Now Reading
Abezindaba bayisa uZondo enkantolo
Dark Light

Abezindaba bayisa uZondo enkantolo

UMA umbuka kude ungumuntu ozothile. Kanjalo nezwi lakhe ngelomuntu ophansi. Abanye bathi wumthetho wakhe kanti abanye bathi wenzisa okukamehluleli, okumele kube ngubuntu onesigqi nongasebenzisi imizwa. Nokho usuku lwesihlanu lokwethulwa kobufakazi baloyo obeyisikhulu senkampani esematheni kulezi zinsuku iBosasa, uMnu u-Angelo Agrizzi kuguqule izinto. Ngalolu suku uMehluleli uZondo nongagcini nje ngokuba nguSihlalo weKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso kepha abuye abe yiSekela likaMehluleli Omkhulu eNkantolo YoMthethosisekelo wabe engagayelwe mphako.

Lesi simo sabe sidalwe yisenzo sabanye bezindaba abanquma ukuveza bonke ubufakazi obufungelwe obuningi babo babungakwethulwa kuKhomishini. Ubufakazi lobu kwabe bungobuka- Agrizzi kuthinta namagama abantu. Ephawula ngalokhu uMehluleli uZondo wathi: “Ngithanda ukuqala ngokuthi ngizihlonipha kakhulu izintatheli eziningi nabahleli kanye namaphephandaba abaqhuba umsebenzi wabo ngokuhlelekile nangokuhambisana nomthetho.” Uqhubekile wadedela udalimede lapho esola amanye amaphephandaba: “Kuleli Sonto amaphephandaba amaningi abenezindaba eziphathelene nobufakazi buka-Agrizzi, owayeqhubeka enikeza ubufakazi kule Khomishini, ayesezobethula. Kuyasolisa ukuthi amaphephandaba athile akwazi ukufinyelela emqulwini wencwadi efungelwe ka-Agrizzi ephambi kweKhomishini. Kwezinye izindawo kungenzeka ukuthi abafinyelelanga encwadini efungelwe luqobo kodwa bapotshozelwa ngabathile ulwazi oluphathelene nokuqukethwe incwadi efungelwe ka-Agrizzi.

“Kimina kubonakala sengathi kunezintatheli, abahleli namaphephandaba thizeni abanquma ukuthi bazobhala ngolwazi olusencwadini efungelwe ka-Agrizzi yize ayesazofakaza ngalo, bekwenza lokho bephikisana nomtheshwana esengiwutshele wonke umuntu. Angazi noma izintatheli, abahleli namaphephandaba abenze lokhu bakholelwa ekutheni bekufanele babhale ngalokho u-Agrizzi asozokwethula ngaphambi kokuthi anikeze ubufakazi. Angiboni lutho oluyintshisekelo yomphakathi ekushicilelweni kwalokho ufakazi asozokwethula ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.”

UZondo unxuse abemithombo yezindaba ukuba “bangathintibezi umsebenzi weKhomishini”.

“Sithatha umsebenzi weKhomishini njengobaluleke kakhulu. Siwuthatha njengomsebenzi wesizwe. Sithanda ukugxila emsebenzini wesizwe esinikwe wona. Singeke sathanda ukulokhu siphazanyiswa amathunzi aqhamuka emaceleni. Sithanda ukusebenza umsebenzi osemahlombe ethu,” kubeka uMehluleli.

“Ngiyanicela ningabhali ulwazi ezimweni lapho nithintibeza khona umsebenzi wale Khomishini. Asikho isizathu esenza ukuthi ningelinde izinsuku ezimbalwa ukuze ufakazi abhekane nobufakazi bakhe ngaphandle kokuthi kushicilelwe singakafiki isikhathi.”

