OweDA uvuma ukunethwa yizinduku kulo nyaka
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UKUKHISHWA kabuhlungu kweMeya yeDemocratic Alliance uMnu u-Athol Trollip kuMasipala iNelson Mandela Bay emuva kokuphela komshado wabo ne-Economic Freedom Fighters nokwehluleka ukunameka ngamacala obeyiMeya yaseCape Town uNkk uPatricia De Lille ukuze aphume esikhundleni ngezinye zezinto ezisobala ezenze lo nyaka kwangaba owaleli qembu.
UNkk uDe Lille uze waziphumela kulesi sikhundla emuva kwezivumelwano neqembu, kanti nombiko weqembu owawumbheca ngokuthi wasebenzisa imali kaMasipala ukuqinisa ezokuphepha emzini wakhe ngoLwesithathu kuvele ukuthi wayemane ebhecwa ngobende inyama engayidlanga. Nomholi weDA uMnu uMmusi Maimane uyakuvuma ukuthi eyaseNelson Mandela Bay yabaphula umphefumulo.
Ekhuluma nabasebenzi beqembu ekomkhulu lalo iNkululeko House eGoli ngoLwesithathu uMaimane uthe, “Akudingi ukuthi ngize nginitshele ukuthi u-2018 bekungunyaka onzima kuDA. Ezinyangeni ezili-12 ezedlule iqembu lethu belivivinywa ngazo zonke izindlela ongazicabanga kodwa besingesodwa ekubhekaneni nesimo esinjengalesi,” kusho uMaimane.
Uthi amaqembu anjengeDA abhekene nesikhathi esinzima emhlabeni wonke njengoba labo abazifunela udumo beya ngokwanda. Wenze isibonelo ngesimo esibhekene noMengameli waseFrance uMnu u-Emmanuel Macron. Sekuphele amasonto amathathu kunemibhikisho enodlame eFrance kulandela ukuqubuka kweqembu eselibizwa ngelama “vest aphuzi” eliphikisana nesinqumo sikaHulumeni wakhona sokwenyusa intela kaphethroli. Kushiswe izimoto kwacekelwa phansi ingqalasizinda uMacron waze waphoqeleka ukuba akumise ukuyenyusa kube kuba kuyabuyekezwa emuva kwezinyanga eziyisithupha.
“KuMasipala iNelson Mandela Bay, salwa kanzima ukuchitha umfelandawonye omusha we- ANC, i-EFF ne-UDM ogcwele inkohlakalo ukuba ungasondeli ezintweni ezithinta amathenda nesabelomali sikaMasipala. Ukuphoxeka kwethu kulo Masipala okwesikhashana ngiyethembisa ukuthi sisazoba noHulumeni weDA futhi.”
Uthe noma bekungunyaka onzima eqenjini lakhe kodwa bakukhombisile ukuthi bangakwazi ukubhekana nezimo ezinzima empilweni, futhi bangakwazi nokumelana nemibango yangaphakathi nezinkulumompikiswano babuye beyiqembu elibumbene. Uthe alikho elinye iqembu ebelingakwazi ukubhekana nalesi simo lilungise zonke lezi zinto ngaphandle kweDA. “Bafowethu izinyanga eziyisithupha ezizayo kuzoba ngezinzima kakhulu emlandweni wezwe lethu. Kuzoba umkhankaso wokhetho obalulekile abanye benu abangakaze basebenze kuwo. Uma sibuyela ngonyaka ozayo angeke sipholise maseko kuzomele singene emgwaqeni,” kuphetha uMaimane.