Now Reading
Abezindaba basolwa ngokuba yizindibi zosopolitiki
Dark Light

Abezindaba basolwa ngokuba yizindibi zosopolitiki

ABEZINDABA, esikhathini esiphambilini, babengumpheme wokukhosela walabo ababefuna ubulungiswa. Lo msebenzi basawenze kahle kuze kube yimanje. Imibiko eshicilelwa muva nje kwamanye amaphephandaba isishiye imibuzo ngokungachemi kwabezindaba. Lapha akusakhulunywa nje kuphela ngezintatheli kepha umunwe usukhomba ngisho nakubashicileli. Lokhu akwenzeki eNingizimu Afrika kuphela kepha isililo sikhona kuwo wonke amagumbi omhlaba. Kwamanye amazwe lokhu akukusha. Emazweni asentshonalanga abashicileli nezintatheli zichema isidana. E-United States of America (USA) akuyona imfihlo ukuthi isiteshi sethelevishini iFox News seseka amaRepublican njengoba kungeyona imfihlo ukuthi isiteshi sethelevishini iCNN sona sicheme namaDemocrats. Ukungahoshelani kukaMengameli wase-USA uMnu Trump kanye neCNN akuyona imfhlo njengoba lo mholi enganqeni ukukugagula esidlangalaleni ukusola lesi siteshi ngokumzonda nokubhala okungamawuwa ngaye noHulumeni wakhe.

Ngesikhathi sombangazwe kuleli abezindaba babehlukene kabili; kukhona labo ababemi kwelokuthi ubandlululo aluyona into embi. Iningi lalawo maphephandaba ayebhala ngesibhunu. Kanti ayekhona namaphephandaba ayeseka abacindezelwa yize ayebhekana nolaka lukaHulumeni wangaleso sikhathi owayebopha kwasani ezintathelini noma avale abashicileli imilomo. Balifulateha elakuleli baze baguqela emazweni. OMnu uNathaniel Ndazana Nakasa baze bawela ezintabeni. Ababhali nezintatheli ezifana noMnu uPercy Peter Tshidiso Qoboza nabanye bahlukunyezwa. Wonke lo mlando wenza kwaba nokuzibophezela kuHulumeni wedemokhrasi ukuthi uyolivikela ilungelo labezindaba kuleli. Kagcinanga lapho ngoba washaya nemithetho eqinisekisa ukuthi ilungelo lokukhuluma, ukuphawula nokuzibandakanya alikhulumisi. Eminyakeni engaphezu kwama-20 leli lathola uHulumeni wedemokhrasi izinto zibukeka seziguquka njengoba abathile kupolitiki sebebona abezindaba njengesitha. Ekuhlaziyeni lesi simo kuyavela ukuthi nabo abezindaba kabekho msulwa ekugxekweni kwabo njengoba nakubo esebonakala amabatha. Amanye alamabatha enza kube lukhuni ukubavikela.

Esikhathini esifushane nje sekuvele okwethusayo ngabezindaba nokuphoqe ukuba isikhondlakhondla sephephandaba iSunday Times nabashicileli bayo imisila ibuyele ngaphansi. Yize lokhu kwaba yihlaya kwabanye, okwahlaluka wukuthi kube yinkebenkebe yenxeba kwabezindaba ngoba kuhudule ukwethenjwa kwabo njengabavikeli beqiniso. Okunye okuhlalukayo lapha wukuthi lapho abezindaba benechashaza kusuke kukhona umholi noma abaholi abathile bepolitiki. Yize bebakhona kwenye inkathi osomabhizinisi kepha imvama kuba yibo osopolitiki. Lapha abezindaba bazithola besotakwini lokulwa izimpi zangaphakathi emaqenjini epolitiki. Ngonyaka wezi- 2003 kwaba muncu kwabezindaba ngesikhathi lowo owayengumhleli wephephandaba elifundwa kakhulu ngaboHlanga iCity Press evuma ukuthi wageja umgodi. Ephekwa ngemibuzo ngu- Advocate Kessie Naidu, uMnu uVusi Mona wavuma ukuthi wageja umgodi odabeni oluthinta u-Advocate uBulelani Ngcuka owabe enguMqondisi kwaPublic Prosecutions. UNaidu waveza amaphutha aphathelene nobuqiniso emibikweni yeCity Press.

