Now Reading
Bazile ukudla ngobugebengu
Dark Light

Bazile ukudla ngobugebengu

 

Sekubulawe abantu abevile kuma-20 kusuka ngonyaka odlule abanye besemakhaya

 

EMUVA kwezigameko eziningi zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, ukubulawa kwabantu, ukugqekezwa kwemizi, uphuzo oludakayo nokusetshenziswa kwezidakamizwa okudla lubi, abesifazane base base-Ashdown eMgungundlovu bakhuphukele entabeni ngoLwesine beyokhuza lesi sihlava abathi sesiphendule le ndawo umhhume wabaphangi.

Laba besifazane abangaphansi kukaWard 23 bebephuma eGomora, ePeacevale 2, eTransit Area A, naseMasons Mill.

Ngaphambi kokunyukela entabeni eyaziwa ngokuthi kusedamini izolo  baqale ngokuzila ukudla izinsuku ezimbili. Bebegqoke izingubo eziwumnyama eziwuphawu lokulila bekhuleka ngamaqembuqembu. Bathi selokhu kuqale unyaka uqalile sekudutshulwe abantu abangaphezu kwesithupha ezigamekweni  ezahlukene.

Baqhube bathi yize bengenazo izibalo ezishoyo ukuthi izinga lobugebengu lingakanani kulendawo, uma bebala kusukela ngonyaka odlule, bangaphezu kwama-20 abantu asebebulewe, okubalwa kubona intombazane eyabanjwa iphuma esikoleni yavalwa ngendwangu enezidakamizwa, yanukubezwa ngokocansi yaphonswa ngaphansi kwebhuloho.

USihlalo weCommunity Policing Forum (CPF) kule wadi uNkk uMakhosi Dladla uthi yize amaphoyisa ezamile ukubopha ezinye zezigcwelegcwele kodwa babona ngakusasa seziphumile ngebheyili, okwenza babone ukuthi  ingalo yomthetho ayisebenzi.

Uqhube wathi emuva kokuba sebekuzame konke ukulwisana nalempi njengoba beqale imikhankaso yokuqwashisa ngobugebengu egcine isiyenziwa nasezingeni lesifundazwe kusukela ngowezi-2015, babona imizamo yabo ifekela, njengoba sebekhethe ukuthi bakhuphukele entabeni njengomama besililo, bacele ukuba uNkulunkulu angenelele.

“Ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Asakhe kabusha izindonga zase-Ashdown” esisithathwe encwadini yeBhayibheli uNehemia 2, sizoqhubeka njalo sikhuleke njengoba neBhayibheli lisikhuthaza ukuthi lapho sekuphele konke ukuqonda, asifune ubuso bukaNkulunkulu.

“Ngaphandle kwalezigameko zokubulawa nokunukubezwa kwabesifazane, uphuzo oludakayo entsheni nezinga lokusetshenziswa kwezidakamizwa ludla kubi, njengoba esole ukuthi kunabasebenzi basemitholampilo nasezibhedlela zikahulumeni abadayisela intsha imithi yomkhuhlane ukuze kwenziwa isidakamizwa esaziwa nge ‘ncika’. Kumanje sekungene isidakamizwa esisha esaziwa ngezealous esisetshenziselwa ukulapha izifo zengqondo,” kuphetha uNkk uDladla.

USihlalo we-ANCYL kule wadi uNkk uSenele Mkhasibe uthe emuva kwemizamo eminingi yokulwa nobugebengu kule ndawo, okubalwa  nokwandisa  ugesi emgwaqweni , konke lokhu akusizanga, yingakho sebekhethe ukuzothatha amandla entabeni njengabantu abasha nomama, bezokhulekela lempi ababhekene nayo.

Okhulumela amalungu omphakathi uNkk uFikile Cembi ukhale ngobugebengu obudlangile njengoba sekugqekezwa nemizi, abantu bakhonjwe ngezibhamu emini kabha.

See Also

Uthe emuva komkhuleko bazohlale babonisane njengomama ukuthi intsha ingasizwa kanjani  njengoba kukhona nosonhlalakahle emphakathini, abangasiza ngokuyala intsha, nalabo ababe yizisulu zokunukubezwa.

Ikhansela uMnu uDumisani Phungula uthe yize bengenazo izibalo zokuthi mangaki amacala asebikiwe, unesiqiniseko ukuthi le wadi isohlwini oluphezulu ngezigameko zobugebengu uma kuqhathaniswa nezinye izindawo.

“Akukho esingakwenzanga, amaphoyisa siwabikelile ngenhloso yokuthi alokhu efika ezobheka ukuba isimo sisahamba kahle kodwa konke lokhu akusizi. Kunezindawo zokucima ukoma eziningi lapha endaweni ezingavalwa, okwenza ukuba intsha uma isibudle kakhulu yenze izinto ezingekho emthethweni.

“Sibabizile nabaFundisi ukuba bahlanganyele nathi ukuzokhuleka, njengoba umsebenzi wokulungisa izinto ezingahambi kahle kungewona umsebenzi wabaholi kuphela, kepha kuthatha ukusebenzisana phakathi kobuholi, amalungu omphakathi nabeFundisi. Sesithi ke abakhuphuke omama besililo bezokhuleka, singakhulekeli lewadi kuphela, kepha sikhulekele namanye alapha eMgungundlovu njengoba sinezinkinga ezahlukene.”

UPhungula uphinde wakhala ngokuthi nakuba abenzi bobubi beboshwa, abukho ubulungiswa osebenzekile, njengoba bededelwa ngakusasa, baqhubeke bacanase emphakathini.  Uthe nakuba izibani zokukhanyisa emgaqweni zisanda kufakwa, azanele njengoba eminye imigwaqo ingakhanyi. Uthe bazoqhubeka nalolu hlelo njalo ngenyanga.

Imizamo yokuthola izibalo zobugebengu emaphoyiseni asePlessislaer okuyiwona le ndqawo engena ngaphansi kwawo ayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa aseMidlands uMthokozisi Ngobese engatholakali.

Scroll To Top