Now Reading
Kuqiniswa izinhlelo zokulwa nobugebengu ezweni
Dark Light

Kuqiniswa izinhlelo zokulwa nobugebengu ezweni

UKWANDA kwamaqembu ezigelekeqe esifundazweni iWestern Cape nasePort Elizabeth kwagcina kuphoqe uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele ukuba asungule ithimba elikhethekile la maphoyisa olubhekene ngqo nobugebengu bamaqembu ngonyaka odlule i-Anti Gang Unit. Leli thimba selikwazile ukwehlisa ubugebengu obuhlobene namaqembu kwezinye izindawo elitshalwe kuzo. Ingcindezi yokuba kusungulwe leli thimba yayiqhamuka nakumalungu omphakathi ayesekhathele ubugebengu.

Kungenzeka yini kubonakale isimo esifanayo kwezinye izingxenye zeKwaZulu-Natal njengoba iKomidi loMnyango Wamaphoyisa ePhalamende selihlabe ikhwelo lokuba uCele atshale ithimba leTactical Response Team neNational Intervention Unit kulezo zindawo ezihlaselwe ubugebengu? Le ngcindezi iqhamuka kakhulu nakuSihlalo weKomidi uMnu uFrancois Beukman kulandela isigameko sokuhlaselwa kwamaphoyisa amathathu enyakatho yesifundazwe. UBeukman usigxekile lesi senzo waveza ukuthi beyiKomidi babona kungaba yisu elihle ukuba kutshalwe amathimba akhethekile amaphoyisa kuzona zonke izindawo ezihlonzwe njengezinobugebengu KwaZulu- Natal.

“Asikwazi ukuvumela isimo lapho izigebengu ezihlome ziphelele zihlasela khona amaphoyisa kungabi ndaba zalutho.

Ukwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni kuyaqhubeka nokusikhathaza yingakho siwumphakathi sidinga ukulwa nalesi sihlava ngokuhlanganyela ukuze kukhucululwe zonke izibhamu ezingekho emthethweni emphakathini,” kusho uBeukman. Uphinde wanxusa umphakathi okungenzeka ukuthi uyazi ukuthi labo abahlasele amaphoyisa bacashe kuphi uxhumane nawo ukuze baboshwe. Kuhlaselwa la maphoyisa nje ngoMsombuluko kubulawe iphoyisa elinguConstable ePort Elizabeth ngesikhathi kubanjwa inkunzi inxanxathela yezitolo.

See Also

Leli phoyisa elineminyaka yobudala engama-31 belisemsebenzini ngesikhathi kutheleka amadoda amahlanu avele avulela ngenhlamvu ezama ukuthatha imali. Amaphoyisa akwazile ukufika endaweni yesigameko uzakwabo esephansi nawo avulela ngenganono kwasala enkundleni izigebengu ezine esinye sakwazi ukucela empunzini. “Ukuqhubeka nokubulawa kwamaphoyisa ngalolu hlobo kuyefana nokuthi kuhlaselwa ngqo umthetho wezwe.

Akugcini ngokushaya kuzwele kuHulumeni kodwa kuzwela kakhulu nasemindenini yamufi ngoba kuningi okuguqukayo,” kusho uBeukman emuva komhlangano ophuthumayo weKomidi maphakathi nesonto. Uthe basaqhubeka nokugcizelela ukuthi umphakathi awusebenzisane namaphoyisa ngoba nalo msolwa obalekile kungenzeka ukuthi uyaziwa lapho ecashe khona. Uthi enye yemigomo yeNational Development Plan ukulwa nobugebengu ukuze izwe libe nokuthula nabatshalizimali bangabi manqika ukutshala imali eNingizimu Afrika.

Scroll To Top