Now Reading
UBerman nemizamo yokubuyisa uNoni Tenge eringini
Dark Light

UBerman nemizamo yokubuyisa uNoni Tenge eringini

UMPETHA wokuqala womhlaba kwabesifazane uNoni Tenge uzowudla kabuhlungu uKhisimusi njengoba ezobe ezilungiselela impi yokuqala azoyilwa emuva kwesikhathi eside engalwi.

Kule mpi ezobanjelwa ngoNhlolanja wezi-2019 e-Emperors Palace eGoli okuyikhaya lesibhakela uTenge uzobhekana nomshayisibhakela waseZambia uLolita Muzeya. Le mpi iqhathwa iGolden Gloves kanti inhloso enkulu yokuhlelwa kwayo ukuqoqa izimali zesikhwama sokusiza izingane ezinenkinga yobuso okwenza zingakwazi ukuhleka obizwa nge- Operation Smile.

UMuzeya usesigabeni seWBC Welterweight lapho eseqhulwini kuso, kanti uTenge usendaweni yesishiyagalombili. Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-37, yaseMdantsane e-Eastern Cape isanda kuhlangana nomqeqeshi waseGoli uPeter Smith okunguye oyicijela le mpi. Ugcine ukungena eringini ngoMandulo wangonyaka odlule ngesikhathi evikela ibhande lakhe leWBF junior-middleweight kuMapule Ngubane.

Umqhathi wezimpi uRodney Berman ongumakadebona esibhakeleni uthi uTenge ubuye ngelikhulu ishodi futhi kulesi sikhathi esifushane kungenzeka agcine eselwela isicoco.

“Okwamanje anginaso isiqiniseko sokuthi kungaba yisiphi isicoco kungenzeka kube iWBC silver okanye isicoco somhlaba,” kusho uBerman obekucaca ukuthi izindaba zokubuya kukaTenge zimshaya ngaphakathi.

Noma kufana nokuthi kuzobe kuyimpi yokuqoqa izimali kungalwelwa bhande, kodwa uTenge uthi uzozilungiselela njengoba esuke elwela isicoco ngoba lena kuzoba yimpi yakhe yokuqala emuva kwesikhathi esingaphezulu konyaka.

Usenqobe izimpi ezili-18 okukhona kuzo eyebhande leWBF, i-IBF welterweight neWBA juniormiddleweight.

Ezimpini zakhe kweziyishumi uzinqobe ngomlalisa phansi, wahlulwa kweyodwa kwezimbili balwa ngokulingana. Azozwana naye amandla uMuzeya akakaze ahlulwe ezimpini ezili-15 ezikhokhelwayo.

See Also

Ukubaluleka kwale mpi kubonakala ngokuthi ibanjelwe e-Emperors Palace. Uzoba umshayisibhakela wesibili ukulwela kule ndawo kulandela uLaila “She Bee Stingin” Ali waseMelika oyindodakazi kaMuhammad Ali owavikela isicoco sakhe kuGwendolyn O’Neill okuyimpi eyayihlelwe nguBerman.

Ephawula ngokuthi uTenge useqeqeshwa uSmith, uBerman uthe, “abaphathi bakhe yibo abaxhumene noPeter Smith ukuba amqeqeshe naye wavuma. Ngisezingxoxweni neWBC zokuba uTenge noMuzeya balwe impi yomhlaba njengoba uMuzeya ekleliswe phambili kwabesifazane.”

UTenge uzoba umshayisibhakela wokuqala wesifazane wakuleli ukuthi izimpi zakhe ziqhathwe iGolden Gloves.

Scroll To Top