I-African Union ne-UN nemizamo yoxolo eSouth Sudan



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
IMPICABADALA yempi yombango eSouth Sudan ibe sematheni kuleli sonto ngenxa yezihambeli eziphezulu ezibuya kwi-African Union (AU) ne-United Nations (UN). Lezihambeli beziholwa nguMnu uSmail Chergui, onguKhomishana woMnyango wezokuphepha noxolo kwi-AU no Mnu uJean-Pierre Lacroix ongomunye woSekela Nobhala Jikelele we-UN. Abanye abaholi abaphezulu abekade beyingxenye yaleli thimba, uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka ohola i-UN-Women, noNks uSpecioza Wandire-Kazibwe, ohola izinhlelo ezibhekene nabesifazane ngaphansi kwe- AU. Ukufakwa kukaWandira- Kazibwe noMlambo-Ngcuka kuleli thimba kubalulekile ngoba lempi ephakathi kwabaholi idla lubi kwabesimame, abadala nabancane. Lena isidale ukuthi abantu abalinganiselwa ezigidini ezine bashiye amakhaya eSouth Sudan. Lolu hambo lwenzeka emveni kokusayinwa kwesivumelwano sokwakha ukubuyisana mhla zili-12 ku Mandulo, ikakhulukazi phakathi kukaMengameli uMnu uSalva Kiir, nePhini lakhe uRiek Machar.
Kuphinde kwagcizelelwa ukuthi ukuhambela kwe- UN ne-AU bekusondelene nokuthola ukuthi kungabe lesi sivumelwano sizofezeka yini kuphinde kuhlolwe ukuthi ngabe yiziphi izingqinamba ezingenza singafezeki. Okuvelile ngukuthi leli thimba libone sengathi noma kukuningi okusamele kwenziwe, okubalulekile ngukuba labo abayingxenye yalesi sivumelwano bakwazi ukumelana naso. Ngamanye amazwi zombili lezi zinhlangango, zithe, abaholi baseSouth Sudan kumele banikeze ithemba kumazwe omhlaba asaqhubekile nokweseka lelizwe, kanye nezakhamuzi, ukuthi bazimisele impela ukumelana ne joka lokudala ukuthula.
Akuqali ukuba kube nethimba eliphezulu elivela kulezi zinhlangano elihambela iSouth Sudan, nesivumelwano sangenyanga edlule akusona esokuqala phakathi kwabaholi bakule lizwe emveni kokuqubuka kwempi yombango ngonyaka wezi- 2013.
Okumele kubuzwe ngukuthi, yini eyehlukile ezovela emveni kwalolu hambo? Noma, yini eyehlukile ezokwenziwa yilezinhlangano emveni kokuba zithumele izihambeli eziphezulu eSouth Sudan? Iqiniso elimsulwa ngukuthi, akukho okutheni lolu hambo oluzoza nakho.
Ukubaluleka kwalolu hambo ekutheni, laba holi okuyibo abasahluleka nanamuhla ukwakha nokuqinisa indlela yokubuyisana ezweni uKirr no Machar, balubone loluhambo njengezinye zezimpawo zokuthi lezihlangano sezikhathele ukwehluleka kwabo. Loluhambo luphinde lubaluleke ngoba kumele luthathwe njengalolo okumele lunike ithemba kwizakhamuzi zase South Sudan lokuthi, kwizingqinamba ezibhekene nazo, azikhohliwe. Ziningi izinhlaka nezinhlangano ezizimele ezikhona eSouth Sudan, iziholwa yizakhamuzi zakhona, ezisaqhubekile nemizamo yazo yokuthi ezweni kudaleke uthula. Yilemizamo yezakhamuzi okumele izinhlangano ezifana ne AU kanye ne UN izeseke.
Lezi zinhlangano kumele zike zizibuze ukuthi indima edlalwa ngamanye amazwe okungaba angomakhelwane beSouth Sudan namanye, inamthelela muni ekwahlulekeni kokudala ukubuyisana ezweni. Amazwe anjenge-Uganda neSudan, angomakhelwane neSouth Sudan, noma eyingxenye yalawo okuthiwa akha uxolo kuleli lizwe, kepha ziningi izinkomba zokuthi aphinde acheme nabaholi abathize ngaphakathi ezweni.
Ikhambi lokuqeda lempi, lotholakala mhla lezi zinhlangano zinquma ukuba zibhekana ngqo nezinsolo ezikhona zokuthi akhona amazwe anesandla kuyo, kodwa ukubakhona kwamazwe enjengalawa, akusho ukuthi abaholi baseSouth Sudan bamsulwa, ngoba ekugcineni yibo okumele beze nezinqumo ezizobhekelela izakhamuzi zezwe labo.
UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwaningo lokudala ukubuyisana nokuthula ezwenikazi i-Afrika