanu yaba khona.

Uma kungase kuthiwa ngibala abadlali esengibabonile benza kahle kungashona ilanga kwazise baningi kakhulu. Umdlali ongeke nanengozi asala ngaphandle uma kubalwa labo abayisibonakaliso sokwenza kahle kwale ligi wuPercy Tau. Kumanjena lo mdlali wenza ezibukwayo phesheya kwezilwandle eqenjini lakhe laseBelgium iRoyal Union Saint-Gilloise, kanti eshiya eqenjini lakhe iSundowns wayeziwole zonke izicoco ezifi swa ngabadlali abagijima kuPSL.

Usedlale imidlalo eli-18 washaya amagoli ayisi-7, kanti iqembu okuyilo elamsayinisa kumaBrazillians iBrighton & Hove Albion yase-England.

Abanye abadlali ikhono labo eligqanyiswe ukuba khona kweMDC, uNduduzo Sibiya weLamontville Golden Arrows, uKeletso Makgalwa weMaritzburg United, uMenzi Masuku weBloemfontein Celtic, uWiseman Meyiwa weKaizer Chiefs ngeledlule okuvele ukuthi ngeke aphinde abonakale enkundleni, kube nguTshegofatso Mabasaso weCeltic noLyle Foster owagqama ku-Orlando Pirates kodwa manje usegijima eqenjini laseFrance iMonaco II.

Ngeledlule ngijabulile ngibona iChiefs imemezela ukuthi isayinise uHappy Mashiane oyibamba emumva, naye obegila izimanga kuMDC. Usedlale imidlalo emibili lapho Amakhosi ayebhekene khona neTornado FC koweNedbank Cup, wabokanala futhi kuleli qembu libhekene neCape Town City kowe-Absa Premiership.

Yize lokhu engikubhale ngenhla kuyisizathu esimuqoka uma ngincoma iMDC, kodwa engikushayela kakhulu izandla ukuthi le ligi inesikhathi lapho ithatha imidlalo emine iyiyisa ezindaweni zasemalokishini noma emakhaya.

Kule midlalo okungichazayo kuke kube eyomkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs Reserve ne-Orlando Pirates Reserve.

Ngeledlule imidlalo emine ibibanjelwe Olundi enkundleni eqanjwe ngonguMengameli weqembu lepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP) uMntwana uMangosuthu Buthelezu iPrince Mangosuthu Regional Stadium.

See Also

Imidlalo ebidlalwa ngoMgqibelo ophakathi kweGolden Arrows neMamelodi Sundowns, oweCape Town City neKaizer Chiefs. NgeSonto kwaba ophakathi kweMaritzburg United na-AmaZulu FC, noweFree State Stars ne-Orlando Pirates.

Ezinye izinkundla okuke kudlalelwe kuzona le midlalo yale ligi iSeshego Stadium esePolokwane, iMakhulong Stadium eseThembisa, iDobsonville Stadium eseSoweto, iTsakane Stadium eseGoli, iHammarsdale Stadium eseHammarsdale, iSinaba Stadium eseBenoni. Phezu kokuthi le ligi ihambise imidlalo kubantu, iphinde ibanike amathikithi okungena enkundleni mahhala.

Abaningi bangakwamukela ukuthi iNational First Division (NFD) okuyiligi yesibili kuleli nayo inakwe njengoba kwenzeka kuMDC. Uma kungaba njalo isifi so sikaJomo Sono seminyaka singaphumelela.

Okwacelwa uSono esohlelweni lwethelevishini iNFD Show wathi; “Sengibe sebholeni iminyaka izinto ziyaguquka yonke indawo, kodwa lapha kuNFD uguquko alukho. Indlela ephatheke ngakhona ngathi akuyona iligi yesibili kuleli. Imidlalo ithukela ivezwa kuthelevishini abalandeli uma befuna ukubuka imidlalo yayo kumele bakhokhe imali efana neyaku-Absa Premiership, ekubeni kuMDC bafakwa bhusende.”

Scroll To Top