Now Reading
Umthengi uvikelekile ngazo zonke izindlela ngokomthetho
Dark Light

Umthengi uvikelekile ngazo zonke izindlela ngokomthetho

EMUVA kokufunda ingosi emayelana nokusebenza komthetho kuleli phephandaba ebikhuluma ngomthetho ovikela abathengi iConsumer Protection Act 68 wezi-2008 insizwa yaseZimbokodweni enguSiyethemba Mzulwini ithe ithenge impahla yasekamelweni kwesinye sezitolo ezidumile zefenisha. Ithi emuva kwezinyanga ezimbili impahla iqale ukuxebuka kuthi noma ithelwe ngamanzi noma okusaketshezi izwele kakhulu. Ithi ixhumane nabesitolo sempahla bafika bezoyibheka maqede bayishintsha baletha entsha

Emuva kwesikhathi esifanayo kuphindile futhi lokho okuthe uma isithinta abesitolo bayitshela ukuthi kungenzeka ukuthi impahla igugiswa indawo akhe kuyo enomswakama owenza ukuthi iplangwe lizwele. Eqhubeka elandelela abesitolo bamtshele ukuthi kuncane abangamsiza ngakho ngoba impahla yakhiwa kwenye indawo nabo bayithenga isiphelele, bona abakwenzayo ukuyidayisa.

Ekulaleleni usizi lukaMzulwini sibone kubalulekile ukubuyekeza umbhalo obukhuluma kabanzi ngoMthetho Wokuvikelwa Kwabathengi iConsumer Protection Act. Lo mthetho ukubeka kucace ukuthi okudayisela impahla noma ongumkhiqizi wayo angazithola esenkingeni uma kuvela ukuthi kukhona ubudedengu obenzekile ngesikhathi kuhlanganiswa umkhiqiso kuze kube uyawuthumela. Isigaba 61 soMthetho iConsumer Protection Act we-68 wangowezi-2008 ukubeka ngokusobala ukuthi umkhiqizi wempahla, oyidayisayo nalowo oyisabalalisayo angabekwa icala uma kuvela ukuthi impahla leyo ayikho esimweni esikahle.

Kulezi zinsuku mkhulu umsindo kubathengi bezitolo zabokufika emalokishini ase-East Rand eGoli abakhala ngokuthi badayiselwa impahla esidlulelwe isikhathi Ngeledlule kusuke umsindo abakuleli bengena ezitolo zabokufika becekela phansi impahla abakholwa ukuthi isindala. Okunye abakushoyo ukuthi babuye bashaywe ngemfe iphindiwe badayiselwe ingulube isesakeni okuthi uma sebevula leyo mpahla emakhaya bathole ukuthi akuyona le ebhalwe ngaphandle.

See Also

Ecaleni le-Eskom Holdings Ltd v Halstead-Clerk 2017 SA owayefake icala uHalstead-Clerk washa ngendlela eyisimanga ehlangana nezintambo zikagesi ezazinomlilo zilenga ngesikhathi yena nomngtani wakhe beshova amabhayisikili. Lezi zintambo zikagesi zazilengela phansi ngenxa yokuthi izinyokanyoka ziyazidonsa ukuze zikwazi ukudonsa ugesi wamahhala.Icala elaliphambi kwenkantolo kwabe kungukuthi inkampani yakwa Eskom Holdings okuyiyona eyayiboshwa yayizimisele yini ngokuthwala lezo zindleko ngokulandela uMthetho . Ngesikhathi sekuqulwa icala bonke ababethintekayo bavumelana ngokuthi kungaxovwa izinto ezingahlangani. Kwakukhona ukukhuluma okuthi uHalstead Clerk akazange alimale ngesikhathi ebanjwa izintambo zikagesi. Inkantolo yanquma ukuthi u-Eskom kumele athwale zonke izindleko nakuba wanquma ukulidlulisa icala. UMehluleli uSchoemn uMehluleli uLewis, uMehluleli uFourie noMehluleli uMkgoba bathi esinqumweni esakhishwa iNkantolo eNkulu kukhona ubudedengu obenzeka njengokuthi kumele kube nobuhlobo phakathi kosabalalisa impahla nalowo esuke ithunyelwe kuye ukuze lowo osolwa ngokwenza icala (kukhokhu okungu Eskom) akwazi ukuthwala izindleko zomonakalo njengoba inhloso yoMthetho kungukuvikela abathengi. Kulolu daba owayefake icala wayengeyena umthengi futhi ngesikhathi elimala wayengasebenzisi ugesi

Ukuthunyelwa kwemikhiqizo engenakho ukuphepha , kulokhu okwabe kungugesi kokunye kuchaza ukuthi u-Eskom akukho lapho wenza khona okungalungile ngoba ugesi wona wawufaka ngendlela kwaba ukuthi sekuqubuka izinyokanyoka. Kwavela nokuthi uClerk wayengawusebenzisi ugesi ngaleso sikhathi ngakho ke wayengavikelekile ngaphansi komthetho. Leli cala kwatholakala ukuthi alingeni ngaphansi kohlu lokuvikelwa kwabathengi nobudlelwano phakathi komkhiqizi nomthengi.

Scroll To Top