Okokuqala, isihlokwana sathi igama likaMnu uNgcuka liyaphatheka embikweni wobunhloli ngesikhathi sobandlululo njengesisebenzi esingunombolo RS452 sikaHulumeni wobandlululo. Eqinisweni umbiko wagcina uthi uMnu Ngcuka kungenzeka ukuthi inombolo uRS452 ngeyakhe. UMona wavuma ukuthi isihlokwana siyedusa, kodwa wathi lokhu akwenziwanga ngenhloso. Emveni kwamasonto amabili, udaba olwalulandelela iphepha lwathi amaphoyisa obandlululo abopha uNgcuka ngezinsolo zokuvukela umbuso. Lokhu kuvuma kukaMona kwangenisa amanzi endlini ngoba kwabe sekuvela ukuthi empeleni lolu daba lwabe lunogcobho. Umkhuba kuthiwa wabe uphehlwa yintatheli uNks uRanjeni Munusamy ngaleso sikhathi owayesebenzela iSunday Times. Ubufakazi baveza ukuthi uNks uMunusamy wazama ukulwethula udaba kumhleli wakhe uMnu uMathatha Tshedu nowaluchitha. Kuthe lungachithwa uNks uMunusamy wagijima waya kuMona nowabe eselushicilela.

Ngalesi senzo uNks uMunusamy waxoshwa kepha lokhu kwaveza okuningi. Kwavela ukuthi naye uNgcuka wayengekho msulwa ngoba kwavela ukuthi ube nomhlangano nabahleli nokwabe kukholakala ukuthi wabe ebanxenxa ukuba bame ngakuye. Ngesikhathi emiswa uNks uMunsamy waziphungela ngokuthi wayengakholwa ukuthi isizathu anikezwa sona sokungalukhiphi udaba “sasifanelekile” futhi ngesikhathi iphephandaba limlayela ukuthi abuyise imiqulu, labe “selidicila ubunikazi” bayo (imiqulu). unikazi” bayo (imiqulu). “Ngenkathi bedicila ubunikazi futhi begeza izandla ngayo (imiqulu) umthombo wawusukhululekile ukuthi wenze okuthandayo ngayo,” kusho uMunusamy, owayengumkhulumeli welungu leSigungu Esiphezulu noMhlonishwa Wezokuthutha KwaZulu- Natal uMnu uSbu Ndebele. UMunusamy uthi wayekholelwa ekutheni imiqulu yayiqukethe “ukubhekana ngeziqu zamehlo okunzulu” phakathi kukaNgcuka noZuma. Wabuye wathi ukholelwa ekutheni umhlangano phakathi kukaNgcuka nezintatheli zamaphephandaba eziyisikhombisa “ubophezele” izintatheli “esivumelwaneni” noNgcuka, kodwa lesi sivumelwano asisebenzi entathelini ngayinye,”kusho le ntatheli.

See Also

Okuqwebula amehlo kwabaningi wukuthi njengoba sekukhona ukuklolodelana nokukhombana nje ngeqhaza lezintatheli nabezindaba ezimpini zangaphakathi kumaqembu epolitiki igama lale ntatheli liyavela. Ezinyangeni ezedlule kuvele ukuthi ngesikhathi kunomdonsiwano kududulwa uZuma ukuba ehle esikhundleni le ntatheli ngokomlomo ka- Advocate uDali Mpofu yabe inxenxa ubuholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) uMpofu angumholi kuyo ukuba beseke uMnu uPravin Gordhan nokuyinto le ntokazi eyiphikayo. Ngesonto eledlule kube nokuhhomuzela ezweni ngesikhathi elinye lamaphephandaba angeSonto lesiNgisi likhipha isihloko esihunyushwe ngabaningi njengesivikela uMnu uGordhan. Iphephandaba iSunday Tribune ishicilele isihloko esithi: “Proof that Gordhan didn’t lie” kwabaningi lokhu kuhumusheke ngokuthi leli phephandaba lifunza abafundi ngeqiniso lalo.

Khona lapho kube nokuhlaselwa koMvikeli WoMphakathi ngabathile kwabezindaba kanye nakubahlaziyi nabasola uMvikeli WoMphakathi ngokujijimeza uGordhan. Konke lokhu akwejwayelekile ngoba yibo abezindaba kuthangi lokhu manxa kuhlaselwa u-Advocate uThuli Madonsela obekusobala ukuthi bayamthanda bebemvikela besho nokusho ukuthi kangasatshiswa avunyelwe enze umsebenzi wakhe. Lokhu abangasakusho manje ngosekulesi sikhundla. NgoNhlaba elakuleli lizoba nokhetho lukazwelonke. Njengoba kunjalo nasenhlanganweni ezobe yengamele ukhetho, amehlo azobe ethe njo kwabezindaba kubhekwe ukuthi benza ngakhona yini noma bachemile. Okwamanje umoya ongemuhle uthi abanye kwabezindaba sebeyizindibi zosopolitiki nokuyinto eyingozi nephuca izakhamizi iqhawe lazo okungabezindaba abangachemile.

Scroll To Top