Now Reading
Ukubaluleka kwebutho loMkhonto Wesizwe iLuthuli Detachment
Dark Light

Ukubaluleka kwebutho loMkhonto Wesizwe iLuthuli Detachment

NJALO uma kuthintwa impilo yamaqhawe, ayeyibambe emzabalazweni wezikhali ku- African National Congress ngaphansi kophiko lwezempi uMkhonto Wesizwe, ikakhulukazi lawo asekhulile ngeminyaka igama iLuthuli Detachment alivamile ukusala. Abamataniswa naleli butho babukeka njalo benendawo ekhethekile ngaphandle nangaphakathi kwezinhlaka ezidlelana noKhongolose. Umbuzo uyavuka kwabanye ukuthi kwakungobani kanti laba nokuthi leli butho lihluke ngani kwamanye amabutho athatha izikhali alwisana nenqubo yobandlululo? “ILuthuli Detachment iyibutho lokuqala loMkhonto Wesizwe elathatha izikhali laphuma ngenhloso yokuyolwisana nengcindezelo. Laqanjwa ngalowo owayenguMengameli kaKhongolose u-Albert Luthuli njengophawu lokumhlonipha njengoba ayedlule emhlabeni ngowe-1967 kanti nalo lajutshwa ngowe-1967.

Laqanjwa wuMengameli u-Oliver Thambo osebeni lomfula iZambezi elinikeza izilokotho zokunqoba. Yileli butho iLuthuli Detachment elalwa lihlangene namabutho eZimbabwean African People’s Union (ZAPU) ladudulana namasotsha aseRhodesia endaweni eyayibizwa ngeWankie (manje esiyaziwa ngeHwange) Game Reserve, emngceleni weZambia neBotswana. Umkhankaso owabe sewaziwa ngeleWankie Campaign kwakungowokunika ugqozi lwempi ku-African National Congress (ANC) naku-ZAPU ukuze kuzuzwe inkululeko. Ku-ANC lokhu kwakunenhloso yokuthi amasosha oMkhonto Wesizwe angene ngaphakathi eNingizimu Afrika ukuze umzabalazo ubuyele ngaphakathi kwezwe, kwazise kwakuthe emuva kwesibhicongo saseSharpeville uHulumeni wobandlululo wavala zonke izinhlangano zepolitiki ezazimelene nenqubo yobandlululo.

Abaholi abanjengoDkt uNelson Mandela yilapho la babona khona isidingo sokulwela inkululeko ngezikhali. Ibutho lokuqala elakhiwa, lajutshwa emva kokusungulwa koMkhonto Wesizwe laziwa ngeLuthuli Detachment. Leli butho laba wumphumela wemiqondo eyinhlanganisela yekhethelo labaholi abaphakeme kubalweli benkululeko abafana noJames Chikerema oDumiso Dabengwa baseZimbabwe noMavuso Msimang, oMoses Mabhida nabanye. UChris Hani owayehola lelo butho uma ngamafishane echaza ifa elashiywa yilelo butho emlandweni wokulwela inkululeko yakuleli uthi: “Ukuzinikela okuphelele kwamasosha ekulweleni inkululeko yakuleli. IWankie Campaign yaba yimpindiselo engenakulibaleka yokubulawa kwabantu bakithi eSharpeville.

See Also

Nokuthi umzabalazo wenkululeko ufike ezingeni okulo kungenxa yesibindi samasosha iLuthuli Detachment”, kuphetha uHani. Okulenza libaluleke leli butho wukuthi yilona elalizoba yisibonelo sokuthi umzabalazo wezikhali uzosebenza ekukhululeni leli lizwe, kwazise zonke izindlela zokuthula selokhu inhlangano yabantu uKhongolose yayisungulwe ngowe-1912 zazingazange zisebenze. Kwaliwa kanzima kwafiwa nhlangothi zonke kwaboshwa namasosha amaningi ayelwela inkululeko. ILuthuli Detachment ibaluleke ngalokho, inamasotsha ayibamba ishisa, amanye aboshwa amanye adliwa yizingwenya emfuleni iZambezi. U-Eric ‘Stalin’ Mtshali wacusha kumnyama kufiwa kunjalo waba ngomunye wabambalwa abasinda kuleso sibhicongo.

Scroll To Top