Now Reading
NjengoMandela uncelise amawele kwelomhlaba
Dark Light

NjengoMandela uncelise amawele kwelomhlaba

ININGIZIMU Afrika ihleli phezu kwentabamlilo engadubula noma yinini. Le ntabamlilo wudaba oluthinta umhlaba. Lokhu kugqame kakhulu ngesikhathi amaqembu epolitiki engcweka ngalolu daba. Amaqembu abephendula inkulumo ngqangi kaMenagemeli wezwe uMhlonishwa uRamaphosa. Ethula inkulumo ngoLwesihlanu uRamaphosa ume esinqumweni senhlangano yakhe eyasithatha ngonyaka owedlule lapho yathi umhlaba uzobuyiselwa kubanikazi bawo ngaphandle kwesinxephezelo. Yize lesi sinqumo sabe singadinge kutolikwa kwabanye, ezinkulumweni eziningi ezilandela inkomfa yeqembu elibusayo uRamaphosa uhumusheka njengobeka imibandela kulolu daba. Ekhuluma ngesikhathi ehambele koMkhulu oSuthu ngenyanga kaMasingana wathi ukubuyiselwa komhlaba akumele kuphazamise ukukhiqizwa kokudla.

Le nkulumo kaMhlonishwa uRamaphosa ingabukeka imsulwa ngoba cishe wonke umuntu uyakudinga ukudla. Nokho nxa ibukwa ngeso elibanzi inenkulumo. Ngaphansi komkhankaso iBlack Monday lapho iningi lamaBhunu lagcwala izitaladi likhononda ngalokho elabe likubiza ngokubulawa kwabalimi. Lapha kwakungakhulunywa ngabalimi nje, kepha kwakukhulunywa ngabalimi abamhlophe. Yize kungekho owabe eliphimisa kepha kulabo ababeyingxenye umbulali lapha wayengemhlophe. Ezingqwembeni ezabe ziphethwe yilabo ababeyingxenye yomkhankaso kwakubhalwe ukuthi; ‘Ningabulali lowo okondlayo!’ Nesithi; ‘Uma engekho umlimi akukho ukudla.’ Le nkulumo njengaleyo kaRamaphosa iyakhuluma futhi kukhona ekufakazayo nokungenzeka ukuthi uMengameli yena wabe engaqonde khona. Akuyona imfihlo ukuthi amaBhunu azibona njengabakhiqizi bokudla, futhi ayakholwa ukuthi yiwo angumgogodla nxa kufika ekukhiqizweni kokudla.

Uma lokhu kuliqiniso inkulumo kaRamaphosa ingahumusheka ngokuthi uma ethi ekuthathweni komhlaba akungaphazamiseki ukukhiqizwa kokudla wabe ethi awangaphazanyiswa amabhunu noma abalimi abamhlophe. Uma kunjalo pho uzothathwa kubani lo mhlaba okuthiwa awubuyiswe. Ukuphi nezwe? Ephawula ngenkulumo kaMengameli umholi weCongress of the People (Cope) uMhlonishwa uMosiuoa Lekota ubuze uRamaphosa ukuthi lokhu akhuluma ngakho kokubuyiswa komhlaba uzokwenza kanjani njengoba okwamanje kuzwakala njengento engekho emthethweni. “Uzoguqula uMqulu Wamalungelo noma uMthethosisekelo?” kubuza uLekota. Akagcinanga lapho uMhlonishwa uRamaphosa njengoba eqhubekile nokucijisa imikhonto eyibhekise kuMengameli wezwe ngenkulumo yakhe. “ISigaba 25 [soMthethosisekelo] sithi akukho muntu ongaphucwa unhlaba. Sibuye sithi lapho kunokuthathwa khona komhlaba kufanele kube nesinxephezelo,” kusho uLekota. Ngisho ngabe uyaphikisana nalo mbuzo njengoba amalungu e- Economic Freedom Fighters (EFF) abenza, iqiniso lithi lo mbuzo umqoka ngoba impendulo yawo ibizosho ukuthi kuqalwaphi nokuthi kugcinwaphi ngalolu daba.

Umbuzo ongumgoga Yize lo mbuzo umqoka esigabeni senkulumo kaMengameli wezwe neqembu lakhe kepha ubukeka umqoka kakhulu kuRamaphosa siqu. Lo mholi utuswa ngokuba ngomunye walabo abenza kube khona umthethosisekelo wonyaka we-1996. Naye luqobo ubewutusa lo mthetho njengohamba phambili emhlabeni. Inkinga noma umgoga kulo mbuzo yilona. Uma uRamaphosa ethi akuphulwe uMthethosisekelo njengoba uLekota esho, imilomo izokhuluma. Kanti nxa ethi akuguqulwe uMthethosisekelo kusho ukuthi uvuma lokhu okuvame ukushiwo ngabanye ukuthi kwase kuqaleni lo Mthethosisekelo wabe ‘uthengise’ ngalokho okuwumongo womzabalazo waboHlanga, okuwumhlaba. Nxa usonga konke ngalolu daba kusobala ukuthi uRamaphosa usenkingeni efanayo naleyo eyabe ibheke ingqwele yakhe umufi uMandela. NjengoMengameli wokuqala wezwe ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi waphoqeleka ukuthi ekuhambeni kwakhe ancelise amawele; Kwakumele aqinisekise ukuthi izimfuno zaboHlanga ziyabhekelelwa kuthi kolunye uhlangothi anabukelise ukwesaba kwabelungu ngekusasa lezwe.

See Also

Kuyahluka ukwahlulela ekutheni ngabe waphumelela yini uMandela kulokho njengoba kukhona abathi imizamo yakhe yenza kwangaba nombhedukazwe wempi phakathi kwezinhlanga. Ngakolunye uhlangothi bakhona abathi ukwenza kwakhe yikho okusenza nanamuhla eminyakeni engama-24 enkululeko sisakhuluma udaba lomhlaba nomnotho okumele ubuyele kwaboHlanga. Bamsola uMandela ngakho belu ukuncelisa amawele. Kusesekuseni ukusho ukuthi uRamaphosa uzophumelela yini ekwenzeni imilingo. Khona lapho kukhona angakufunda ekwenzeni nasemiphumeleni yalokho okwenziwa nguMandela. Lokhu kokuthi abantu kabakhohlwa wukuthi kwabe kuyini umongo womzabalazo nanokuthi udaba lomhlaba nxa kungabhekwana nalo ngqo luyofana nentabamlilo okulindeleke ukuthi igqabuke noma yini.

Scroll To Top