I-The Playhouse iyisikhungo somphakathi ngokugcwele



UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
IThe Playhouse Theatre yindawo edume kakhulu emphakathini weTheku namaphethelo ngokuletha ezobuciko ezinhlobonhlobo kuzakhamuzi zasezindaweni ezizungeze leli dolobhakazi kude naseduzane. Kungaba kukhulunywa ngemidlalo yeshashalazi, ukuhaywa kwezinkondlo noma umculo iThe Playhouse ikuphethe konke. Nokho yize kunjalo, baningi abanye abantu okuthi uma bebuzwa ngalesi sikhungo kuvele kudume upotiyane ngoba kubona lesi sikhungo siyindawo abayibukela kude nabangaboni ukuthi ngabe ibathinta uma kwenzenjani.
IBAYEDE izinike isikhathi sokuphenya kabanzi ngokungabe kumelwe yilesi sikhungo. Lokhu iphephandaba likwenze ngokuthi lizinike isikhathi sokubamba ingxoxo ekhethekile nothathwa njengendlovukazi eyengamele lesi sikhungo sobuciko uNks uLinda Bukhosini osenesikhashana esezintanjeni zokuba yisikhulu esiphezulu, iChief Executive Officer (CEO) yeThe Playhouse Company eyengamele iThe Playhouse Theatre okuyiyona esingatha konke okwenzeka kulesi sikhungo. Kuningi okuvele engxoxweni okugqamise ukuthi lesi sikhungo sinomsebenzi ongaphezulu kakhulu kwemisebenzi yobuciko elethwa kuso kodwa siyindawo lapho kuhlanganela khona umphakathi.
“Ngolimi olwejwayelekile leli yihholo lomphakathi ngokugcwele elifana nanoma yiliphi olithola endaweni yangakini. Umehluko ngaleli wukuthi lingelezinga lobuchwepheshe obuphezulu ongeke wabuthola endaweni yangakini,” kubeka uNks Bukhosini. Iphephandaba liqhubeka limbuza ukuthi buchwepheshe buni akhuluma ngabo ubale imisindo, amalambu, intuthu nesiteji esakhiwa siguquguquke sihambisane nokusuke kukhonjiswa okungaba wumdlalo weshashalazi noma umculo.
“Angiqambi manga uma ngithi lokhu akukho emahholo alapho uqhamuka khona noma elokishini mina qobo ngingowakwaBukhosini engikhulele kulo. Lokhu okwenza iThe Playhouse yehluke kusuke kunguphumela wezandla nemiqondo yabantu abakufundele bagogoda abakwenzayo. Bafika lapha eThe Playhouse siphinde sengeze ulwazi lwabo ngokuphinde silolonge amakhono asesikoleni abafika nawo eseluhlaza ngoba bengenasipiliyoni sokwenza osekuzodluliselwa emphakathini,” eqhubeka ebeka okaBukhosini ochaze nokuthi ngenxa yezinga lobuchwepheshe be-The Playhouse kubalulekile ukuthi abanesifiso sokubona imisebenzi yabo ikhonjiswa kule ndawo balethe imisebenzi ephekwe yavuthwa ukuze ihambisane nobuchwepheshe besimanje obukule ndawo.
Ukuchaza kukaBukhosini ngale ndlela kuvuse omunye umbuzo wokuthi uma lesi sikhungo sikuleli zinga alichazayo sibasiza ngani pho abantu abasemazingeni aphansi okungaba abasemalokishini nasezindaweni ezingaphandle kwamadolobha.
“Impilo yomphakathi siyi-The Playhouse siyithinta ngezindlela eziningi. Sinesiteji esingumahamba nendlwana esisiletha ngqo emphakathini esinabo bonke ubuxhakaxhaka bemisindo namalambu obutholakala eThe Playhouse. Sisuke senzela ukuthi nomuntu ongakaze angene eThe Playhouse abe nesithombe sokwenzeka emidlalweni esezingeni labakhokhelwayo. Ngaphezu kwalokho sisuke silethele imiphakathi imiyalezo yezinto ezithinta impilo yansukuzonke. Kubafundi sisuke silethe imidlalo exwayisa ngengozi yezidakamizwa, ukukhulelwa kwentsha, wukubaluleka kwemfundo, ezemvelo nokunye okuningi okusuke kuqukethwe emidlalweni ethulwa ngamaciko asemnkantshubomvu nakhokhelwayo ngakwenzayo.”
