Now Reading
Iyahlehla inqama: Ayaphuka amakhosana ka-ANC
Dark Light

Iyahlehla inqama: Ayaphuka amakhosana ka-ANC

ESINYE sezizathu okwabunjwa ngaso uVukayibambe okuwuPhiko Lwentsha lwe-African National Congress kwaba wumbono ojulile wokwakhela le nhlangano izikhuni (intsha) ezizokwazi ukuyigcina ivutha ilangabi layo lingashabalali. Nembala ababa sezikhundleni mhla iqala kwakuyizinsizwa ezabe zihlonishwa futhi zichithekile lapha ngenhla. Umholi wophiko lwentsha kwabe kunguMnu u-Anton Muziwakhe Lembede, isifundiswa nengcithabuchopho eyabe ihlonishwa. Babekhona noMnu u-Absolom Mda (1947– 1950) izilwane zakwamhlola. Abakhotha kulolu dengezi kwakunguMnu uNelson Mandela, uMnu uWalter Sisulu, uMnu uRobert Sobukwe kanye noMntwana wakwaPhindangene. Lesi singasho ukuthi kwabe kuyisizukulwane sekhethelo esakwazi ukuzibumba senza lokhu uKhongolose owabe ukuhlosile, okuwukukhwezela izikhuni zohlobo ukuze ilangabi lingapheli.

Lena yingxenye enhle yalo mlando. Ikhona nengeyinhle. Ngaphandle kokuthi uMengameli wokuqala kaVukayibambe wahamba emhlabeni esemncane nokwaphuca leli lizwe nomzabalazo inkanyezi nesigomagoma somholi, lolu phiko muva nje lwehlelwa umkhokha wokuphuka kwabaholi bayo. Yize bona bengadluli emhlabeni besebasha njengoLembede kepha izigemegeme zepolitiki zibavusa phansi. Labo abasinda kulokhu baphuma amanxiwa bakhe engxenye babe yizimbangi zale nhlangano. Uma nje kungabhekwa kubaholi abane abahole le nhlangano kule minyaka embalwa umkhokha lona uyaqapheleka. Kuqale ngokuthi loyo owayenguMengameli kaVukayimbambe uMnu uJulius Malema (2008-2012) abekwe amacala nokwathi emuva kokuqondiswa ubugwegwe waqoma ukuphuma inxiwa wasungungula inhlangano asengumholi kuyo i-Economic Freedom Fighters (EFF). Yize enza okufanayo nokukaMnu uRobert Sobukwe nowaphuma inxiwa wahola iPan Africanist Congress (PAC), umehluko kuMalema wukuthi okwakhe kwenzeke kungasewona umbangazwe kepha sekungumbusazwe.

Namuhla iqembu lakhe linezihlalo ePhalamende, eZishayamthetho nasemikhandlwini. Akuyona imfihlo ukuthi lapha uVukayibambe walahlekelwa yiciko elabe lilalelwa futhi lilandelwa yizinkumbi. Namuhla i-EFF ‘iyizenze’ elimise uKhongolose kabi ngoba iholwa ngamadodana namadodakazi ayo aphuma inxiwa. Omunye umholi ophelwelwe wudumo zisuka nje nguMnu uCollen Maine (2015 kuze kube manje). Lo mholi uphuke zisuka nje ngenxa yokungabi nalo ugazi kanjalo nezimekemeke zakhe. Muva nje uvume esidlangalaleni ukuthi ubeyimpaka yomndeni wakwaGupta nokwabe kufakazela lokhu okwabe kushiwo ngaye ukuthi akamholi walutho kepha ungumkhovu nempaka yabathile.

Akukho okutheni okungabhalwa ngalo mholi ngaphandle kokuthi kubukeka uVukayibambe azigwaza ngowakhe ekuqokeni lo mholi abanye abathi uyinhlekelele. Ngaphakathi kuHulumeni Bakhona abanye abaholi balolu Phiko abangaphakathi kuHulumeni nokuhambe kwahamba baphuka. Omunye kulindeleke ukuthi limsibekele izulu elagila ozakwabo. Kuqale ngoMnu uFikile Mbalula (2004-2008) ophuke ngesikhathi uMengameli omusha uRamaphosa emgawula ekubeni nguNgqogqoshe Wezokuphepha wafaka uMnu uBheki Cele. Ukuhoshwa kukaMbalula kwamangaza abaningi ngoba wabe esengubuso babantu abasha kwazise uMalema noMaine abathatha kuye babengasekho esithombeni. Akuphelanga zinyanga zingaki laphinde lalelesa ebuholini bentsha njengoba ngoLwesibili uGigaba (1996- 2004) esulile esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe. Ukusula kukaGigaba kulandela ingcindezi ebiqhamuka nxa zonke ngaphakathi eqenjini, kuHulumeni nasemphakathini.

See Also

Namuhla umholi wentsha osekhona kuHulmeni nowaziwayo nguMnu uMzwandile Masina oyimeya yasEkurhuleni nakuye okunezinkulumo zokuthi lingahle lelese. UMaine akakufihlanga ukungenami kwakhe ngalokho okwenzeke kuGigaba nakwabanye abaholi bentsha. Emlayezweni wakhe weTwitter uthe: “Kwaqala kwaba nguMokaba (1991-1994) owaqhubulushwa yiSigungu Esiphezulu, kwaba nguLulu Johnson (1994-1996) wakhishwa inyumbazana, uGigaba noMbalula bakhishwa, uMalema nabahambisana naye baxoshwa. Kodwa sibizwa ngekusasa.” Khona lapho lo mholi uthe luselude ukhalo nokufakazela khona ukuthi, uGigaba ekusuleni kwakhe kungenzeka ukuthi bekuwukuhlehla kwenqama.

Scroll To Top