AmaBhokobhoko afuna uuqeda ishobolo leWales
UMDLALI osephenduke isithenjwa kumaBhokoBhoko, uHandre Pollard uthi imkitaza ngaphakathi indlela adlala ngayo muva nje.
UPollard oyifly-half usanda kusiza amaBhokoBhoko eguqisa iFrance ngamaphuzu angama-29 kwangama-26.
Ngeledlule uPollard odlalela amaBlue Bulls agijima kuSuper Rugby ukuphindile lokho amaBhokoBhoko ebhekene neScotland eBT Murrayfield
benqoba ngamaphuzu angama-26 kwangama-20, utholele elakuleli amaphuzu ali-18 okubalwa itry namapenalty amathathu.
“Indlela engidlala ngayo iyangijabulisa kakhulu ngoba umdlalo nomdlalo ngiyalinyusa izinga. Kuningi okusangihlalele okunye kwakho okuwukuthi ngilwele indawo yami njengoba kuza iNdebe YoMhlaba,” kusho uPollard.
Usendaweni yesithathu kwabahamba phambili ngamaphuzu angama-336. Ozihola phambili uMontgomery onamaphuzu angama-893, kuthi endaweni yesibili uMorne Steyn Morne onamaphuzu angama-736.
Kusasa ntambama ezikaRasi Erasmus zizozwana amandla neWales, ePrincipality Stadium. Lona kungase kube umdlalo oshubile ngoba iWales isefomini enhle. Ngeledlule ibukise ngeTonga iyibhaxabula ngamaphuzu angama-74 kwangama-24. La mazwe asetholane emidlalweni engama-34 amaBhokoBhoko anqobe engama-28, iWales yanqoba emihlanu badlala ngokulingana kowodwa. Okuzobonakala kuzoshubisa ukuthi emidlalweni emithathu kusukela ngowezi-2016 iWales isayinqobe yonke. Begcina ukuzwana amandla ngoNhlangulana, iWales yanqoba ngamaphuzu angama-22 kwangama-20.
Ephawula uPollard ngalo mdlalo uthe bazi kahle ukuthi balindele umdlalo onzima.
“Siyazethemba ukuthi singaliqeda ishobolo leminyaka emithathu, sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle,” kuphetha uPollard.
AmaBhokoBhoko azobeka amathemba awo ku-Aphiwe Dyantyi, uSbu Nkosi noJesse Kriel.