Maduze nje izokwakhela ngamaqubu enye, nalu ukhetho
EZINYANGENI ezingengaki kuzosuka lokho. Lesi yisikhathi sobubhudubhudu ngoba lapha izihlabathi ziyagqibana. Lesi yisikhathi lapho amaqembu kumele enze izinto ezimbili ezimqoka.
Eyokuqala wukwethula umqulu onxenxa abavoti (manifesto) kanti okwesibili amaqembu lawa kumele athule uhlu lwamagama amalungu azoya kowamela ePhalamende nasezishayamthetho eziyisi-9 kuleli. Kokubili lokhu kungabukeka kulula nje kepha kungumqansa. Kukhathaza umqondo kanti futhi kuyabudala nobutha obungunaphakade. Emqulwini lona oyisethulo kubavoti indaba isenkulumweni mpikiswano ngaphakathi ekutheni yini kambe entsha okumele bashelwe ngayo abavoti.
Uma uliqembu elibusayo yonke ingcindezi isuke ingakuwe ngoba okumele ukuqaphele ukungaziphindaphindi noma uvume amaphutha angahle asetshenziswe ngabanye ukugadla kuwe. Okweqembu elibusayo kumele kube nesinwe ngoba kumele liveze ukuthi ngale kokhetho kuzoba nenqubekela phambili. Lokhu akusho ukuthi naphikisayo kakulindeleke lutho kuwo noma kayikho ingcindezi, ngoba ikhona. Iqembu eliphikisayo kumele liqaphele ukuthi ekudwebeni kwalo umqulu wokukhankasa kungezwakali sengathi livumelana neqembu elibusayo ngoba bayoba khona abathi uma kunjalo pho yini lifuna ukuphatha ngoba vele liyavumelana neqembu elibusayo?
Olunye udaba oluhlale luphithanisa amakhanda ngalezi zinsuku wudaba lohlu lwamagama abantu. Lapha kuba wububhudubhudu ngoba sekwaba khona umehluko. Kwake kwakhona isikhathi lapho ukuba yilungu leqembu kwakungazuzisi lutho empeleni ngalezo zikhathi kodwa kwabe kukhonga ukufa. Yikho babe mbalwa nabangamalungu. Kusuka ngonyaka we-1994 kube sekwambuleka elinye ikhasi sekuvela ukuthi kanti le nto (ipolitiki) ebingukufa kuthangi lokhu isilugqoko elingondla abantu liguqule nempilo yalabo abayingxenye yayo ibe ngcono. Leli qiniso lidala isimo esiyingozi ngoba phela kuba nguwafa wafa ohlwini leqembu.
Emnyango nasemsamo
Indaba isuke iphakathi kwalabo abasemsamo osekuphela isikhathi sabo sokumela iqembu ePhalamende nakuSishayamthetho. Akuyona into emnandi leyo ngoba ilungu lelo lisuke selinezinhlelo ezahlukene ngempilo. Uma useKapa nje ePhalamende ukhetho lufika vele umndeni usuhlala nawe, usufunda ezikoleni ezithize manje uma sekuthiwa phakathi nonyaka buyela ekhaya kuduma ikhanda.
Abasuke bengqongqoza befuna ukungena yilabo abaqalayo ukungena nasebebonile ukuthi zibondiwe. Basuke sebevaleke izindlebe usi lolu abekade beluhogela iminyaka emihlanu selunuka eduze sebeyayibona indlu lapho luvela ngakhona, Kubo lesi sekuyisikhathi sokumaya. Lapha kusuke kungongaphansi nongaphezulu, kududulana abasemsamo (asebengaphakathi) nalabo abasemnyango abafuna ukungena. Ubuholi beqembu busuke kulindeleke ukuba bulusebenze kahle udaba ngoba bungachitheka bugayiwe.
Enye indaba iba semicimbini kumele abaholi babe kuyo njengengxenye yemikhankaso. Esikhathini lapho sekwabusa ubuxhakaxhaka bezokuxhumana ingcindezi inkulu. Awufuni iqembu lakho lingene ehlazweni lokuvela kuthelevishini izihlalo zimhlophe abantu bengabonwa. Awufuni futhi kuthiwe awunabo abantu yikho nje ukhetha ihholo lomphakathi ubalekela izinkundla. Emaqenjini amane amakhulu kuleli okuyi- ANC, iDA, i-EFF ne-IFP sibonile izinkundla zokuxhumana zisetshenziswa njengesikhali sempi yomqondo.
Amaqembu ancama ukuqala sekwedlule isikhathi inqobo nje uma abantu sebekhona. Inkinga lapha wukuthi ngisho iqembu lithanda zonke izinto eziphathelene nalesi sigaba kudingeka imali enjengemali. Alikho selokhu kwathi nhlo elinqoba ukhetho ngamalungu alo noma elixhasa umkhankaso ngemali eliyiqoqa emalungwini alo. Yikho isikhathi esiningi yakhela ngamaqubu enye.