Now Reading
Ngabe asenza ngakho ayelwela inkululeko e-Afrika?
Dark Light

Ngabe asenza ngakho ayelwela inkululeko e-Afrika?

Emlandweni wezwekazi i-Afrika ikakhulukazi lowo oqondene nokulwela inkululeko yaboHlanga, isifunda se-Afrika eseNingizimu sidume kakhulu njengaleso esasinamaqembu kanye nabaholi abayibeka induku ebandla.

Phakathi kwamaqembu abalwa njengalawo akwazi ukumela izifiso zaboHlanga zokuthi baphile impilo engcono futhi babe nezwi ekutheni amazwe aphathwe kanjani kungabalwa, iSouth West Africa People’s Organisation (SWAPO); iFront for the Liberation of Mozambique (FRELIMO), iPopular Movement for the Liberation of Angola (MPLA), iZimbabwe African National Union (ZANU) eyajike yaziwa njenge ZANU-Patriotic Front (ZANUPF), iChama Cha Mapinduzi (CCM) yaseTanzania, kanye ne-African National Congress (ANC) yakuleli.

Phambilini, la maqembu ayeholwa yilabo okunamuhla basathathwa njengezingwazi okungabalwa kubona u-Agostinho Neto (MPLA), uSamora Machel (FRELIMO), uMwalimu Julius Nyerere (CCM), u-Oliver Tambo (ANC); uHerbert Chitepo (ZANU); u-Andimba Toivo ya Toivo no Sam Nujoma (SWAPO).

Izakhamuzi zamazwe abuswa yila maqembu zazethembe ukuthi emuva kokulwela inkululeko yiwo la maqembu ayezoqinisekisa ukuthi izidingo ziyafezeka; futhi nendlela yokuphatha kanye nabaholi abaqokiwe benze kangcono kunalabo ababephethe ngesikhathi sengcindezi nobandlululo.

Elinye igebe elikhona elokuthi kusamele kube khona ucwaningo olujulile oluzohlaziya ukuthi emuva kweminyaka la maqembu ephethe izintambo zombuso kula mazwe ahlukene kungabe enze ngakho na? Kungabe abaholi abakhona basahamba ezinyathelweni, futhi basazimele yini izethembiso zalabo ababengamavulandlela kula maqembu.

Noma ucwaningo olufana nalolu lungakenziwa okungathandabuzeki ukuthi la maqembu, ngezindlela ezingafani, aqala kahle kodwa ekuhambeni kwesikhathi, kwabonakala ukuthi zikhona izinkinga abhekana nazo ngakwezokuphatha kanye nokusebenzisa amandla kaHulumeni, ezidala ukuthi ubunjalo bawo kanye nomlando omuhle kuthunazeke.

Okunye okungeke kuphikwe ngukuthi wonke la maqembu, noma amaningi awo, anokubhekana nezingqinamba ezehlukene, kodwa ezincike kakhulu ekutheni awasebenzisa kanjani amandla okuphatha umbuso kaHulumeni. Kungabe la mandla asetshenziselwa ukugcina isethembiso sokwenza ngcono impilo yezakhamuzi, noma kungabe asetshenziselwa ukuqhuba izifiso zabaholi ngegama labantu.

Uma sithatha ukubheka nje, iZANUPF eZimbabwe yacishe yaphelelwa amandla okuphatha eminyakeni edlule, ngenkathi iMovement for Democratic Change (MDC) isavutha bhe.

Bese kuthi, i-ANC, kuleli, amandla ayo ake avivinywa ngokhetho lowezi-2016, lapho idonsa khona kanzima koHulumeni Bezindawo emadolobheni abaluleke kakhulu okubalwa iGoli, iTshwane neNelson Mandela Bay. Kepha ngakolunye uhlangothi, iSWAPO, kanye neMPLA basabonakala bezinzile, ikakhulukazi ngoba amaqembu aphikisayo eNamibia nase-Angola engaqinile kakhulu.

