Now Reading
Ukhala ngezethembiso zikaMandela ezingafezwanga
Dark Light

Ukhala ngezethembiso zikaMandela ezingafezwanga

INSIZWA endala uMnu uMzikayifani Mkhize (71) ohlala kwaShange eMgungundlovu ungomunye wabantu abagqemeka ingozi engeqiwa ntwala ngenxa yezimpi zangobandlululo. Le nsizwa endala yashiselwa umuzi izimoto kanye nemfuyo ngonyaka we- 1990 ngoNdasa ngenxa yezimpi zodlame.

Exoxisana neBAYEDE uthe: “Inkinga engibhekene nayo ukuthi ngathenjiswa iloyo owayenguMengameli uNelson Mandela ukuthi kumele ngikhokhelwe izinto zami, kuze kube manje angikazitholi lezo zinto.” Phakathi kwezinto okuvela ukuthi kwakumele azihlomule uMkhize imfundo yezingane zakhe, isibonelelo okumele asithole zinyanga zonke, ukwelashwa ngokomqondo kanye nomuzi.

UMkhize uveze ukuthi wasula emsebenzini, imali ayithola iyona athenga ngayo itekisi kanye neveni, ngoba wayesebona ukuthi imali ayezoyakha yayingaphezu komholo.

Uma ephawula ngesizathu esaholela ekutheni ashiselwe impahla uthi akasiqondanga ngoba yena unguMfundisi. Le nsizwa esikhulile ithi yagcotshwa ngonyaka we- 1985. “Ngangingenayo ingane eyaseyikhulile, futhi ngangingazihlanganisi nezinto zepolitiki, okwakungase kwenze ngihlaselwe nami,” kusho uMkhize.

Uqhube wathi ngonyaka we-1990 kwaphakwa impi eyayihlasela kwaShange (indawo) nokwaholela ekutheni wonke amalungu omphakathi abaleke ayoquba entabeni. “Sengizobuyela ekhaya ngezikhathi zantambama seyithe ukudamba impi, ngafi ka umuzi wami usha, izimoto zami zisha, imfuyo beyishisile kwacaca ukuthi angisele nalutho,” kusho uMkhize. Uqhube ngokuthi emva kwaleyo mpi bathutha abantu bayohlala eSigodini eThuthuka okuyihholo lomphakathi.

Uqhube ngokuthi ngenxa yokungakwazi kwakhe ukuhlala nesixuku wakhetha ukuhlala komunye umuzi wakwa Mdlalose iminyaka emibili nabo ababengabanye ababaleka baya eThuthuka. UMkhize uthe: “Inhloso yokuthi ngingasuki kwakungukuthi abashisi bomuzi wami abeze bazongibulala kanye nezingane zami ngoba ngangingasayiboni into engiyibalekelayo.”

UMkhize uthe ukubuya kwakhe esuka kwaMdlalose eseya kwakhe ngonyaka we- 1992 wayesengumuntu ophila ngokupatanisa. Uqhube wathi ngonyaka we-1997 ukuxakeka kwamphoqa ukuthi akathandazele abantu ngemali khona ezokwazi ukuphila. “Ngaleso sikhathi ngangingenambhede, ngilala emabhentshini asesontweni.”

UMnu Mkhize ukhale izinyembezi ephawula ngokudlula kukankosikazi wakhe uNkk uNonhlanhla Mkhize, owadlula ngonyaka wezi- 2000. “Okubuhlungu kakhulu ngokudlula kukankosikazi wami owavele wawa wathula,

wangishiya nengane eneminyaka emithathu yokugcina. Ukuzwela kwakhe usizi esasibhekene nalo kwamudla enhliziyweni kwasala kuyisilonda esasimudla mihla namalanga. Akazange agule umkami wavuka ekuseni wavele wawa kwabe sekungukuphela kwakhe,” kusho uMkhize.

