IBaroka yethembisa iPirates induku
UMDLALO wkusasa wefayineli yeTelkom Cup phakathi kweBaroka ne- Orlando Pirates wethembisa ukuba nakho konke okulindeleke emdlalweni wamanqamu. Lokhu kungenxa yefomu ayikhombisayo lawa maqembu womabili.
Ubukhulu nobuncane kanye nomlando ngeke kusebenze njengoba womabili la maqembu enabadlali abasefomini nabaqeqeshi abakhaliphile.
Lo mdlalo uzobanjelwa eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth ngehora lesi-6 kusihlwa.
IBaroka eyasungulwa ngowezi-2007 izobe iqala ukuthi idlale umdlalo wamanqamu esigabeni esikhulu. IPirates isidlale umdlalo wamanqamu walo mqhudelwano amahlandla ayisishiyagalolunye, kodwa isakwaze ukuthi iwunqobe kanye ngowezi-2011 ibhaxabula iBidvest Wits ngamagoli amathathu kwelilodwa emdlalweni owawubanjelwe eMoses Mabhida Stadium.
Isikhulu seBaroka uKhurishi Mphahlele uthe bayayihlonipha kakhulu iPirates kodwa emdlalweni wakusasa kuzophela konke lokho.
“Uma ukhuluma ngamaqembu amakhulu lapha eNingizimu Afrika iPirates ingelinye lawo, ingakho siyihlonipha kodwa kusasa konke lokhu kuzophela eNelson Mandela Bay Stadium. Abadlali bethu basefomini enhle ukuthi bengayiqumba phansi iPirates. Angingabazi ukuthi le nkomishi izoya eLimpopo,” kusho uMphahlele.
IBakgaga (okuyigama lokuteketiswa leBaroka) ngaphambi kokuthi ifi ke kulo mdlalo wamanqamu, yahlula iLamontville Golden Arrows ngamagoli amabili eqandeni koweLast 16, koweLast 8 yabhaxabula iMamelodi Sundowns ngawo futhi amagoli amabili eqandeni. Emdlalweni wamaSemi-Final yatholana neBidvest Wits okuyiyo enqobe lo mqhudelwano ngesizini edlule, yayihlula ngegoli elilodwa eqandeni.
UMphahlele eqhuba uthe: “Ukufi ka kwethu emdlalweni wamanqamu kuyasijabulisa kodwa okuzosijabulisa kakhulu ukuthi sibe ngompetha balo mqhudelwano. Ngesikhathi sifi ka ku-Absa Premiership sazitshela ukuthi sifuna ukubalwa namanye amaqembu asenqobe izicoco, ukunqoba kwethu kuzoba isiqalo sesifi so sethu,” kubeka uMphahlele.
EzikaMilutin “Micho” Sredojevic oqeqesha iPirates ngaphambi kokuthi zifi ke kulo mdlalo, emdlalweni weLast 16 zahlula iChippa Untied ngegoli elilodwa eqandeni, koweLast 8 zabhaxabula AmaZulu FC ngamagoli amathathu kwelilodwa. Emdlalweni wamaSemi-Final lezi zinkunzi zaseSoweto zitholane phezulu nomkhaya bazo iKaizer Chiefs, zababhaxa ngamagoli amabili kwelilodwa.
USredojevic ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo uthe: “Iqembu lethu linabadlali abasezingeni kodwa ngalokho akusho ukuthi kumele sithathe izitha zethu kancane, iBaroka iyiqembu elincane kodwa indlela eyenza ngayo muva nje ikhombisa ukuthi ivuthiwe. Sifuna ukuthi sisinqobe noma ikanjani lesi sicoco, siqede ishobolo leminyaka emithathu,” kusho uSredojevic.
IPirates yagcina ukunqoba isicoco ngowezi-2014 ngeNedbank Cup.
Okhulumela iTelkom uBram Wessels uthe kuyabajabulisa ukuthi emdlalweni wamanqamu kukhona neqembu elikhulu.
“Singabaxhasi siyathemba ukuthi abalandeli bazoyigcwalisa inkundla, kwazise kulo mdlalo kuzobe kuneqembu elikhulu okuyiPirates. Nyakenye umdlalo wamanqamu udlalwe iWits neBloemfontein Celtic, abalandeli abafi kanga ngobuningi babo. Siyathemba ukuthi kulo nyaka uzoba khona umehluko,” kusho uWessels.
Abadlali okulindeleke ukuthi basize iBaroka ifeze iphupho likaMphahlele, uTalent Chawapiwa, u-Elvis Chipezeze, uJemoddre Dickens, uMduduzi Mdantsane noThabiso Semenya.
KweziMnyama zona bayaziwa abadlali okuzothenjelwa kubona. Labo badlali wuThembinkosi Lorch, uVincnet Pule, uJustin Shonga, uXola Mlambo noClifford Mulenga.
Uma iPirates ingakwazi ukuthi ibhincisele nxanye iBaroka kobe kusho uBen Motshwari uzobe eseyinqoba okwesibili kulandelana kwazise uyinqobile neWits ngesizini edlule.
Selokhu kwaxhaswa iTelkom Knockout ngowezi-2006, amaqembu asenqobile ilawa.
- Ngowezi-2006 yaphakanyiswa iSilver Stars
- Kwathi ngowezi-2007 yanqotshwa iKaizer Chiefs
- Ngowezi-2008 yanqotshwa i-Ajax Cape Town
- Ngowezi-2009 nangowezi-2010 yanqotshwa iChiefs
- Kwathi ngowezi-2011 yanqotshwa iPirates
- Kwase kuthi ngowezi-2012 yanqotshwa iBloemfontein Celtic
- Ngolandeyo wangowezi-2013 wanqotshwa iPlatinum Stars
- Ngowezi -2014 kwaba iSupersport United
- IMamelodi Sundowns kwaba yiyo ompetha bangowezi-2015
- Ngowezi-2016 wanqotshwa iCape Town City
- Nyakenye iBidvest Wits yiyo ebe ngompetha bangowezi-2017
IChiefs iyona kuphela esakwaze ukuthi inqobe lo mqhudelwano kabili kulandelana.
Ozonqoba lo mqhudelwano uzokhala emuke nendebe kanye nemali eyizigidi ezine, ophume isibili athole isigidi nesigamu.