Lokhu kuphawula kukaZondo akwehlanga kahle kwabezindaba njengoba kuthe kungakapheli namahora angamashumi amane base beziphungela. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi iMail & Guardian, iMedia Monitoring Africa neDaily Maverick kumanje bavivela ukuphonsela inselelo ngomgudu womthetho iKhomisihini mayelana nelungelo labezindaba lokuthola imiqulu eyethulwe phambi kweKhomishini, kanye nelungelo labezindaba lokushicilela leyo miqulu. Inselelo ezophoswa ethi akuvumelekile ukuthi iKhomishini idedele abezindaba izitatimende zikafakazi kuphela uma eseqede ukufakaza nokutholakala kwezitatimende ngaphandle kwezengezo zabo.

Kuzobe kungekona okokuqala abeMedia Monitor benombono owehlukile kunokaZondo. Ngonyaka owedlule kwenzeka okucishe kufane ngesikhathi abezindaba beputshuza ubufakazi bukaMnu uPravin Gordhan, nalapho uZondo wabaxwayisa khona. Ngaleso sikhathi umphathi weMedia Monitoring uMnu uWilliam Bird wathi isinqumo sikaZondo asikho emthethweni futhi asinabo ubulungiswa:

“Ngeke watshela abezindaba ukuthi abakwazi ukushicilela ulwazi olubekwe ezithebeni zekhomishini yomphakathi. Noma ngubani angakwazi ukungena afinyelele kuleyo miqulu. Ungafinyelela ezihlokweni zommeli ngaphambi kokuthi azethule.

“Uma uya enkantolo yezwe ephakeme ungafinyelela ezihlokweni esezethuliwe ezithebeni zaleyo nkantolo,” kusho uBird.

NeSanef iphefumulile

See Also

Uhlaka olumele abahleli kuleli iSouth African Editors Forum labe seliphendulile , liveza lokho elikubize ngokukhathazeka kwalo ngokuphawula kukaZondo.

Leli phephandaba likhulumile noSihlalo weSouth African Editors Forum (Sanef) uNks uMahlatse Mahlase othe njengenhlangano badumele ngokushiwo nguZondo. “Okusikhathazayo wukuthi inqubo yokusebenza lena uMehluleli uZondo akhuluma ngayo yenza izintatheli noma ukucoshela izindaba ubugebengu. Thina mhla sizwa ngale nqubo nesayizwa sekusele nje izinsuku kuqale iKhomishini saxhumana noNobhala wayo kepha kuze kube yinamuhla asikaze sihlangane. Mina qobo ngaya emhlanganweni owabe uhlelwe ekuseni ngehora lesikhombisa ngadumala lapho sekuthiwa umhlangano kawusekho. Akusho ngoLwesibili kuyefana nalokho akusho ngonyaka owedlule ngoLwezi. Sisafisa ukuba nomhlangano ukuze sibeke imibono yethu ngale nqubo yeKhomishini,” kubeka uNks uMahlase.

Ebuzwa ukuthi yini abezindaba abafisa yenzeke ukuya phambili uthe: “Kulokhu okwenzeka manje nangokuqukethwe siyakholwa ukuthi eminye imitheshwana yeKhomishini kufanele ibuyekezwe ikakhulukazi uMtheshwana 11(3) no 12(2) (c). Sikholwa wukuthi le mitheshwana ibulala ubuntatheli futhi saluphakamisa lolu daba kuKhomishini. Besazi ukuthi emveni kokubonisana imitheshwana iyabuyekezwa futhi sizothintwa ngegxathu eliya phambili. Singalithokozela ithuba lokubuya siphawule siveze ukuthi kungani sikholwa wukuthi lezi zigaba zichithwe ngokugcwele noma izintatheli zingathinteki.”

Amagama okubukeka sengathi kawehlanga kahle yilawo aphinyiswe nguZondo ngesenzo sabezindaba: “Akulungile. Kuthintibeza le Khomishini. Ngani? Ngoba nifuna ukucakula nje nenze inzuzo?

UZondo uphethe ngokuthi uma izintatheli nabahleli banganeme ngale mitheshwana, kufanele baye ezinkatolo bayokuphosela inselelo.

Scroll To Top