Babheke lukhulu kuMakhosi ngowezi-2019



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
KUWONA wonke amaqembu agijima kuPremier Soccer League (PSL), kubukeka iKaizer Chiefs kuyiyona esematheni kulezi zinsuku futhi edonsa namehlo abalandeli bebhola jikelele ngenxa yezinto eziningi eziqhubeka ngaphakathi kuyo.
Ngeledlule ixoshe umqeqeshi uGiovanni Solinas nesekela lakhe uPatrick Mabedi emuva kokubhaxabulwa kabili izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates. USolinas bekungakapheli nezinyanga eziyisithupha ethathe izintambo kodwa waphikwa yimiphumela eNaturena.
Ngesikhathi abalandeli besalindele ukuthi leli qembu lisazohlala esinye isikhathi ngaphandle komqeqeshi iMeneja yalo uBobby Motaung akapholisanga maseko wamemezela u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi nesekela lakhe uShaun Bartlett. Kuleli sonto ibithe chithi saka imidlalo yePSL kwazise amanye abeyivala ngaphambi kwekhefu lamaholidi kaKhisimusi, kodwa obubhekwe kakhulu bekungophakathi kweKaizer Chiefs neSupersport United eMbombela Stadium. Lona kungumdlalo wokuqala wethimba elisha labaqeqeshi. Amakhosi awabaphoxanga abalandeli enqoba ngegoli elilodwa eqandeni elivalelwe phakathi uGeorge Maluleka ngomzuzu wama-64 okube igoli lakhe lokuqala selokhu kuqale unyaka. IChiefs idlalise okwamakhosi angempela, kugqame kakhulu ukuhlangana nokuzimisela kwabo bonke abadlali.
Ngesikhathi abalandeli besalindele ukuthi leli qembu lisazohlala esinye isikhathi ngaphandle komqeqeshi iMeneja yalo uBobby Motaung akapholisanga maseko wamemezela u-Ernst Middendorp njengomqeqeshi nesekela lakhe uShaun Bartlett. Kuleli sonto ibithe chithi saka imidlalo yePSL kwazise amanye abeyivala ngaphambi kwekhefu lamaholidi kaKhisimusi, kodwa obubhekwe kakhulu bekungophakathi kweKaizer Chiefs neSupersport United eMbombela Stadium. Lona kungumdlalo wokuqala wethimba elisha labaqeqeshi.
Amakhosi awabaphoxanga abalandeli enqoba ngegoli elilodwa eqandeni elivalelwe phakathi uGeorge Maluleka ngomzuzu wama-64 okube igoli lakhe lokuqala selokhu kuqale unyaka. IChiefs idlalise okwamakhosi angempela, kugqame kakhulu ukuhlangana nokuzimisela kwabo bonke abadlali.
ISupersport iye kulo mdlalo ingaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba isanda kushaywa iMamelodi Sundowns ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni wePSL ngempelasonto edlule. Emdlalweni wangoLwesithathu uMaluleka ubuye waqokwa njengomdlali ovelele. Ephawula emuva komdlalo uthe, “Sisebenze kanzima ukunqoba lo mdlalo ngoba besiwadinga amaphuzu aphelele. Umqeqeshi wethu omusha ugcwele ukuzethemba futhi uzokwazi ukuhlanganisa iqembu. Kunezinsukwana nje umqeqeshi ethathe izintambo kodwa ukubeke kwacaca kithina ukuthi ufuna siwunqobe nakanjani lo mdlalo.
Usitshele ukuthi kumele sidlale njengeqembu nebala sakwenza lokho njengoba sikwazile ukunqoba ekugcineni,” kusho uMaluleka. Amakhosi akhombise okukhulu ukuzimisela kulo mdlalo kubonakala nokuthi ahlangene njengeqembu njengoba abagadli bakhe amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa bevinjwa izitobha zeSupersport United nonozinti wayo.
Ukukhombisa kweChiefs ukulangazelela ukunqoba kugqame zisuka nje ngoKhama Billiat umdlalo usanda kuqala kodwa imizamo yakhe yavinjwa uMorgan Gould. ULeornado Castro noLebohang Manyama nabo bebengazibekile phansi benza konke ukufi ka qathatha emapalini e-United kwasebenza isipiliyoni sikaRonwen Williams ezintini. Abalandeli baMakhosi abebebambe umoya ngalo mdlalo, ithe ikhala indweba emuva kwemizuzu engama-90 bangapholisa maseko bangena ezinkundleni zokuxhumana bephawula ngendlela iqembu elidlale ngayo. UThuli Mango ubhale ukuthi, “Bakwethu asibe neqiniso iKhosi lidlale ibhola eliphezulu kakhulu obese kunesikhathi eside sililambele. Siyethemba ukuthi isazodlala ifi limu kutatazele amabhulukwe”. UNgazo Zibini uthe babone iKaizer Chiefs yakudala abakhula beyilandela, hhayi lena kaSolinas noMabedi.
USaaz Saida uthe badlale njengeKaizer Chiefs yangempela wadlulisa ukubonga kumqeqeshi omusha uMiddendorp nesekela lakhe uBartlett wavala ngokuthi basazoqhubeka nokweseka leli qembu. USylvester Phalanndwa uthe, “Sibonga kakhulu kuMakhosi ngokusinika isipho sikaKhisimusi njengoba lona bekungumdlalo wethu wobalulekile. U-Ernst Middendorp ukubuyisile ukwethenjwa kweqembu ngabalandeli. Silindele lukhulu kuwena ngokuqala konyaka ozayo.”
Kukhona nabanye abalandeli abakhale ngabadlali njengoKhabazela Mkhize okhale kakhulu ngokudlaliswa kukaKatsande athe okungenani kumele kushintshwe indawo ayidlalayo.
Ngaphambi kwalo mdlalo uMidedendorp unxuse abalandeli ukuba behlise umoya babambisane nabo ekwakheni kabusha iqembu ukuze kubuye udumo lwayo.