Now Reading
Inkulisa kaNgema nakulokhu kulindeleke ukuthi yenze kahle
Dark Light

Inkulisa kaNgema nakulokhu kulindeleke ukuthi yenze kahle

UMQEQESHI osemnkantshubomvu kwinkulisa yomphebezo, uthi inkulisa yakhe isimi ngomumo ukuthi iqhubeke nokwenza ezibukwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal kulo mdlalo.

U-Emmanuel Mandla Ngema wenkulisa i-Emmanuel Ngema Tennis School okhaya layo liseWestridge Tennis Stadium, eThekwini ubika ukuthi kule mpelasonto izoncintisana nezinye izinkulisa emqhudelwaneni iMini Master Tennis Tournament. ozoqala kusasa ngoMgqibelo usongwe ngeSonto, eWest Ridge Stadium. Lo mqhudelwano ungenelwa abadlali abaneminyaka eli-12, 14 kanye neli-16.

Ngokusho kukaNgema osebe ngumqeqeshi walo mdlalo iminyaka engaphezulu kwengama-50, uthi yize inkulisa yakhe ihlonishwa ngenxa yokwenza kahle kodwa lokho akuyona into ebabusayo ngoba basafuna ukuthi bazuze okuningi.

“Uma ukhuluma nge- Emmanuel Ngema Tennis School, wonke umuntu osuke ezobhekana nabadlali abaqhamuka ngaphansi kwayo usuke azi kahle ukuthi ngisho enqoba usuke esebenze kanzima. Phela le nkulisa iphethe abadlali abancane abagotshwe besemanzi nabanekusasa eliqhakazile.Lokhu abadlali bakukhombise emasontweni amabili edlule benza ezibukwayo, benqoba umqhudelwano obizwa ngeTrafalagar Tennis Tournament owawubanjelwe kuyo le nkundla (iWestridge Tennis) Yize sihlezi sihalaliselwa ngokwenza kahle kwethu kodwa lokho sike senze isiqiniseko sokuthi okushiwo ngathi akungeni emakhanda abadlali, ngoba bangagcina sebehlisa izinga abadlala ngoba bazi ukuthi ibona abahamba phambili,” kusho uNgema.

UNgema udalule ukuthi konke sekumi ngomumo ngalo mqhudelwano, abadlali basesimweni esikahle sokuthi bangabuya nezindondo. Uthe, “ Engibatshele khona ukuthi badlale ngendlela ejwayelekile, okunye nokunye kuzozenzakalela. Angingabazi ukuthi ngeSonto abadlali benkulisa yami ibona abazobe bemenyezelwa njengabadle umhlanganiso kulo mqhudelwano nyakenye esihlulwe kuwo kowamanqamu nyakente,” kuphawula uNgema.

Inkulisa kaNgema iyona esiphenduke ithemba lesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba maphakathi nonyaka inqobe umqhudelwaneno wabangaphansi kweminyaka eli-15 obizwa nge-Interprovincial Tennis Tournament, onamaqembu ali-16. Izihlabani uNgema athembele kuzo ngoSiyabonga Jaca noSimphiwe Ngwenya abadlala esigabeni sabangaphansi kweminyaka eli-12. Kwabangaphansi kweminyaka eli-16 uthembele kuNonhlanhla Ngcobo noThobeka Hlongwane.

See Also

“Labadlali ngazi kahle ukuthi ibona abahlezi bengenza ngiziqhenye ngizibone njengomqeqeshi oseqophelweni eliphezulu. Indlela lezi zingane ezidlale kahle ngayo zingihlabe umxhwele. Ngazi kahle ukuthi zizongenza ngijabule kule mpelasonto kodwa njengoba ngishilo asifuni ukuya enkundleni sibuswa ilokho ngoba kuzosenza sidlale kancane,” kubeka uNgema osonge ngelokuthi ngeke akuthole ukuphumula engamkhiqizanga umdlali oyonqoba iWimbledon okungumqhudelwano omkhulu kwezomphebezo emhlabeni.

NgoZibandlela wanyakenye inkulisa kaNgema ibimele iTheku, emqhudelwaneni oba njalo ngoZibandlela obizwa ngamaSouth African Local Government Association (SALGA). EzikaNgema zabuya nendondo yegolide. Inkulisa yayisiyizuza okwesithathu indondo yegolide nokube ngumlando kulo mqhudelwano. Ekuqaleni konyaka izingane ezimbili uNgema azicijayo uNgwenya noJaca zithole umfundaze esikoleni iDurban Preparatory High School (DPHS), lapho ziyofunda zize ziqede ibanga le-12.

IBAYEDE News ibe isimbuza okaMadlokovu ukuthi kuthini kuyena uma inkulisa yakhe ilokhu isematheni ekubeni incintisana nezinkulisa zabamhlophe? UNgema uphendule kanje: “Ngizizwa ngineme kakhulu njengoba igama lami lilokhu liphatheleke phezulu ekwenzeni kahle kulo mdlalo engiwuzwa ngaphakathi. Uma singathola ukuxhaswa angingabazi ukuthi singahlonishwa umhlaba wonke ngokukhiqiza abadlali abancane abenza ezibukwayo,” kuphetha uNgema.

Scroll To Top