Udlame lwasekhaya luhlukene ngezigaba eziningi


UMTHETHO iDomestic Violence Act 116 we- 1998 neProtection from Harassment Act 17 we- 2011 kwaba yimithetho eyakhiwa ukuze kuvikelwe abantu abazithola behlukunyezwa emphakathini noma ebudlelwaneni.
Ngaphezu kwalokho le mithetho yenza isiqiniseko sokuthi amalungelo akuMthethosisekelo njengelungelo lokulingana, elokwenza izinto ngasese, elokukhululeka nelokuvikeleka awaphazamiseki.
Yomibili le mithetho ibalulekile uma kubhekwa ukudlanga kodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane eNingizimu Afrika. Lokhu kwenzeka naphezu kwemikhankaso emikhulu yokulwa nalesi sihlava njengalowo oqhutshwa ezingeni lomhlaba obizwa ngokuthi ‘#MeToo’ othole ukwesekwa okukhulu kulo nyaka. Izazi kwezomthetho zibona imithetho emisha isebenza kangcono kakhulu kunomthetho omdala iPrevention of Family Violence Act 133 we-1993.
Udlame luhlukene ngezindlela eziningi. Kungaba ukushaya, ukuhlukumeza ngokocansi, ukuhlukumeza ngokomphefumulo nangokomoya, ukuhlukumezeka ngokomnotho, ukusabisa, ukulinyazwa kwempahla kuze kuye ekungeneni emzini womuntu ohlukunyezwayo ngaphandle kokuvumelana,
Kubalulekile ukukubhekisisa kabanzi ukusebenza kwale mithetho ukuze kucace ukuthi kukhona yini ukulinganisa phakathi kokuvikela ilungelo lalowo ofake icala noma ofuna ukuvikelwa nalowo osuke engummangalelwa. Njengoba sike saveza ukuthi imithetho emisha isebenza kangcono kunalona omdala iPrevention of Family Violence Act we-1993 yingoba sikhona isigaba esithi noma ngubani angakwazi ukufaka isicelo egameni lomuntu ohlukunyezwayo noma odinga ukuvikelwa uma lowo muntu ebona isidingo salokho noma lowo ohlukunyezwayo engenawo amandla okufaka isicelo. Lowo ofaka isicelo egameni lomunye kumele enze incwadi efungelwe.
Ofaka isicelo angagcwalisa ifomu noma asizwe umabhalane wasenkantolo noma ummeli. iMantshi ibe isibheka ukuthi leso sicelo sokuvikelwa sinakho konke yini okudingekayo, okuthi uma esenelisekile ngalokho bese eyasiphasisa isicelo sokuvikelwa okulandelwa ukukhishwa kwencwadi iprotection order yesikhashana. Incwadi yesikhashana yokuvikela nekhopho yesicelo namarekhodi okungenzeka ukuthi akhona angasiza ebufakazini inkantolo eyanquma ukuthi angasetshenziswa kube sekuthunyelwa kummangali ngokulandela umthetho.
Uma uMabhalane Wenkantolo esanelisekile ukuthi wonke amaphepha asedluliselwe kummangalelwa, kube sekulandela incwadi egunyaza ukuboshwa kukammangalelwa.
Kuyenzeka incwadi yokuboshwa imiswe uma kwenzeka ukuthi ummangalelwa uyazibophezela ekusebenzisaneni nomthetho alandele yonke imiyalelo yeProtection Order.
Uma kungekho ukubambisana amaphoyisa eSouth African Police Service (SAPS) ngokulandela umthetho angakwazi ukubopha ummangalelwa, kodwa uma kuwukuthi kukhona okubonakala njengesithiyo ekuboshweni kwakhe, ummangalelwa angathunyelelwa incwadi embizela enkantolo ngosuku oluthile ezobhekana necala lokungawulandeli umthetho nomyalelo weProtection Order. Leli cala lithathwa njengelobugebengu, libe seliyakhishwa ohlelweni obelwenzeka ngesikhathi kukhishwa iProtection Order.
IProtection Order yesikhashana isuke isasebenza kuze kube izinyanga ezintathu kusuka ngosuku ekhishwa ngalo futhi kumele kube nezizathu ezibambekayo eziqhamuka kummangalelwa ezishoyo ukuthi kungani kumele ingakhishwa iProtection Order yokugcina. Inkantolo iyona enamandla amakhulu ngokweProtection Order yesikhashana neyokugcina kanjalo nasekuphonselweni kwayo inselelo.
Ummangalelwa angavinjwa kwezinye izinto nasendleleni yokuziphatha kwakhe njengokuya emzini noma lapho kusebenza khona ummangali.