Now Reading
Ubani okumele akhokhe isikweletu samarates uma kudayiselwana
Dark Light

Ubani okumele akhokhe isikweletu samarates uma kudayiselwana

ZINGAMA-29 kuNcwaba wezi- 2017 iNkantolo yoMthethosisekelo yakhipha isinqumo esasigcizelela ukuthi abanikazi abasha bezindawo nemizi abanaso isibophezelo sokukhokhela isikweletu esisuke sisele samarates esishiywe umnikazi wendawo omdala.

Ecaleni likaJordaan and Others v City of Tshwane Metropolitan Municipality and Others (CC) inkantolo yakhipha isinqumo ngomyalelo weNkantolo eNkulu yasePitoli oveza ukuthi umthetho iMunicipal Systems Act 32 of 2000 umthetho ongasebenzi ngokoMthethosisekelo. Lo mthetho uthi imali okumele ikhokhwe ngomsebenzi owenziwe umasipala kunoma yisiphi isakhiwo kumele izindleko zakho ziqondane naleso sakhiwo.

Lolu daba lwangena eNkantolo eNkulu emuva kokuba uMasipala waseTshwane nowas’Ekurhuleni bamisa, sakunqaba ukungena esivumelwaneni sokudluliselwa kwezidingo emizini yalabo ababefake izicelo zokuba labo masipala bangenelele. Lokhu kwakuncike ekutheni labo abafake izicelo, ababesanda kudluliselwa izindlu zingena ngaphansi kwamagama abo ziphuma ngaphansi kukamasipala

bakweleta umasipala ngezinto ezenziwa kulezi zindlu ngaphambi kokuba zingene ngaphansi kwamagama abo.

INkantolo eNkulu yathola lokhu kuphambana neSigaba 25 soMthethosisekelo. INkantolo yaveza ukuthi abanikazi abasha bemizi akukho okubaphoqa ukuba bakhokhele umasipala ngezikweletu ezenzeka imizi ingakangeni ngaphansi kwamagama abo.

UMasipala kwanqunywa ukuthi awukwazi nokudayila le mizi ukuze ukwazi ukuthola imali ewulahlekele ngokulungisa futhi awukwazi nokugoloza nokudlulisela usizo lwezidingo kubanikazi abasha ngoba uthi bayawukweleta. Ukuze kubhekwe isinqumo seNkantolo eNkulu ukuthi siyahambisana yini noMthethosisekelo, iNkantolo yoMthethosisekelo kwakumele icubungule ukuthi sikhona yini isigatshana esichaza ukuthi umuzi okanye isakhiwo esithi uma umnikazi omusha ewuthatha, kumele awuthatha nezikweletu zawo ezidalwe umnikazi wawo omdala.

UMasipala waseTshwane, Ekurhuleni nowaseThekwini ababephambili babemi kwelokuthi ukuze isakhiwo noma umuzi uthathwe njengosemthethweni futhi ozongena ngaphansi kwezinhlelo zokubhekelelwa ngezidingo zikamasipala, nohlelo lokwedluliselwa kwawo kumnikazi omusha kube ngolunobulungiswa kumele kubhekwane nezikweletu zawo futhi nomasipala kumele abe nendlela yokuthi lezo zikweletu uzoziqoqa kanjani. Lokhu kusho ukuthi umasipala kumele ube yibhela endlebeni kumnikazi omdala womuzi.

Labo Masipala bakubeka kwacaca ukuthi akukho okubavimbayo ekutheni basebenzise ezinye izindlela ukubuyisa izimali zabo kumnikazi omdala womuzi. Phakathi kokunye baveza ukuthi banawo namandla okumisa ukudluliselwa kobunikazi kulowo osezoba ngumninimuzi omusha kuze kube lona omdala uzikhokha zonke izikweletu zakhe.

See Also

Labo Masipala bazithola bengaphansi kwengcindezi ngesikhathi udaba selungenelelwa nayizinhlangano zomphakathi kwezezindlu nokuhlaliswa kwabantu njengeTUHF Ltd nabe Banking Association of South Africa (BASA), ehlanganisa amabhange nezinye izinhlangano ezitshelekisa ngemali uma uthenga umuzi. Esewonke amalungu eBASA angama-32.

Esinqumweni sayo inkantolo yathi isikweletu asiboli futhi asikwazi isikweletu samarates ukudluliselwa komunye umuntu ongenalwazi lwaso. Inkantolo kwadingeka ukuthi ibuyele emuva ikhulume nangoMqulu Wamalungelo Abantu kuleli cala ekuvikeleni umnikazi omusha wendlu owayesezophucwa ilungelo lakhe lokuba nendlu ngenxa yokuthi ababehlala kuyo babekweleta umasipala ngamarates. Inkantolo yabuye yaveza nokuthi kusemqoka ukuthi ngaphambi kokushintshwa kobunikazi kuyiwe emahhovisi kamasipala phambilini okwabe kungamahhovisi kaNsumpa kubhekwe ukuthi indlu inesikweletu esingakanani samarates nokuthi abekho yini abanye abantu abanobunikazi bawo abangavusa umhlwenga ngokuhamba kwesikhathi bekhala ngokuthi umuzi wadayiswa ngaphandle kokwaziswa.

Kwavela nokuthi miningi imizi egcina ingadayisekanga ngenxa yemibango esuswa isikweletu samarates.

Scroll To Top