Imizamo yokubuchitha bugayiwe ku-IFP



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ISIZULU sithi okungapheli kuyahlola. Kwake kwaba nesikhathi lapho abantu ngaphandle nangaphakathi bekholwa wukuthi iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) lehlukile kwamanye ngoba liyakwazi ukwenza izinto zalo ngendlela ehlelekile. Ukukhuluma kwabe kuthi leli qembu liyahlonipha futhi liyazihlonipha. Okwenzeke ezinyangeni ezedlule lapho umholi we-IFP uMtwana wakwaPhindangene ememezela ukuthi uzoshiya leli qembu lenza okungalindelekile ngokuthi ubuholi balo ngazwilinye buphakamise umuntu oyedwa ozophatha uma leso sikhathi sokushiya komholi sifika. Nokho lesi sicoco sokwehluka, kubukeka sesiphunyukile njengoba izigameko zakamuva kanjalo nezinkulumo ezivela kwamanye amalungu eqembu zisho khona ukuthi ‘Inkatha ayisafani’.
Ozul’azayithole balandele imihlangano yokubekwa kwezinhlaka zeqembu nobekuyingxenye yokulungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha. Cishe yonke le mihlangano umoya wobunye leli qembu ebelituswa ngawo ubungekho njengoba amalungu kusuka kubaholi kuya kulawo ajwayelekile abenza njengamanye amaqembu akhelana izikhisi ukuze kuphumelele abathile. Lokhu kufakazelwe nayiloyo oyiSekela likaSihlalo Kuzwelonke uMnu u-Albert Mncwango. Ekhuluma nabezindaba eThekwini mhla zingama-22 kuMfumfu uMpangazitha wathi: “Lezi zingqungquthela bezinobudluthudluthu nenhlukano okuyizinto ezingahambisani noMthethosisekelo nesiko le-IFP.
Ezikhathini eziningi iqembu laphoqeleka ukuba lilokhu libamba izingqungquthela phezu kwezinye kulo lonke izwe ngenxa yokuqophisana okungapheli yize kuvumelekile.”
Khona lapho uMpangazitha usheshe wahambela phambili labo abasole ngokuthi bakha isithombe sokuthi ukuhlehla kwengqungquthela kudalwa wukududulana ngaphakathi. “Siqaphelile ukuthi amahlebezi nokusolana okungenasisekelo okwenziwa ngabanye abantu kanye nabezindaba okuze kwadala uqhekeko eqenjini yingakho kwaze kwaba nabebethi kungakho kwaze kwahlehla ingqungquthela okuyinto eyimbude futhi engenasisekelo.”
Kwabaningi ukuvela kukaMncwango kwabezindaba azokhuluma ngalolu daba ehleli eduze koMkhulumeli weqembu uMnu uMkhuleko Hlengwa kuhunyushwe njengokuthi udaba lolu belusinda ngakho ludinga umuntu ozowakha isithombe sokuthi konke kuhamba kahle nobekumele kube ngumuntu omdala eqenjini. Lokhu kuqinisekiswe ngomunye umthombo ngaphakathi eqenjini.
“Cha ukulandwa kukaMangaqa kukhona lapho kusize khona noma naye enezakhe nje. Phela sikulesi simo nje kungenxa yentsha uMkhuleko ayingxenye yayo. Yiyo le edala ukudideka ngoba inamawala. Umholi washo ukuthi usethi khumu. Okwethu bese kuwukulinda isikhathi kepha cha abanye entsheni basetshenziswe ngabaholi abadala benza izinto mawala,” kusho umthombo. Ubuzwa umthombo ukuthi yimaphi lamawala uthe: “Ukugaywa kwezikibha obekungathi yinto emsulwa kwenziwe ngabomu kusetshenziswa abathile entsheni. Laba abadala abananemali yokwenza izikibha bayamazi uMntwana ngakho bacijise imikhonto ngabomu. Bazile ukuthi ulinono ngakho uma sekukhona lezi zikibha ezinoHlabisa uyokuhumusha njengokuthi sekuyafohlwa,” kusho umthombo.
Kanti omunye umholi nongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uthe naye uHlabisa unephutha. “Bakithi yini kanti obekumele manje yenziwe. UMntwana uthe uyehla kwabekwa uBulawayo (abakwaHlabisa). Kodwa bobabili iqembu noHlabisa benze inqaba ngokungabi nohlelo ngasohlangothini lweqembu lokumenza uHlabisa umholi kazwelonke hhayi iMeya le ayiyo. Asimuzwa (uHlabisa) ngisho kukhulunywa izindaba zesifundazwe ekubeni enguNobhala wesifundazwe, sizwa uMhlonishwa uGwala. Muva nje ngisho ezindabeni ezithinta iqembu sizwa umholi wentsha osengumkhulumeli weqembu. Khona lapho osenguSekela Mengameli iNkosi yaseMpongompongweni icwilile,” kusho lo mholi.
Uqhube wathi abantu ngokuhlonipha iqembu ikakhulukazi umholi balwamukela udaba lukaHlabisa nathi nembala isikhundla simfanele kepha uthi ukunganyakazi kwakhe kumenza alimale. “Amahloni ani lawa akuBulawayo, yini angabonakali emi noma ehamba nomholi osevumile ukuthi uzomnika izintambo? Yini eyenza angakhulumi eduze naye umholi? Lena yimibuzo ebuzwa ngabantu ngisho abamthandayo uHlabisa nokho abathi uthule kakhulu. Asisho ukuthi kaqophisane noMtwana kepha sithi akabonakale emeseka ngoba isithombe esasibona mhla emenyezelwa siyashabalala futhi bakhona abazuzayo ngalokho,” kusho lo mholi.
Abanye abakhulume naleli phephandaba basole abathile abadala nabababize ngamagama ngetulo lokubuchitha bugayiwe nokuyinto abathe iwubuwula ngoba izonukubeza igama loMntwana neqembu.
“Laba bayazi ukuthi uMntwana akezwani nomsindo. Bazoqhamuka sengathi yizingane lapha phansi kanti yibo. Naye uMntwana uzoshaya amakhala bese kuthiwa ayihlehle ingqungquthela. Ngalokhu laba baholi bayazuza ngoba isithombe esakhekayo ngesokuthi uMntwana akasamethembi uHlabisa kanti futhi ngakolunye uhlangothi izwe lizothi uMntwana akafuni ukuphuma esikhundleni. Siyabazi abenza kanje. Nasekuqaleni wababona uMfundisi uCelani Mthethwa ngaleso sikhathi bethi zithi izingane akehle uMntwana. Washo uNyambose ukuthi akukho zingane ezisho njalo kepha zihlohlwa ngabadala abangabaholi. Nakulokhu uMntwana noHlabisa bazoze baxabane nje yilaba baholi abokhela imililo babuye bathi bazoyibhula bona,. Benzani kuMfundisi uZondi nakuKaMagwaza Msibi,” kuphetha omunye owake waba yilungu lesigungu esiphezulu seqembu.
Ukunindeka koMntwana njengomuntu ongafuni ukwehla njengoba bekusho umthombo kuvelile nasekuphawuleni kukaMncwango: “Iqembu i-IFP lidlulisa ukuxolisa kuMntwana uButhelezi ngesimo sokungazilungiseleli kahle ngengqungquthela ikakhulukazi ngoba ubesememezele ukuthi uthi khumu ebuholini beqembu. Ukugxeka nembibizane ngalesi sinqumo kufanele kuqondiswe eqenjini hhayi kuMntwana uButhelezi owenze umsebenzi wakhe ngobunono nangentembeko kulezi zimo ezinje,” kuphetha uMpangazitha.