Now Reading
Kuvotwe nemfucuza kube kungenamanzi
Dark Light

Kuvotwe nemfucuza kube kungenamanzi

E MASONTWENI amabili edlule abantu abakhele uMasipala iTheku bazithole bengenawo amanzi okugcine kuphoqa nokuthi ezinye izikole zivalwe nempilo yanzima emakhaya.

Kuthe besakhungathwe yilokho kwalandela ukungalandwa kwemfucuza emakhaya, enye yasaphazwa ezitaladini enkabeni yedolobha. Lokhu bekwenzeka nje, leli dolobha nezingxenye zesifundazwe bekugubuzelwe iziteleka zomphakathi ezimayelana nokungeneliseki ngokuthunyelwa kwezidingo.

Okwesiteleka sabasebenzi bakaMasipala ebesimayelana nokungeneliseki ngohlelo olulandeliwe kwenyuselwa amaholo abasebenzi okuthiwa babengamasosha oMkhonto Wesizwe, bekungahlangene nemibhikisho yomphakathi yokungathunyelwa kwezidingo, kodwa kugcine sekuhambisana.

Le mibhikisho ebidle ngokucekela phansi yenze idolobha nesifundazwe kwaba seqhulwini ngokuqiniswa kwezokuphepha ngoba kunokwesabela ukuthi kungagcina sekuphazamiseka nokhetho.

Imibhikisho iqhubekile kwezinye izindawo nangosuku lokhetho, kodwa obekugqame kakhulu eThekwini yimfucuza ebisagcwele imigwaqo nakwezinye izikhungo zokuvota, kodwa abantu baqhubeka nokuvota yize bekuxathuka.

Esikhungweni sokuvota sikaMasipala iSizakala eHillcrest, imfucuza ibimbondelene ndawonye kubhuza nezimpukane.

Abanye abavote kulesi sikhungo bathe akubakhathazi nakancane abakubonayo ngoba sebehlale nodoti amasonto amabili ungalandwa.

“Kungcono uma le nto yenzeka yonke indawo ngisho nasesilungwini ngoba kusho ukuthi inkinga ikhona futhi idinga ukulungiswa,” kusho omunye obezovota ocele ukungavezwa.

Umphakathi wase-Adams Mission okuyiwona oqale ukubhikisha ngokuvalelwa amanzi nawo uvote ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba amanzi engakabuyi ngokugcwele kwezinye izindawo nemfucuza ibisambondelene kwezinye izikhungo.

Phambilini lo mphakathi ubusabise ngokuthi uzoluduba ukhetho kodwa ngoLwesithathu umphakathi ubusucula elinye iculo.

Yize lesi siteleka sesiphelile emuva kwesivumelwano okufinyelelwe kuso phakathi kwabasebenzi neBargaining Council, okuyinkundla yokuxoxisana phakathi kwezisebenzi nabaqashi kodwa sibe nawo umthelela ngosuku lokhetho njengoba enkabeni yeTheku amaphoyisa kaMasipala abebonakala eqoqa imfucuza ezitaladini nasezikhungweni zokuvota esikhulu iCity Hall.

Ngaphandle kokuphazamisa ukhetho isiteleka sidle nemali engaphezu kwezi-R3.5 million. UNdunankulu waKwaZuluNatal uMnu uWillies Mchunu weseka ithimba eliholwa uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu uMnu uRavi Pillay ukuba lingenelele ekutholeni isisombululo ukuze umphakathi ukwazi ukuthola amanzi, kuqoqwe nodoti ukugwema izifo kulalelwe nezikhalo zomphakathi.

UMchunu uthi ithimba selimbikele ngegxathu eselihanjiwe nokuhlanganiswa kwezinhlangothi zombili. Izolo iDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal ngomlomo womkhulumeli wayo nobebheke esobuNdunankulu uma leli qembu liphumelela isifundazwe uMnu uZwakele Mncwango, lifake izikhalo kuKhomishini Yokhetho ngelikusole ngobugebengu ekuvoteni.

Ngesikhathi sokuloba izolo leli qembu belisendaweni yesithathu esifundazweni emuva kwe-Inkatha Freedom Party (IFP).

Ngesikhathi uMncwango eveza lezi zinsolo bese kuboshwe abantu abali-17 ngokuvota bephindelela ezikhungweni zokuvota eDannhauser.

See Also

Abanye ababili baboshwe ePort Sheptone naseHluhluwe ngokuzama ukuvota kabili ezikhungweni ezehlukene.

Ngokusho kukaNkk uNtombifuthi Masinga Wekhomishini Yokhetho, amaphoyisa angenelele emuva kokuba kube nezikhalo.

UNkk uMasinga uthi abasebenzi babo kulezi zikhungo kube khona abakusolayo ngalaba futhi baba nokukhathazeka ngokuthi amavoti abo azophinda abalwe.

IPhini Lesikhulu Esiphezulu seKhomishini uMnu uMawethu Mosery, uthe bazophenya nangabavoti abasuse u-inki esandleni ukuze bavote kabili. Isikhulu esiphezulu seKhomishini uMnu uSy Mamabolo ekhuluma esikhungweni sokubala amavoti ePitoli sithe zonke izinsolo ezibekwayo bayazilandelela futhi ngaphambi kokumenyezelwa kwemiphumela esemthethweni bezokwenza isiqiniseko sokuthi abacwaningi babamba iqhaza.

Khonamanjalo izingqapheli zithe zisanelisekile ngendlela okuhambe ngayo ukhetho.

Isikhulu seKhomishini uDkt uNomsa Masuku ubekhombisa ithimba lezingqapheli le-African Union (AU) indlela abasebenza ngayo. Leli thimba beliholwa ngowayenguMengameli waseTanzania uMnu uJakaya Kikwete.

Ephawula uKwikwete owaphuma kulesi sikhundla ngowezi-2015 uthe mkhulu umsebenzi owenziwa iKhomishini yokhetho yakuleli.

Scroll To Top