ULinda Bukhosini uqhubeke wenza izibonelo zokuhambisana kwabo nezikhathi beyi-The Playhouse ngokuchaza ukuthi njengoba isikhundla sakhe sikuphethe kukubili ukuba yisiKhulu Esiphezulu nokuba nguMqondisi wezoBuciko abazigqaja ngakho wukuthi sebekwazile ukuthi benze imisebenzi elethwa eThe Playhouse ihambisane nezikhathi zonyaka.
“Kade kuyinyanga yabesifazane nje besilethe abesifazane abavelele emculweni abafana noDkt uNothembi Mkhwebane, uTu Nokwe, Izingane Zoma noVumile bezonandisa ngomculo. Akugcinanga lapho ngoba kube nezingxoxo ebezisingethwe ngochwepheshe besifazane emikhakheni eyehlukene yempilo. Njengoba kuqala inyanga yamagugu nakhona kuningi esizokuletha okukhomba isikhathi esikuso. Empeleni kuze kuphele unyaka silethela imiphakathi yethu lokho okuyithintayo ngezindlela ezehlukene.”
Esekushilo konke okuyizinkomba zokusebenza ngokuzikhandla kwalesi sikhungo nethimba abambisene nalo ukuphawulile ukuthi zikhona izingqinamba isikhungo esibhekene nazo. Eqhulwini ubale inkinga yezimali ebalimaza kakhulu ekuvuleni amathuba amaningi kumaciko nasekwenzeni ngempumelelo lokhu isikhungo esikumele okuwugqugquzela ubuciko nokuvuselelwa kwamasiko ezizweni ezakhele iNingizimu Afrika.
“Ngokwezimali sincike kakhulu eMnyangweni kaZwelonke wezoBuciko namaSiko. Ngalena kwalokho sethembele ekuthini imisebenzi yobuciko ezolethwa eThe Playhouse kube yiyo ezosakhela imali ngokuthi ikwazi ukudonsa izibukeli ezizokhokha ukuze ngaleyo mali sikwazi ukusiza abafuna ukuletha imisebenzi yabo eThe Playhouse sikhokhele abenza imisebenzi yobuchwepheshe,” kuchaza uLinda.
Akudalule njengesifiso sakhe esinqala ukubona isikhungo iThe Playhouse siba yinkundla ebanzi yokuxoxisana ngezinkinga ezikhungethe leli lizwe. “Imiphakathi yethu ikhungethwe yizinkinga eziningi. Nakhu nje sixakwe wudlame oluthinta abakuleli nabokufika nokunye okuningi okungahambi kahle. Izingxoxo zingafika ekujuleni kwalesi sihlava, kutholakale umnyombo nezixazululo. Isikhungo sethu singazisingatha kalula lezi zingxoxo ngoba sinamagumbi avuleke ngokwanele.”
Ngaphandle kobukhazikhazi isikhungo asesiphendule saba yikho njengoba sivuselelwe ngesikhathi sakhe, uzigqaja ngokuthi eminyakeni eyisishiyagalolunye ilandelana, ngaphansi kweso lakhe, lesi sikhungo sithole umbiko womcwaningimabhuku ongenagcobho. Ephetha ngendlela kwabanye ebingezwakala sakuqhosha okaBukhosini uthe, “Le mpumelelo ekuphatheni kahle izimali yenzeka lapho abanye abasezikhungweni ezifuze lesi sethu benezinkinga zemibiko engemihle kwezezimali. Kuyajabulisa ukuthi phezu kwezingqinamba kukhona esikwenza kahle.”