Okunye okuphawulekayo ngukuthi esikhathini sanamuhla amanye alama qembu ayelwela inkululeko, futhi asaphethe emazweni awo, abonakala ebhekene nezingqinamba eziningi ezifana nokungapheli kokubangwa kwezikhundla, okugcina sekudale ukuthi kube khona uqhekeko.

Ukubangwa kwezikhundla ngaphakathi emaqenjini kuyaye kube nomthelela ongemuhle mayelana nokubhekelwa kwezidingo zezakhamuzi ikakhulukazi labo abasadla imbuya ngothi.

Lokhu kokugcina kubalulekile ngoba la maqembu alwela inkululeko njengoba ethi aphokophelele ukuqeda ukungaphathwa kahle kwamalungelo abantu.

Isibonelo yiZANUPF lapho uMengameli uRobert Mugabe, axosha owayeyisethenjwa sakhe, futhi eyiPhini uMnu u-Emmerson Mnangagwa, osolwe ngokuthi akasahambisi ngendlela okuyiyo.

Abalandela ipolitiki yaseZimbabwe basho ukuthi izizathu ezazibekiwe zaziyitulo ngoba ukuxoshwa kukaMnangagwa kulesi sikhundla kwakungenxa yengqungquthela eyayizobanjwa ngoZibandlela walowo nyaka), lapho kwakuzokwenyulwa khona abaholi abasha beqembu.

Kwabonakala ukuthi wayexoshwe ngoba uMugabe wabe esembona njengalowo ogaqele isikhundla sokuba uMengameli. Lokhu kwenzeka sekukhona izinkomba zokuthi bakhona kuZANU PF ababeseka ukuthi kudedelwe inkundla kaGrace Mugabe, owayehola uphiko lwabesifazane le ZANU PF, aphinde futhi abe nguNkosikazi kaMengameli.

I-ANC nayo yaya engqungqutheleni ngoZibandlela zili-16 kuya zingama-20 ibhekwe ngabomvu ngoba kwakuzomele kukhethwe abaholi abasha baleli qembu.

See Also

Okukhalisa abaningi ikakhulukazi uma kuqhathaniswa i-ANC neZANU-PF kule minyaka ukuthi la maqembu asebonakala egxile kakhulu ekutheni ubani okumele awahole, okuba ngumsuka wengxabano.

Okwenza ukuthi lezi zingxabano zinganambitheki ukuthi uma kubhekisiswa aziqhamuki ngoba kukhona impikiswano enkulu mayelana nenqubomgomo yala maqembu.

Lokhu kwenza ukuthi izakhamuzi zigcine sezithatha la maqembu njengalawo angasakhombisi ukuthi asenentshiseleko yokufeza izidingo zezakhamuzi, kepha okuhamba phambili yizikhundla, kanye nenzuzo evelayo ngokuba ngumholi eqenjini elibusayo, futhi elinomlando ofana nalawa abaliwe.

Okunye osekuvamile ukuthi amanye kunokuba abhekane ngqo nezingqinamba zawo, athole ukuthi umsusa wezinkinga kungabe yini, aqoma ukugxila ekugxekeni ababuya ngaphandle, ngokuthi banokugxambukela ezindabeni ezithinta la maqembu.

Noma kwazeka ukuthi ziye zibe khona izigameko lapho ababuya ngaphandle bezifaka ezindabeni zalama qembu kodwa lokhu akumele kube yikho kuphela okudingidwayo.

Okucace bha ukuthi kuningi okungahambi ngokohlelo emazweni ase-Afrika eseningizimu; okudalwa ukwehluleka kwamanye ala maqembu ayelwela inkululeko ukusebenzisa kahle amandla avela ngokubamba izintambo zombuso.

Ijoka lokuthi igalelo labaholi bangaphambilini bala maqembu lingaweli phansi kuhle kwezithukuthuku zenja lilele kubaholi abaphethe namuhla, okudingeka ukuthi baguqule ukwenza

UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika

Scroll To Top