Lukhulu olubhekiwe emkhakheni wezimbiwa


UMKHAKHA wezimbiwa eNingizimu Afrika uyaguquguquka kodwa okugqamile kulo nyaka ukuthi ubumaginxiginxi kusuka ezitelekeni, uhlelo olusha lokukhishwa kwezimvume zezokumbiwa, ukushintshwa kukaNgqongqoshe nenzukazikeyi yodaba lwabantu baseXolobeni abalwe kwaze kwaba sekugcineni ukuze indawo abahlala kuyo abayishiyelwa okhokho babo ingaphendulwa imayini phezu kokuba uNgqongqoshe Wezimbiwa uMnu uGwede Mantashe esenike inkampani yase- Australia ilungelo lokuzomba umnotho kule ndawo.
UMantashe ungene ngesikhathi esinzima kusanda kushicilelwa iReviewed Broad-Based Black Economic Empowerment Charter for the South African Mining and Minerals Industry okuhlanganisa ukumiswa kwezicelo zokuvuselela amalayisensi okumba, ukuvuselelwa kwamalungelo okudlulisela ukumba, ukuvalwa kwezimayini ngokwemiyalelo ekhishwe ngokweSigaba-54 seMine Health and Safety Act (29 of 1996) (MHSA); ukuhlala kokwanda kokuzibandakanya kwabathintekayo kanye nezishoshovu zezemvelo nolawulo nongabazane lwenqubomgomo. Noma zingabangakhona izigameko eziningi ezibikiwe ngokushona kwabavukuzi ezimayini kulo nyaka, kodwa kubonakala kungekho ukuthathelwa phezulu ekuqinisweni kwezokuphepha. Ngonyaka wezi-2017, isibalo sabasebenzi abashona ezimayini sasingama-82 okwakhomba ukunyuka uma kuqhathaniswa nonyaka wezi-2016.
Izinyunyana ezisemkhakheni wezimayini okuyiNational Union of Mineworkers (NUM) eholwa uMnu uPiet Matosa ne-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU) uMengameli wayo okungumnu uJoseph Mathunjwa libe lincane kakhulu izwi lazo uma kuziwa ngasekuphepheni kwabasebenzi ezimayini. Noma lezi zinyunyana zisho ngazwi linye ukuthi sekuyisikhathi sokuthi inqandwe le nkinga ebonakala iya ngokwanda ezimayini, kodwa inhlese yezepolitiki ibuye ibonakala kugcine abasebenzi sebeza ngemuva sekuyipolitiki yamaqembu phambili.
Ukuqokwa kukaMantashe
Kubuyise ithemba ukuqokwa kukaNgqongqoshe uGwede Mantashe kwezokumbiwa njengomuntu onamava ezinyunyaneni olwaziyo nosizi lwabasebenzi.
UMantshe ufike wenza izichibiyelo emithethweni ethinta ezokumbiwa ukwenza isiqiniseko sokuthi izicelo ezifakwa izinkampani zezokumbiwa zikhishwa ngendlela.
NgoNhlangulana uMantashe wakhipha isiphakamiso esashicilelwa kuSomqulu kaHulumeni esasikhuluma ngokukhishwa kwezimvume.
“Asikwazi ukuhambisa isikhathi singawakhiphi amalayisensi okumba izinto ezingasisiza ekukhiqizeni u-oyela ngoba okukhulu kakhulu kulokhu esikwenzayo ukuphuthumisa uhlelo lokunxenxa abatshalizimali ezweni,” kusho uMantashe.
Izinkampani ezifuna ukusebenzisana noHulumeni waseNingizimu Afrika kwezezimbiwa ezikhiqiza nooyela iTotal , i-Eni, uSasol ne-ExxonMobil. Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule ngesikhathi esanda kuqokwa kulesi sikhundla uMantashe wamemezela ukuthi uzokwenza izinguquko ezizobheka kakhulu uhlelo lokufakwa kwezicelo kwabafuna ukumba ukuze uHulumeni akwazi ukubheka ukuthi phambilini amalayisensi abetholakala kanjani. Imboni ka-oyela negesi eNingizimu Afrika iwumgogodla womnotho.
UMantashe kubukeka engazange abenze ubulungiswa kubantu baseXolobeni ngodaba lomhlaba wayo okusale kancane uphenduke imayini. Abantu balapha bazongena emlandweni wezinto ezinkulu ezenzeke ngowezi-2018 ngokulwa kuze kube sekugcineni ukuvikela indawo yabo.
Iqhaza lezimboni
Ngesikhathi iSouth African Mining and Natural Resources Sector ibhekene notavatava akulula ukuziba uguquko lwezimboni oluyingxenye ye- 4th Industrial Revolution, iqhaza lobuchwepheshe ne- Internet of Things. Ngendlela isimo esishintshe ngayo kwezobuchwepheshe ezimayini kulo nyaka kucacile ukuthi ikusasa lezimayini lizobe selinezimoto ezizishayelayo, izimayini zilawulwa ubuxhakaxhaka nobuchwepheshe bokuzenzakalela. Le ntuthuko izodinga ukuba kusungulwe okusha, kubuyekezwe nemigomo yemithetho, kube nokugxila kakhulu ekuthathweni kwemininingwane, ekugcinweni kwayo, kanti futhi kunokukhathazeka ngobumfihlo.
Okwamanje, kugxilwe nasekutholeni amalungelo anqala. Elakuleli kudala lathathwa njengesibonelo esingcono ekubusweni ngokwedemokhrasi ekuthuthukiseni imigomo yokulawulwa ngomthethosisekelo, hhayi kuphela e-Afrika kodwa nakwamanye amazwe. Lokhu kuyethembisa kakhulu uma ubheka ukuthi isuka ohlelweni lobandlululo.
Ukuqhubeka okubonakalayo kobumthethosisekelo kwaseNingizimu Afrika, obungalandelwa kusuka kuMthethosisekelo we-1996, kuveza ukuqisekisa ukuhambisana nobumthethosisekelo ikakhulukazi ngokuhlanganiswa kwamandla ezinhlakeni ezintathu zombuso — isishayamthetho, izingwevu kanye nabomthetho.
Lokhu kusho ukuthi ubumthethosisekelo abuvuli sikhala sokuqonelana kodwa budinga uhlaka ngalunye lwenze okuthile futhi luzibophezele endleleni elawula ngayo amandla egunyazwe wona. Lokhu kusemqoka esishayamthetho nasezingwevini, zombili lezi zinhlaka ziseqhulwini lokwenza nokubophezeleka endleleni eziyisebenzisayo kanjalo nabezomthetho, njengohlaka futhi kunemithetho eminingi yezemvelo esebenza ekuqhwandeni izimbiwa.
Ngesikhathi kunokuhunyushwa nokusebenza kwansuku zonke kweMithetho Yezemvelo YaseNingizimu Afrika kushiyelwe kubalawuli abafana noMnyango Wezemvelo, uMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko, kanye neMeneja Yezingangqo Lomoya ezingeni lomasipala.