Bekungunyaka obudle ngeziqubu eziningi



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNYAKA wezi-2018 ube nezigameko ezijabulisayo nezibuhlungu kwezemidlalo hhayi nje emaqenjini esizwe kuphela kodwa nakwamancane. Kuningi kakhulu okwenzekile kwezemidlalo kuleli, nakuba ngingeke ngikulandelanise, noma ngikubhale konke……… kepha nakhu engikubona kuye kwahlabahlosa.
Ukushiswa kweMabhida
Ukulinyaza kwenkundla iMoses Mabhida Stadium, eseThekwini. Le nkundla yalinyazwa abalandeli beKaizer Chiefs ngesikhathi leli qembu lihlulwa iFree State Stars, emdlalweni weNedbank Cup ngamagoli amabili eqandeni. Okwenza abalandeli belimaze le nkundla ingoma babefuna obengumqeqeshi wabo uSteve “Mphathi” Kompela ahambe kuleli qembu obese eqede amasizini amabili nesgamu kodwa ehluleka ukunqobisa leli qembu isicoco. Emva kwaleso sigameko wavele wasula kuleli qembu.
Ukuphucwa Kwa-AmaZulu amaphuzu aphinde ekhishwe kumaqembu ayisi-8 aphuzeulu kuligi yangowezi-2017/18.
Ukuthola iphuzu kukodwana nje kuyinto enzima kuligi yakuleli i-Absa Premiership, kwazise wonke amaqembu azimisele ukuthi kusongwe isizini esendaweni enhle. Kube buhlungu kakhulu ku-AmaZulu FC ukuthi aphucwe amaphuzu aysi-6 yize kade ewathole kanzima. Kwenzeka konke lokho nje kuthe kusongwa isizini edlule ebebalwa namaqembu ayi-8 phezulu, kwabe sekuphucwa i-Ajax Cape Town amaphuzu ngenxa yokuthi idlalise uTendai Ndoro kungafanele kwaphoqeleka ukuthi kunyuke iSupersport United AmaZulu wona agcine esebe sendawen yesi-9.
Ukudlula kwabaqeqeshi
Ukufa kuyinto eyenzeka nsuku zonke zokuphila kodwa ayijwayeleki neze. Kulo nyaka kudlule emhlabeni abantu abahlonishwayo kuleli kunobhutshuzwayo, okuyimanje okusakhalwa emaqenjini abo.
Abadlule emhlabeni kube nguBheka Phakathi okade eqeqesha iqembu eligijima ku-ABC Motsepe ngaphansi kwasesifundazweni iKwaZulu- Natal iMvoti FC, abanye isikhulu soThongathi FC uNico Mkhize kanye noRoger Sikhakhane obeqeqesha iRoyal Eagles womabili lama qembu agijima kuNFD futhi angawaKwaZulu- Natal.
Ukufika kwamaqembu amancane emdlalweni wamanqamu ku-Absa Premiership.
Kuqopheke umlando kumqhudelwano odlalwa amaqembu angama-32 iNedbank Cup, umdlalo wawo udlalwa amaqembu athathwa njengamancane. Lawo maqembu iFree State Stars neMaritzburg United, wagcina unqotshwe i-Ea Lla Koto (iFree State Stars) ngegoli elilodwa eqandeni.
Kukuphindile lokho kwiTelkom Knockout umdlalo wamanqamu udlalwa i-Orlando Pirates kanye neBaroka FC. IBaroka kusukela yasungulwa ibiqala ukudlala umdlalo wama nqamu, iphinde iwunqobe. Yanqoba ngamagoli amathathu kwamabili sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni owaphela zibambene ngamagoli amabili nhlangothi zombili.
Inkinga kumaBhokoBhoko
Akuphindile akwenze ngonyaka ophelile amaBhokobhoko, ngokuthi abe nonyaka ongemuhle. Nyakenye leli qembu linqobe imidlalo emine vo yetest, emidlalweni eli-12.
Kulo nyaka leli qembu elicijwa uRassie Erasmus, lidlale imidlalo eli-13 lihlulwe kweyisi-6 lanqoba eyisi-7. Kuleyo mdlalo eliyinqobile kubalwa nalapho lahlula khona iNew Zealand ngamaphuzu angama-36 kwangama-34 emdlalweni owawubanjelwe eWellington Regional Stadium, eNew Zealand.
Khona manjalo iqembu lakuleli iSpringbok Sevens muva nje kubukeka engayiqalanga kahle indlela yawo yokuvila isicoco iHSBC World Rugby Seven. EzikaNeil Powell ziphume endaweni yesine kwiDubai Sevens, zaphuma endaweni yesi-5 kwiCape Town Sevens. Muva nje zisendaweni yesi-5 ngamaphuzu angama-29, izwe okuyilo elihamba phambili i-United State of America enamaphuzu angama-38.
Ngakolunye uhlangothi kube yinto enhle ukufika kwe-Emirates Lions kowamanqamu kuVodacom Super Rugby. Nakuba iLions ikhale ngaphansi kuCrusaders yaseNew Zealand kowamanqamu ngamaphuzu angama-37 kwali-17, kuyinto engiyishayela kakhulu ihlombe ukufika kowamanqamu kwazise bekungokwesithathu kulandelana efika kulesi sigaba.
Okunye okugqamile ukuthi iqembu laseThekwini iSharks inqobe umqhudelwano odlalwa amaqembu akuleli iCurrie Cup. ISharks inqoba lo mqhudelwano yayitholene phezulu neqembu laseKapa iDHL Western Province, eyayihlula ngamaphuzu ali-17 kwali-12.
Amaqembu esizwe ebhola
Iqembu labesifazane lakuleli labangaphansi kweminyaka eli-17 yize lingenzanga kahle kwiNdebe yoMhlaba ebibanjelwe e-Uruguay. Kodwa ukubalwa namanye amaqembu ayekhona kulo mqhudelwano kuyinto edinga ukushayelwa ihlombe.
Ngakolunye uhlangothi kuyo lenyanga iqembu lakuleli labesilisa labangaphansi kweminyaka engama-20, likwazile ukuthi livikele isicoco salo iCOSAFA Cup yabangaphansi kweminyaka engama-20. Kowanqamu leli qembu elicijwa uThabo Senong litholane phezulu neZimbabwe kowamanqamu, lanqoba ngamagoli amane kwamathathu sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owaphela zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi
zombili. Unyaka usongwe ngokuxoshwa komqeqeshi weManchester United uJose Mourinho emuva kwesikhathi kunezinkinga eqenjini. UMourinho bekunemibiko yokuthi akabhekani nesihlabani saseFrance esidlala kuleli qembu uPogba okwenze wamshiya ngaphandle emdlalweni wabo neLiverpool wagcina eguqile. Okuzokhumbuleka kuleli ngasohlangothini lwabaqeqeshi ukuxoshwa kukaSteve Komphela kuKaizer Chiefs emuva kokuhlulwa kweqembu izikhathi zilandelana. Okwashayelela isipikili ukukhishwa kuNedbank Cup iFree State Stars emdlalweni owawuseMoses Mabhida lapho abalandeli bagcina sebecekela phansi inkundla bayithungela nangomlilo. Abanye abaqeqeshi abaxoshiwe u-Eric Tinkler noGiovanni Solinas ohlale izinyanga ezingaphansi kweziyisithupha eNaturena.