Ushaqekile ngesithombe sakhe ohlwini lwezigebengu


IMILE impilo kowesilisa othi wabhecwa ngobende inyama engayidlanga ngamaphoyisa aseNewcastle enyakatho yeKwaZulu-Natal. UMnu uKhanyisani Ntombela oneminyaka yobudala engama-28 uthi ngenyanga edlule uMandulo noma engasalukhumbuli usuku washayelwa ucingo ngabantu abamaziyo bemtshela ukuthi babona isithombe sakhe ohlwini lwezithombe zezigebengu ezifunwa ngamaphoyisa ngamacala abucayi.
UNtombela uthi waphuthuma lapho wayozibonela isithombe sakhe sichonywe kwezinye ezinabantu abafunwa uthuli amaphoyisa endawo ngaphambi kokuba aye emaphoyiseni. “Sengisaba ngisho ukuhamba kuleli dolobha ngoba abantu uma bengibuka bazibonela isigebengu,” kuzikhalela uNtombela.
“Ngazinikela emaphoyiseni ngiyobuza ukuthi ngifunelwani ngoba akukho cala engalenzayo. Angiyitholanga incazelo yokuthi ngabe ngenzeni, nephoyisa engakhuluma nalo lathi alazi ukuthi ngifunelwani ngoba angikho ohlwini lwabafunwa ngamaphoyisa,” kuchaza uNtombela. Uqhube wathi iphoyisa labe selimbhalisa kodwa lakugcizelela ukuthi akukho cala analo.
“Ngabe sengibizelwa enkantolo yakhona eNewcastle lapho ngingagibelanga ngisho ebhokisini lofakazi kwathiwa alikho idokodo lecala engibhekene ngisho nenombolo yecala ayikho okuyinto eyangimangaza kakhulu. “Ngabuyela enkantolo kwaze kwaba amahlandla amathathu , lafika lahoxiswa icala engingazange ngazi nokuthi kwakungelani,” kubeka uNtombela ngokukhathazeka.
Ubikele iBAYEDE ukuthi okumxakayo ngamaphoyisa ukuthi awakaze afike kubo ezomfuna kodwa wabona isithombe sakhe sesichonywe kubantu abafunwayo ngamacala abucayi. UNtombela uthi usenamahloni ngisho okuhamba ngoba abantu bambuka bajike naye.
Uthi ubudedengu bamaphoyisa sebumlahlekisele nangomsebenzi ngoba usebenza ngabantu njengoba elungisa amakhompyutha namaselula.
Uqhube wathi ugcine esephunyukwa yiqatha emlonyeni ngenxa yalo mhlola ngoba kunomuntu obesemthembise ukumqasha kodwa emuva kokubonakala kwesithombe sakhe ohlwini lwezigebengu waguqula umqondo ethi uzomqasha kanjani umuntu ongethembekile.
Uthi umndeni wakhe uhlukumezeke kakhulu ngalesi sigameko.
“Nezingane zami zingivalela ekhoneni zithi zizwa ngabantu ukuthi ngifunwa ngamaphoyisa. Ekhaya imina owondlayo kodwa emuva kwalesi sigameko izinto ziguqukile ngoba sekuke kube nesikhathi lapho ngize ngicabange khona nokuthi kuphelile ngami, “kubalisa le nsizwa ethi ike yaboshwa ngaphambilini ngecala lokushaya kodwa lathethwa ladlula.
“Kungcono ukufa, kunokuhlukumezeka ngoba ungenawo amandla okuzilwela. Bekungenani bafane bangibophe uma phela nginecala kunokuba bathunaze isithunzi sami ngale ndlela abayenzile ngibukwe yizwe lonke njengesigebengu esingenanembeza. Emehlweni abantu ngiyisigebengu esikhulu esihlala sibalekela amaphoyisa. Angikaze ngifunwe muntu mina kodwa ngichonywe nabantu abafunwayo. Yimbi lento eyenziwe ngabantu bomthetho, ngifuna ubulungiswa ngalolu daba.”
Uthe umthetho kumele ubonakale usebenza kwenziwe ubulungiswa yingakho esecele nezeluleko zomthetho ngezinyathelo okumele azithathe.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle uCaptain uJabulani Ncube ucele iBAYEDE ukuba imnike ithuba ukuze aphenye ngalolu daba. Uthe akekho emsebenzini ngakho akakwazi ukuphendula engakalwenzi uphenyo olunzulu.