Iseyinkinga eyokuhlukunyezwa kwabafundi besifazane emanyuvesi
NAPHEZU kwemizamo yeKomidi loMnyango WezeMfundo yokulwa nesihlava sokuhlaselwa kwabafundi besifazane badlwengulwe ezikhungweni zmfundo ephakeme, lo mkhuba ubonakala uqhubeka noma sekuqiniswe nezokuphepha kwezinye izikhungo.Ngeledlule kudlwengulwe umfundi endaweni abahlala kuyo eWalter Sisulu University eMthatha. Abafundi bathi kudala bebika kwabaphethe inyuvesi ngezinga lezokuphepha elingekho ezingeni elifanele kule ndawo kodwa zingabi khona izinyathelo ezithathwayo. Lesi sigabeko silandela ezinye eziningi zokuhlukunyezwa kwabafundi ezenzeke kusuka kuqale unyaka. Ngesikhathi iNingizimu Afrika ibungaza inyanga yabesifazane umyalezo owawugqamile ngowokuvikelwa kwabesifazane nezingane nokuthi udlame olubhekiswe kubo lufana nokwephula ilungelo elikumthethosisekelo lokuthi bavikeleke ngaso sonke isikhathi.
USihlalo Wekomidi eMnyangweni Wezemfundo Ephakeme uNksz uConnie September wakugcizelela ukubaluleka kokuhlonishwa kwabesifazane.“Izikhungo zemfundo ephakeme yizindawo zokufukula abesifazane nabesilisa ngokubacija ngamakhono nokunyusa ulwazi lwezinto abavele basuke sebenazo. Lezi zikhungo azikwazi ukuguqulwa zibe izizinda zobugebengu nodlame,” kugcizelela uNks uSeptember.
Uthe iPhalamende lizoqhubeka nomsebenzi walo lokuqapha ngeso lokhozi izikhungo zemfundo, iminyango kahulumeni, izinhlaka zikahulumeni nalezo ezibizwa ngamaChapter 9 institutions ukuba zichaze ukuthi kungani liphezulu izinga lodlame nokuhlukumeza okubhekiswe kwabesifazane. “Emuva komhlangano wokubonisana esibe nawo nabeKhomishini Yamalungelo Abantu, iHuman Rights Commission ophume nemibono yokuthi lesi sihlava singaxazululwa kanjani, iKomidi lizoqala ngokuba neKhomishini Ezobheka Ukulingana ebizwa ngokuthi iCommission on Gender Equality,” kusho uNks uSeptember. Uthi bafuna ukuthi abale Khomishini babike kubona ukuthi iziphi izinyathelo asebezithathile ukubhekana nodlame oluhambisana nobulili ezikhungweni zemfundo ephakeme. Uqhube wathi ikomidi lisashaqekile ukuthi ngalesi sikhathi sokubungazwa kwenyanga yabesifazane, kusekhona izimo lapho abesifazane abancane benganikezwa amalungelo abo akuMthethosisekelo okuba babike ngokukhululekile izenzo zokuhlukunyezwa nodlame.“Ikomidi linxusa uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha ukuba benze ngokushesha imithetho ezovimba ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Akekho umfundi okuzogcina ngokuthi abone kungcono ukuzibulala njengophawu lokudlulisa ukukhala kwakhe,” kubeka uNks uSeptember. Esinye sezigameko zokuhlukunyezwa kwabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme kulo nyaka sigcine siholele ekuzibulaleni komfundi waseNyuvesi iRhodes uKhensani Maseko emuva kokudlwengulwa ngomunye umfundi obeyisoka lakhe kuyona le nyuvesi. Umfundi waseMangosuthu University of Technology eMlaza uNks uZolile Khumalo wangenelwa ngowayeyisoka lakhe endaweni ehlala abafundi iLonsdale eThekwini wamdubula ngoba esemala. Umsolwa kuleli cala uThabani Mzolo kuthiwa wayehlala njalo emsabisa ngokufa uNks uKhumalo ngesikhathi besathandana.