Now Reading
UMashaba uthi kulahleke izigidi ngenxa yobugebengu
Dark Light

UMashaba uthi kulahleke izigidi ngenxa yobugebengu

UMASIPALA waseGoli usulahlekelwe imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R300 ngokwebiwa kwempahla nokucekelwa phansi kwengqalasizinda, kanti kunovalo lokuthi izindleko zinganda uma beqhubeka nokwenza ucwaningo.

UMeya uMnu uHerman Mashaba uthi ukubone lokhu ngesikhathi behlola izakhiwo ezingaphansi kukaMasipala namalungu omkhandlu wakhe.

Uthi abakuqaphelile ukuthi ugesi owebiwa kakhulu okwenza labo abawukhokhelayo bathwale izindleko zamaqola.

“Abacwaningi bezimali bangitshele ukuthi izindleko sezizonke zokwebiwa kwempahla nokucekela phansi zingaphezulu kwezigidi ezingama-R300,” kusho uMashaba izolo.

Ugxeke kakhulu izigebengu ezicekela phansi izigxobo zikagesi emgwaqeni ziphinde zintshontshe namakhebuli asuke esanda kufakwa njengama-Aerial Bundle Conductors.

Ukwebiwa kwamakhebuli kulahlekisa leli dolobha eliyisizinda somnotho eNingizimu Afrika ngokuningi ngenxa yokuthi kugcina sekuphazamise nokusebenza kwamarobhothi. Izindawo ezithintekile yilezi ezihanjelwa kakhulu nemigwaqo exhumanisa izizinda zomkhiqizo njengeCrown Interchange, iHeidelberg neJoe Slovo Interchange.

See Also

“Sihlushwa kakhulu ngabantu abaxhuma ugesi ngokungemthetho okugcina sekwenze ukuthi u-Eskom ukunqamule ukusebenza kukagesi sigcine singasakwazi ukuhambisa ngendlela izidingo kubantu,” kusho uMashaba.

Uthi okumkhalisa kakhulu ukuthi ngesikhathi benza konke okusemandleni ukuthumela izidingo emphakathini, ngakolunye uhlangothi kukhona abaphume inqina belimaza impahla okumele engabe ithuthukisa izwe nezimpilo zabo. “Asikwazi ukuvumela lobu bugebengu buqhubeke.”

UMashaba uyena kuphela iyiMeya yeDemocratic Alliance ohlala enconywa amalungu e-Economic Freedom Fighters ngokusebenza ngokungachemi nokungahambisi phambili izinhloso zeqembu.

Scroll To Top