Ufunga uyagomela uMkhwebane uthi uyofa nabaningi


Uyafunga uyagomela uMvikeli woMphakathi, u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane, uthi angeke aye phansi kungendlelwe. Muva nje usejikelwe ngabakwabo nenhlangano i-African National Congress (ANC) eyambeka kuso lesi sikhundla ngoba imethemba, isiyamhlamuka. UMengameli uCyril Ramaphosa, ngomlomo wabameli bakhe, usekhombisile ukuthi umfuna ehambile u-Adv uMkhwebane. USomlomo ePhalamende, uNkk uThandi Modise uthi uzovukuza izinhlaka ezizokwenza isidwaba sigcwale umoya ku-Adv uMkhwebane. NoPhiko loKlebe, oluphenya amacala abucayi nawenkohlakalo, luthi lusezithendeni zayo. Le ntokazi yesizwe samaNdebele. Ubhekene nale gcindezi nje, ungene eHhovisini ebelishaywa ndiva, eliqale ukubonakala ubumqoka nesithunzi salo ngesikhathi uMvikeli woMphakathi kungu-Adv uThuli Madonsela.
AbaVikeli boMphakathi ngaphambi kukaMadonsela, u-Adv uSelby Baqwa no-Adv uLawrence Mushwana, behlukela ukwakhela umphakathi isithombe sokubaluleka kwaleliya Hhovisi. U-Adv uMkhwebane impi yakhe uyilwa ngabezindaba, ubiza izithangami eyogabisela izitha zakhe ngemishiza nezagila akugawulile. NgoLwesibili ubebize isithangami sabezindaba lapho eshiye khona angalazi koKlebe ethi basetshenziswa ukulwa izimpi zepolitiki. Uthe ngeke iphumelele imizamo yePhalamende yokumkhipha ngevoti lokungamethembi ngoba lokho abakuzamayo akukho emthethweni.
Uyaqhubeka nokusebenza ngoba iHhovisi lakhe kuleli sonto likhiphe umbiko onamakhasi ayi-12 othi uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usebenzise imali budedengu. IHhovisi lakhe lithi sasingekho isidingo sokuthi lo Mnyango uchithe izigidi zamarandi ezingama-32 ngemitholampilo ngomahambanendlwana. OKlebe nabo bakhiphe esabo isitatimende bephikisa okushiwo ngu-Adv uMkhwebane ngabo. U-Brigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe, uthi isenzo sika-Adv uMkhwebane siyadumaza, ufana nomuntu obambelela ngezidindi ebe ekhukhulwa ngamanzi omfula odla izindwani.