Nanamuhla usasithwele isicoco sokuba ngumkhulumeli wabantu
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kulabo abaqonda ubizo lokuba yiciko lomculo kukhona ukuvumelana ukuthi lolu wubizo olusondele kakhulu kubantu. Umculi ngomsebenzi wakhe uyakwazi ukugxilisa imiyalezo ethile kubantu. Uyakwazi ukukhuza nokuncoma khona lapho uyakwazi ukutusa okuhle.
Ngonyaka we-1992 iciko lasendaweni yasemakhaya KwaZulu-Natal elabe lihlome ngesiginci kanye nephimbo laphenduka isilomo ngokuba ngumkhulumeli wabantu. Lona nguMnu uZibakwakhe Mnyandu odume ngelikaPhuzekhemisi. Ngalesi sikhathi wayehambisana nomfowabo uKhethani baqhamuka nengoma ethi, Imbizo neyaphenduka iculo lesizwe ngenxa yokuxhumana kwayo nalokho abantu ababekucabanga noma kubakhathaza ngaleso sikhathi.
Ngakolunye uhlangothi kukhona abasola ukuthi ingoma lena igovuza umphakathi. Nokho lapha uPhuzekhemisi wabe ekhumbuza abaningi ukuthi amaciko ngabakhulumeli babantu. Imbizo yadayisa kakhulu njengoba yadayisa amarekhodi ayizi-100 000 yathola idouble platinum.
Kagcinanga lapho uMnyandu ngoba waqhubeka nokuqhulula izingoma ezenza kube nenkulumompikiswano ezweni. Phakathi kwezingoma zakhe kukhona; Inja Yami (1994), Ngo 49 (1996), Inkunzi kaBhejane (1999), Ake Nibabheke (2001), Bayede Zulu ( 2012), Kungani nilwa Nodwa (2013), Sinenkinga Ndabezitha (2017), Izwe Alithuthuki (2018) naye yakamuva ethi; Ziyangiluma Izinja (2020).
Umsebenzi wakhe wahlaba umxhwele nabaphesheya kwezilwandle njengoba uMnu uTrevor Payne owayengumqondisi weMontreal Jubilation Gospel Choir wazidela amathambo emuveni kokuzwa uPhuzekhemisi enza izinto zakhe wacela ukuba kube nokusebenzisana nekhwaya lakhe. Umphumela walokhu kwaba wumsebenzi oqoshiwe obizwa ngokuthi yiJubilation VII: Hamba Ekhaya.
Yize isigqi somculo siguquka namanye amaciko amasha evela, kepha umfo kaMnyandu usasibambile isicoco sokuba yiciko elingumkhulumeli wabantu ngakho belu ukucula ngezinto ezidla umuzi.