Now Reading
Zichuthana amakhizane ngale mpelasonto
Dark Light

Zichuthana amakhizane ngale mpelasonto

YIZE izobe ingaphezulu kwama-50 imidlalo yebhola lezinyawo kumaligi ahlukene emhlabeni kule mpelasonto, kodwa mibili ezobe ibhekwe ngabomvu. Kuleli kuzodudulana izinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kanti komunye oseSpain obhekwe abathandi bebhola emhlabeni kuzotholana iFC Barcelona neReal Madrid, okuyizinkunzi ezidlala kuLa Liga.

Owezinkunzi zaseSoweto ukusasa ntambama ezinkundleni zemidlalo iFNB eGoli. Okwenza ukuthi lo mdlalo ulangazelelwe kakhulu yingoba ungumdlalo ozikhangisa wona ngoba kubhekwa umphumela wangalelo langa hhayi ukuthi iqembu lidlale kanjani ngesonto eledlule.

Abadlali nhlangothi zombili bayazazela ukuthi uma beke benza kahle kulo mdlalo baba yizithandwa zezinkumbi zabalandeli bamaqembu anhlangothi zombili. Ngokufanayo, oke wangenza kahle kulo mdlalo kusuke kufana nokuthi uzigxobe ngetshe lapho kubuhlungu khona. Abalandeli abamthetheleli neze. Kulokhu kubukeka kuzoba nzima kakhulu kwazise lawa maqembu akhombisa izimpawu zokwenza kahle njengoba edlulele kumaquarterfi nals eNdebe iTelkom kanti nakulogi asendaweni engakhalisi neze. Nhlangothi zombili abadlali ababikwa hlaba. Esikhundleni sokuthi abaqeqeshi bakhale ngokulinyalelwa abadlali bakhala ngokungazi ukuthi bazobophela bani bashiye bani ngaphandle.

Abaqeqeshi bala maqembu abakufi hlanga ukuthi lo mdlalo ungohlukile kunayo yonke ku- Absa Premiership. Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthe lo mdlalo ungonzima kakhulu, noma kuthiwa iqembu lisefomini kanjani kodwa uma kuza kulo mdlalo ukwenza kuyaguquka.

“Kuzoba umdlalo onzima lo kuwona womabili amaqembu. Abadlali ngendlela abazimisele ngayo ejimini bayakhombisa ukuthi umdlalo esiya kuwona ungohluke kunayo yonke. Ngeke siyishintshe indlela esidlala ngayo kodwa sizokuhlonipha ukuthi siyodlala umdlalo womkhaya, ngiyathemba ukuthi wonke umuntu ozothola ithuba lokuthi athole ijezi uzolibamba ngezandla zombili. Siyazi ukuthi iChiefs izolwela ukusihlula njengoba yagcina ngowezi-2014 ukukwenza lokho, kodwa nathi sizolwa ngoba siyawafuna amaphuzu amathathu,” kusho uSredojevic.

Okunye okuzokwenza ukuthi ushube ukuthi lamaq embu kulogi ashiyana ngamaphuzu amabili njengoba iIPirates inamaphuzu ali-16 isendaweni yesibili, iChiefs yona inamaphuzu ali-14 ilele endaweni yesithathu.

Umqeqeshi weChiefs uGiovanni Solinas okuzobe kuwumdlalo wakhe wokuqala weSoweto Derby, ebuzwa ukuthi angaphawula athini njengoba ezakhe zagcina ukuhlula iPirates ngowezi-2014 ubeke kanje:

“Wumdlalo omkhulu lo esiya kuwona esingeke sawunqoba singakawudlali. Nokho engikufi sayo ukuthi abadlali badlale ngendlela elula, bangenzi okunzima. Sinabadlali abaningi yingakho ngeledlule nibone abadlali abaningi bengekho. Akukabi yisikhathi sokuthi ngiphule amarekhodi, kodwa okwamanje wukuthi ngibeke iqembu endaweni engcono,” kuphetha uSolinas.

Abadlali abazobe bebhekwe kakhulu kuPirates uXola Mlambo, uThembinkosi Lorch noVincent Pule.

KuChiefs kukhona uSphesihle Ntshangase, u-Itumeleng Khune noKhama Billiat oyiphilisi nhlangothi zonke. UBilliat uya kulo mdlalo enamagoli amathathu kuligi, kanti noPule ngasohlangothini lwePirates unesibalo esifanayo samagoli. Kusobala ukuthi kulokhu lawa maqembu azodlala amandla elingana ncamashi okuyinto ekade yagcina ukwenzeka. Impela kubukeka eyodela umakhasana oyozibona zingqubulana ngoMgqibelo. Khonamanjalo u-Itumeleng Khune uthe angeke bakunake okushiwo umqeqeshi weZimnyama uRulani Mokoena othe leli qembu libuthakathaka njengoba engasekho uSteve Komphela njengomqeqeshi.

See Also

Ngakolunye uhlangothi naseSpain kushubile. Umdlalo ophakathi kweReal Madrid neBarcelona i-El Classico uthathwa njengomkhulu emhlabeni jikelele. Yize lezinkunzi zingebona omkhaya kodwa umdlalo wazo uhlale ushubile ngoba sekunobutha osebakhiwa wukuthi lawa maqembu ahlale encintisana ngokuthatha izindebe ngaphakathi eSpain nase-Europe.

Lo mdlalo uzobanjelwa eCamp Nou okuyinkundla yeBarcelona ngeSonto. Kuzokwenzeka okungajwayelekile ukuthi lo mdlalo ubanjwe ngaphandle kwezihlabani ezimbili uCristiano Ronaldo wasePortugal noLionel Messi wase-Argentina. ULionel Messi weBarcelona ulimale ihlombe emdlalweni wangesonto eledlule kanti uRonaldo vele usayifulathela iReal Madrid usegijima kuJuventus FC yase- Italy.

Kulogi iBarcelona iyona ezihola phambili emdlalweni eyisi-9 isanqobe emihlanu, yadlala

ngokulingana kwemithathu yahlulwa kowodwa inamaphuzu angama-13. IMadrid yona isendaweni yesi-7 emdlalweni eyi- 9 isinqobe imidlalo emine yadlala ngokulingana kwemibili, yahlulwa kwemithathu inamaphuzu ali-10.

IReal Madrid iza kulo mdlalo inodume lwengozi yamagoli amathathu eqandeni (3-0) eyalugqenywa yiBarcelona eSantiago Bernabeu okuyinkundla yeReal Madrid. Ilindeleke ukufi ka eCamp Nou ithelwe ngezibonkolo kulokhu. Lokhu yinto abalandeli banhlangothi zombili abazobe bezele ukuzoyibona: Ukuqothuka kotshani izinkunzi zichuthana amakhizane.

Scroll To Top