Now Reading
Iya ngokushuba imidlalo yangempelasonto ku-EPL
Dark Light

Iya ngokushuba imidlalo yangempelasonto ku-EPL

YONKE impelasonto ku- English Premier League kunomdlalo osuke ubhekwe ngabovu ngabalandeli njengoba kunombango wesicoco kukhona nabavika izembe.

Ngeledlule umdlalo obumkhulu ubuphakathi kweTottenham Hotspur neChelsea FC njengoba kulena kubhekwe yona futhi iTottenham ne-Arsenal FC.

Njengayo yonke imidlalo yomkhaya, nakulona wezinkunzi zaseLondon kunzima ukuqagula okungenzeka kodwa into engabuzwa ukuthi la maqembu agabe ngabaqeqeshi abanamava nabadlali abasefomini kulezi zinsuku.

Lo mdlalo ungeSonto ntambama e-Emirates Stadium okuyinkundla ye-Arsenal kodwa neTottenham evamise ukuyisebenzisa uma idlala imidlalo yasekhaya ye-UEFA Champions League.

Kuze kube yimanje la maqembu izinto ziwahambela kahle kuligi njengoba ebalwa namahlanu aphezulu.

EzikaMauricio Pochettino weTottenham Hotspur zizoya kulo mdlalo zihambela phezulu, njengoba emdlalweni wazo weligi ngeledlule zibhaxabule iChelsea ngamagoli amathathu kwelilodwa avalelwa phakathi uDele Alli, uHarry Kane noHeung-min Son, eleChelsea lashaywa u-Olivierv Giroud.

I-Arsenal ecijwa u-Unai Emery ngeledlule inqobe ngamagoli amabili ekuhambeni ihlula iBournemouth. Ngesizini edlule lezi zinkunzi zitholane emidlalweni emibili yeligi kowokuqala i-Arsenal yanqoba ekhaya ngamagoli amabili eqandeni, kowesibili iTottenham yaziphindiselela inqoba ngegoli elilodwa eqandeni.

USon, u-Alli, uKane noLucas Moura beTottenham ngabadlali okubhekeke ukuba bathwalise kanzima uHenrikh Mkitaryan, u-Alex Iwobi, u-Aaron Ramsey noPierre-Emerick Aubameyang be-Arsenal.

See Also

Isiyonke imidlalo ye-EPL kule mpelasonto ihlelwe kanje:

Namhlanje: Cardiff vs Wolverhampton (eCardiff City, ngele-22:00 kusihlwa)

Kusasa: Manchester City vs Bournemouth (e-Etihad Stadium, ngele-17:00 ntambama); Newcastle vs West Ham (eST James Park Stadium, ngele-17:00 ntambama); Leicester City vs Watford (eKing Power Stadium, ngele-17:00 ntambama); Crystal Palace vs Burnley (eSelhurst Park, ngele-17:00 ntambama); Huddersfield vs Brighton & Hove Albion (eThe John Smith’s Stadium, ngele-17:00 ntambama); Southampton vs Manchester United (eST Mary’s Stadium ngele-19:30 kusihlwa)

NgeSonto: Chelsea vs Fulham (eStamford Bridge Stadium, ngele-14:00 emini), Arsenal FC vs Tottenham Hotspur (e-Emirates Stadium, ngele-16:05 ntambama); Liverpool vs Everton (e-Anfield Stadium, ngele- 18:15kusihlwa)

Scroll To Top