Now Reading
Indlela yokufakwa kwesicelo sesondlo sezingane
Dark Light

Indlela yokufakwa kwesicelo sesondlo sezingane

UKUZIQHENYA nokukhombisa ukungancengi kuvamisile ukuthi kuholele ekutheni abazali abaningi bagcine bengazondli izingane zabo. Esikhathini esiningi imbangela yalokhu kuba ukuthi umzali ohlala nengane uyaye athi uyakwazi ukuzondlela ingane yakhe. Okunye okudala lokhu ukungabi nolwazi agcine eseyekelela ukuphoqa omunye umzali ukuba naye kumele makondle ingane noma izingane abazithole ndawonye.

Kwejwayelekile nokuthi abazali abaningi abazikhulisela izingane zabo ngabahlala ngabodwana okuthi ngoba nakhu besebenza bese behlala bazikhulisele ngokwabo izingane. Kokunye kuyenzeka ukuthi basuke bengenalo ulwazi bese behlala bangazifaki izicelo zesondlo. Umthetho ngokweSigaba 28 ngaphansi koMthethosisekelo wezwe ucacisa ngokusobala ngamalungelo ezingane. La malungelo aphinde acaciswe futhi ngaphansi koMthetho Wezingane wama-38 wezi-2005 (Children’s Act 38 of 2005). Lo Mthetho uthi ngabazali bobabili abangabazali bezingane abanamalungelo phezu kwazo futhi okumele bazondle ngokubambisana. Lokhu kucaciswe ngaphansi kweSigaba 18 soMthetho Wamalungelo Ezingane.

Omunye umthetho ocacisa bha ngesondlo sezingane yilowo ongaphansi koMthetho Wokondla (Maintenance Act). Kubalulekile kulo mbhalo wanamuhla ukucacisa ukuthi noma ngabe uyasebenza wena ohlala nengane ngawedwana, kodwa kuphoqelekile ukuthi nalona omunye umzali ayondle ingane. Uma umzali efisa ukufaka isicelo sesondlo angaya enkantolo eseduze acele umnyango obhekele iSondlo Sezingane okuba iMaintanance Court. Lapho unikwa amafomu esondlo sezingane okumele awagcwalise.

Uma umzali egcwalisa la mafomu kubalulekile ukuba azidalule zonke izidingo zengane zinjengoba zinjalo. Kumele acacise ngemali adinga ukwelekelelwa ngayo okuyizindleko zengane. Uma usuhambisa isicelo sesondlo kumele uphathe konke ongakwazi ukukuveza okuzofakazela isicelo sakho. Kungaba ngamarisidi ezinto ozikhokhela ezitolo aveza ngokucacile imali esebenzayo uma kunakekelwa ingane.

Ungafaka futhi isivumelwano somsebenzi salowo okugadela ingane uma ekhona noma okuzoveza ukuthi umholela malini ukuze kuvele ubufakazi. Ungaletha nesivumelwano sendawo ohlala kuyo nengane okuyinto ewubufakazi bezidingo zengane. Kwesinye isikhathi ungaletha okuwubufakazi basesikoleni obukhombisa ukuthi yimalini oyikhokha ngengane emfundweni yayo.

Ukuletha bonke lobu bufakazi kwelekelela ekutheni kusheshe kucace enkantolo ukuthi izidingo zengane zimi kanjani ukuze imali oyifake njengesicelo sesondlo kuzobonakala ukuthi iyahambisana yini nezidingo noma cha. Khumbula ukwazi ukuthi uma ufaka isicelo sesondlo ungabi nehaba. Mangenze isibonelo: Ngike ngaba secaleni lesondlo ngimele ubaba wezingane ezimbili ohola ayizi-R 28 000.00 kungakathathwa lutho emholweni wakhe. Umama wezingane kuthe uma ehlanganisa izidingo zakhe zezingane izindleko zafinyelela ezi-R 38 000.00. Izidingo azidalule esicelweni sakhe umama sedlula izidingo zengane ngoba ubale ngisho imoto yakhe edinga ukulungiswa ngemali enkulu ngesizathu athi ingoba uhambisa izingane esikoleni uma kunomhlangano wabazali.

Umbuzo engawubuza ummeli wakhe ngukuthi, le mali ayikhipha nyangazonke ubaba wezingane elinganiselwa ezi-R 11 000.00 ayilingene yini zonke izidingo zakhe nezezingane. Ummeli wakhe ume kwelokuthi lezo izinto okumele vele azikhokhele njengemfundo nemishuwalensi ebheke uma kwehla isidumo ubaba edlula emhlabeni.

See Also

Okusele kithina okuyinselelo ukuveza ngokusobala ukuthi umama naye uyakwazi ukuthola umsebenzi akwazi ukwelekelela kepha uhleli yingakho isicelo sakhe siphezulu kangaka. Isibonelo lesi esingenhla esokwelekelela ukukhumbuza abazali abafisa ukufaka izicelo zesondlo sezingane ukuthi iNkantolo Yesondlo akuyona inkundla yokulwisana ngengane kepha ingeyokubhekelela ukunakekelwa kwezingane ngakho-ke ozokucela njengomzali kumele kube okwengane.

Asicacise ukuthi uma omunye umzali ehola kancane kunomunye akusho ukuthi lona ohola kancane akunamgomo wokuba ondle ingane, kepha ohola kakhulu akakwazi ukucela isondlo sokukhokhela ingane esikoleni esibizayo omunye umzali angeke akwazi ukusikhokhela. Ekugcineni kubalulekile ukwazi izidingo zengane nokuletha ubufakazi ukuze ungaphoxeki. Kusemqoka nokucela usizo lommeli. Uma ungenayo imali yabameli abakhokhelwayo ungafaka isicelo kwaLegal Aid nakweminye iminyango engaba usizo.
Masondle izingane sonke sizwe sakithi.

– U-Advocate Hlengiwe Mkhasibe, ungumsunguli nomqondisi weBM Legal Consultants. Umsebnzi omkhulu ukufundisa ngezomthetho ukuze abantu bathole kalula usizo lwezomthetho; lokhu kuwukuhlomisa nokwakha isizwe. Usebenze kakhulu neziteshi ezisakazela umphakathi. Ugxile kakhulu emthethweni wezemindeni (Family Law), owezakhamuzi (Civil Law) nowezohwebo (Commercial Law). Njengamanje usebenza nommeli wezokubangwa komhlaba (Land Disputes).

Scroll To Top