Umkhuhlane womnotho uyathelelana emazweni ngamazwe


INKULUMO yaboHlanga ithi uma kungqubuzana izinkuzi ezimbili kuba ngutshani obuqothukayo. Le nkulumo ifakazelwa nsukuzaphuma yizehlo ezenzeka emazweni kanjalo nasemnothweni wamazwe ngamazwe. Muva nje umnotho wamazwe ngamazwe uyadunguzela.
Ongazi angasola izwe lakhe mhlawumbe ngenqubomgomo engahambi kahle nokungenzeka kube yiqiniso, kepha okujulile wukuthi lokhu kudunguzela phakathi kokunye kwenziwa ngokwenzeka ngaphandle kwezwe lelo. Isibonelo salokhu nje ukwehla nokwenyuka kwamandla erandi kuleli akuncikile kakhulu kokwenziwa yiNingizimu Afrika kepha kuncike eminyakazweni yedola. Khona lapho uma ungowaseLesotho, eNamibia, eSwatini awukwazi ukuhlala wenabe ungazi ukuthi kwenzakalani eNingizimu Afrika ngoba umnotho wala mazwe uncike kakhulu kowaseNingizimu Afrika. Ngisho iBotswana okuke kube nokukhuluma kokuthi okwayo kungcono iqiniso lithi iyazwela uma umkhuhlane wokwehla kwamandla omnotho eNingizimu Afrika ubikwa.
Nayo iNingizimu Afrika iyazwela uma kukhona okwenzeka emnothweni wamanye amazwe edlelana nawo kwezomnotho.
Njengoba seyakha ubuhlobo namazwe akhe uhlaka iBRICS okuyiChina, i-India, iRussia kanye neBrazil uma kukhona okwenzeka kula mazwe iyazwela iNingizimu Afrika.
Okuphinde kube nzima eNingizimu Afrika wukugxamalaza kwayo kwezomnotho njengoba yize ingaphansi kweBRICS ngakolunye uhlangothi idlela lugqokweni lunye namazwe asentshonalanga. INingizimu Afrika inobudlelwane ne-European Union (EU) kanye ne-United States of America (USA).
Nawo la mazwe okungacatshangwa ukuthi ayizikhondlakhondla ayatheleleka yimikhuhlane eyenzeka kwamanye amazwe . Kuyimanje amazwe angaphansi kwe-EU ashaya uzamthilili ngodaba lonswinyo olubhekiswe eRussia. Yize evuma ukuthi kukhona lapho iRussia kumele ijeze khona amanye ancike esisini igesi sakhona ekwenzeni izinto eziningi uma nje iRussia ingavala ipayipi eliphakela amanye ala mazwe iminotho yawo ingafadalala.
Muva nje i-USA ibhekene nesimo esinzima emuva kokuvela kokuthi abahlobo bayo abakhulu kwezomnotho nakwezempi iSaudi Arabia ibe yingxenye yokuduka kwentatheli uMnu uJamal Khashoggi nokusolakala ukuthi ibulewe. Esimweni esejwayelekile i-USA yizwe okuthi uma lisolwa ngokuthile ike iphakamise unswinyo noma isijeziso thizeni. Lapha leli lizwe kalazi lithini ngoba uma kuba nonswinyo olubhekiswe eSaudi Arabia kuningi okungalilahlekela. Okokuqala nje linesivumelwano sokuthengiselana izikhali zezigidigidi neSaudi Arabia kanti futhi bukhona ubudlelwano bokududula amazwe afana neSyria kanye ne-Iran okungathi uma inswinya iSaudi Arabia kube negebe elingenza ivenge le-USA liphazamiseke emazweni ama- Arabhu.
Okukhulu kakhulu wukuthi uma iSaudi Arabia iziphindisela kunganyuka inani likawoyela emhlabeni nokungenza izinto zibe nzima cishe kuwo wonke amazwe. Omunye umkhuhlane uyafufusa eBritain njengoba izolo uNdunankulu wakhona uTerresa May ebeyokhongela izwe lakhe kumazwe akhele i-EU afuna ukuphuma kuyo. Lapha okwenza kube nomdonsiwano wumphumela noma umkhuhlane ongahle ube khona uma iBritain iphuma ku-EU nokuwumkhuhlane ozonabela nakwamanye amazwe.
INingizimu Afrika isazikhotha amanxeba emuva komkhuhlane womnotho ngezikhathi zikaMengameli u-Obama nokwathi uma kungabi nasivumelwano odabeni lwemikhiqizo thizeni yaguqa imboni yakuleli yezinkukhu kwalamba imindeni eminingi. Kayiphathwa eyendwangu yomnotho wamaShayina owaguqisa phansi imboni yakuleli.