Now Reading
Umqeqeshi ubabaza ikhono labakhethelwe elesizwe baKwaZulu-Natal
Dark Light

Umqeqeshi ubabaza ikhono labakhethelwe elesizwe baKwaZulu-Natal

UMDUDUZI “Duzi” Mbatha uthi uswele amazwi angawaphimisa ukukhombisa indlela ajabule ngayo njengoba abadlali abane abaqeqeshayo bekhethwe eqenjini lesizwe lakuleli lekhilikithi labangaphansi kweminyaka eli- 19.

Iqembu lakuleli ngoNhlolanja lizobhekisa amabombo e-India, lapho lizodlala khona imidlalo ye-One Day International (ODI) neyeT20. Inhloso yalokho ukuzilungiselela iNdebe YoMhlaba ezoba kuleli ngowezi-2020 ngoMasingana kuya kuNhlolanja.

UMbatha ucija iKZN Coastal, okuyiqembu elidlala umqhudelwano wabangaphansi kweminyaka eli-19 obizwa ngokuthi iCoca-Cola Khaya Majola Cricket Week.

Ukukhethwa kwabadlali kwenzeke ngesikhathi benza ezibukwayo emqhudelwaneni wabangaphansi kweminyaka eli-19 obizwa ngokuthi i-Annual CSA Cubs Week, lo mqhudelwano wezinsuku ezinhlanu ububanjelwe eStellenbosch. Amaqembu abeyingxenye yawo iLions, iKnights, iWarriors, iCobras, iTitans kanye neDolphins.

Laba badlali basize iDolphins ukuthi kube yiyo enqoba lo mqhudelwano okokuqala, kusukela wasungulwa ngowezi-2011. Kula maqembu ayisi-6 bekuqokwa abadlali abali-16 abazomela iNingizimu Afrika, kodwa kuDolphins kukhethwe abane.

Ekhuluma neBAYEDE uthe: “Laba badlali bobane ababenenhlanhla ngisasebenze iminyaka emibili nje vo nabo, kodwa ikhono asebengitshengise lona kule minyaka liyisimanga kakhulu. Lezi zindaba zokuqokwa kwabo ukuthi bamele iqembu lesizwe, zingijabulise ngendlela engachazeki ngoba ikhono abanalo ngeke besalitshengisa eqenjini kuphela kodwa selizobonwa umhlaba wonke,” kuchaza uMbatha.

Kuqokwe uMatthew Montgomery ophinde wagixabezwa esokuba ngukaputeni uThamsanqa Khumalo, u-Andile Mogakane noLifa Ntanzi. Ikhono labo kulo mdlalo laqala ukuvela besabancane bedlala ngaphansi kweSunfoil Programme eyasungulwa uSane Khuzwayo oyiMenenja yeKZN Township and Rural Development kanye noLinda Zondi okunguye oqoka abadlali eqenjini lesizwe amaProteas.

See Also

Ukwenza kahle kwalaba badlali ngaphansi kwalolu hlelo lokuthuthukisa ikhilikithi esiFundazweni iKwaZulu-Natal kubabeke ethubeni lokuthi bathole umfundaze wokuthi bafunde ezikoleni zabadla izambane likapondo.

UMontgomery yena wazitholela ithuba lokuthi afunde eClifton College, uMogakane yena waya eNorthwood Boys High, uKhumalo noNtanzi bona bafunda eGlenwood Boys High.

Eqhuba uMbatha uthe: “Angingabazi nakancane ukuthi laba badlali eminyakeni ezayo ngizobabona benza ezibukwayo eqenjini lamaProteas. Yize kusamele kube khona lapho abakhula khona kodwa iminyaka emihlanu mikhulu kakhulu bengekho eqenjini lesizwe. Umdlali ongihlaba kakhulu umxhwele uNtanzi, engimbona eya kude ngekhono analo elishiya noma ubani ebambe ongezansi,” kusho uMbatha.

Scroll To Top