Basabisa ngokusaphaza indle emgwaqeni “eDenmark”
NJENGOBA zisondela izinsuku zokhetho nomphakathi awuzibekile phansi ngemibhikisho yezidingo ezindaweni ezakhele uMgungundlovu.
Ngeledlule umphakathi wase-14 eMbali uvale umgwaqo ukhononda ngokuthi awukho esimweni esifanele, kanti ngoLwesibili endaweni ebizwa ngokuthi kuse”Denmark” okuyizindlu zomxhaso eSlangspruit kuvalwe umgwaqo ngamathayi avuthayo abantu befuna izimpendulo ngamathoyilethi abathi umasipala awusawahlanzi.
Lo mphakathi usabise ngokuthi uzosaphaza indle emgwaqeni uma izikhalo zawo zingalandelwa nguMasipala uMsunduzi. Uthi selokhu kwagcinwa ngonyaka odlule ukumonywa kwendle. Isize yachithekela ngaphandle.
Obeyingxenye yombhikisho uMnu uJabulani Mazibuko ukugcizelele ukuthi uma izikhalo zabo zizitshwa angeke bachithe sikhathi bazothatha itshe lentaba ngamabhakede baligcwalise umgwaqo. Izindlu lo mphakathi ohlala kuzo phambilini kwakuyimijondolo, wabuye wakhelwa uMasipala ezomxhaso.
UMazibuko uthe umphakathi ube noKhisimusi omubi ngenxa yokunuka nezimpukane ebezidalwa yiphunga kodwa bebezama ukuchela ngemithi isebenze isikhashana ibuye iphele.
Kungenelele neminye imiphakathi eyakhelene nawo njengowasendaweni ebizwa ngeFrance nawo okhale ngezinkinga endaweni ohlala kuyo. Ikhansela laku Wadi 13 uNkk uSibongile Mncwango ephawula uthe kube nezinkinga zokukhokha phakathi kukaMasipala uMsunduzi nenkampani ejutshelwe ukwenza lo msebenzi.
“Ngizithembisile izakhamuzi ukuthi lolu daba ngizolidlulisela emhlanganweni woMkhandlu,” kuphetha uNkk uMncwango.
Umphakathi waseDenmark ubungaqali ukuba nombhikisho ngodaba lwezindlu zangasese njengoba ngowezi-2017 ngoNhlolanja kwaba esifanayo.
Noma olwezindlu zangasese bekuyisona sikhalo ebesiseqhulwini umphakathi uphinde wazwakalisa ukungenami kwawo ngokunqamuka kukagesi njalo ngoba bafelwa njalo yizinto ezisebenzisa “Ngashelwa isitofu sami engasithenga ngisasikhokhela ngenxa yalomacima khanyi bedlala ngogesi engathi izingane ezincane,” kuzikhalela uNkk uMakhosi Gwala. Umphakathi uthi angeke wehlele ngezansi uzoqhubeka nokufaka ingcindezi kuMasipala kuze kube izikhalo zawo ziyasukunyelwa ngoba yivoti labo ekugcineni elizobe selidingeka kodwa uma unezikhalo azithathelwa phezulu.