Ukhona umthetho olawula omashonisa nezikhungo zemali


IMIDANTI efunwa ngamabhange njalo uma umuntu efaka isicelo sokutsheleka imali yenza abanye bagcine sebezijuba baye komashonisa ngoba akukuningi abakufunayo. Omashonisa sekuyibona ababaningi ngaphezu kwamabhange futhi yilapho abantu bephephela khona noma inzalo yakhona imba eqolo. Ngenxa yokwanda kwabo, nezigameko zokushintshana ngemali sekwashaywa uMthetho owengamele izikhungo zokulondoloza imali obizwa ngeBanks Act.
Ecaleni likaKruger v Joint Trustees of Paulos Bhekinkosi Zulu elenzeka kuleli ngoNhlangulana wezi-2011 uMabhalane Wamabhange esebenza ngoMthetho iSouth African Reserve Bank Act 90 we- 1989 waqasha uKruger ukuba aphenye uZulu nenhlangano ayeyisebenzela okwabe kungeyakhe ebizwa ngokuthi iTravel Ventures Institution (TVI).
Okwakulandelwa kuZulu ukuthi wayesebenzisa iTVI njengebhanoyi eqoqa imali kubantu ngethemba lokuthi bazoyithola isiphindaphindiwe emuva kwesikhathi esithile. Okokuqala le nhlangano kaZulu yayingabhalisiwe njengebhange futhi engawulandeli umthetho owengamele amabhange iBanks Act we-1990. Okwakwenziwa uZulu kwakuphambene nomthetho ngoba kwase kuvaliwe nasemazweni amaningi angaphandle. Okwenza uMabhalane Wenkantolo ajube uKruger ngukuthi wayefuna ukucubungula ukungena nokuphuma kwemali kule nhlangano.
Noma sasingekho isidingo sokufuna umyalelo wenkantolo njengoba uMthetho owengamele amabhange iBanks Act wawuvele unika uMabhalane Wenkantolo amandla okuthola lo myalelo, kodwa yena wabona kungcono ukunikela enkantolo ukuze athole umyalelo wokuthola ilungelo lokulawula ibhizinisi likaZulu nenye impahla yakhe.
UMehluleli uRadebe wamchitha uMabhalane Wenkantolo ethi isicelo sakhe asiphuthumi kakhulu. UMehluleli waphinde waveza nokuthi uZulu akuzange kuxhunywane naye , kanye nokuthi zonke izinhlaka ezithintekayo nazo azithintwanga ngendlela.
Ngesikhathi sekufika isikhathi sokuthi kulalelwe lolu daba kwase kukubi kakhulu ngoba nebhizinisi lilaZulu lase liwile nabantu ababefake izimali zabo kulo bengasatholakali. UMehluleli uDambuza JA nozakwabo uMehluleli uPoterill bavumelana ngokuthi nakuba uZulu engasenalutho, kodwa kwakusabalulekile ukuba udaba lwakhe lonke lucutshungulwe ngokulandela umthetho iBank Act ukuze kuthi noma kuqhamuka amacala afanayo esikhathiniesizayo kusetshenziswe indlela efanayo. Okunye okwakwenzelwa lokhu ukucacisa ngamandla nomsebenzi womlawuli osuke ebhekele ukuthi ngesikhathi kuphenywa udaba kulandelwa umthetho. Lowo mlawuli ubizwa ngerepayment administrator.
Ngesikhathi kuqhutshekwa nokulalelwa kodaba lukaZulu kwavela ukuthi esinye isigaba soMthetho iBanks Act okuyisigaba 84 sithi uma kudliwa impahla yomuntu okutholakale ukuthi ubeqhuba ibhizinisi engawulandeli umthetho, kukhona lapho kubhekwa khona ukuthi enye impahla ayithole ngezindlela eziqondile ingadliwa.
Kwavela nokuthi kukhona lapho iNkantolo eNkulu yenza iphutha ngokuchitha uMabhalane Wenkantolo ngesikhathi emyalela ukuthi isicelo sakhe asiphuthumi kakhulu nokuthi kukhona izinhlaka ezingazange zithintwe odabeni lukaZulu. Kwabuye kwavela nokuthi inkantolo yayingenawo amandla okugunyaza ukudliwa kwempahla kaZulu. Okwakulindelekile ukuthi kunxuswe uZulu abuyisele emuva yonke imali eyayingene esikhwameni senhlangano yakhe ngendlela engekho emthethweni. Noma ubonakala usebenza uMthetho olawula izikhungo ezitshelekisa ngemali kodwa nsuku zonke kuvumbuka ezingoqhibukhowe eziqola abantu.