Ngaleso sikhathi uMkhize wayesethandazela abantu ngemali engamarandi amahlanu sebekwazi ukuthola ukudla okunesishebo mbijana. “Umkami nguyena ogama lakhe liphezulu kwaTruth and Reconciliation Commission (TRC). Unkosikazi uyena owagijima kakhulu elungisa izinto mina kwangqondo yami yayifi le, ngasengikhethe ukufa kodwa kulukhuni nokuthi ngizibulale. Ngabizwa kuthiwa angize ngizosayinela izimoto zami, ukukhuluma iqiniso angazi noma ngagcina ngiyile yini,” kusho uMkhize.

I-TRC iyona nhlangano eyayizoletha izinxephezelo kulabo abahlukumezeka nabalahlekelwa izinto ngesikhathi sobandlululo. “Angilazi icala lami lokuthi ngishiselwe kanje ngangenzeni kubani, lo owayenesihluku kangaka osehluleka nawukucabangela izingane. Akukho okwami okungafanga kwasala inkukhu kuphela ngoba nayo iyandiza.”

Uqhube ngokuthi emva kokudlula kukankosikazi wakhe ngonyaka wezi-2000 wabizwa ukuthi azothola imali eyizinkulungwane ezingama-R30. “Ngawuthola lowo R30 000.00 owangisiza ekutheni ngimbuyise ngenze umsebenzi wakhe ngithenge nemibhede, ngoba sengipatanisile ngakha lo muzi,” kusho uMkhize.

Ayikho iminyango angayihambanga edinga usizo ngoba esezitholile izincwadi ezasayindwa nguMandela. UMnyango Wezokuhlaliswa KwaBantu owayebathumelela izincwadi kwakunguMnu uLebohang Malatse. Okubuhlungu ngukuthi usuku okwakumele afi ke ngalo kulo muzi uMalatse ingalolu ashona ngalo. Emva kokushona kwakhe kwafi ka uMnu uJohn Cross naye wangethembisa, wahamba ijuba likaNowa,” kusho uGubhela.

See Also

Kwathiwa akabhalele uMnu uMike Mabuyakhulu, “Ngephutha elikhulu amaphepha ami angempela ngagcina ngiwanikeza inkosikazi kaDkt uZweli Mkhize, sengiwafuna lawo maphepha angiphindanga ngawathola.”

UMkhize ukhala kakhulu ngendlela abaholi abadlala ngayo ngaye bemehlisa bemenyusa benikezelana ngaye kubaholi nasola ukuthi kwakuyindlela ababemlibazisa ngayo. Ukhale nangabasebenzi ababemlutha bengafuni afi nyelele kuMabuyakhulu. Ukhale kakhulu ngalowo owayenguSodolobha kuMaspala uMsunduzi uMnu uHloni Zondi athi wamshiya ehhovisi. Wayethunyelelwe kuyena ngoba kuthiwa zomsiza ekuxakekeni kwakhe.

“Abekho abaholi abangenawo amaphepha nabangalwazi udaba lwami, bonke bangishiya ngingundinga sithebeni. Ngifi sa kufezwe izethembiso engathenjiswa zona nguMandela ngoba ukube sakuthola loku kwelashwa ngokomqondo esathenjiswa khona ngabe umkami akasishiyanga,” esho ngosizi.

UGubhela unesiqiniseko sokuthi wayengeke azisayine uMandela izinto okungesizona kodwa okumele bamnike abamniki. UMkhize usezisola nokuthi wawuyekelani umsebenzi ngoba ngabe noma washa umuzi wakhe kodwa ngabe indlala akayizwelanga kangaka, kuze kuholele ekutheni kudlule umkakhe emhlabeni.

Uqhube wathi awukho unyaka owazwela endlaleni kuye njengowe-1996, ngoba kwasekuphele nemali ayeyilondolozile. UMkhize uthe: “Ngihlezi ngizisola ngoba unkosikazi wami akakaze aphile impilo yokuciciyela, ngihlezi ngicabanga ukuthi isona sizathu esaholela ekutheni avele awe athule, ngingamboni noma egula ngoba into ebimudla mihla namalanga.”

Ephawula ngesizathu esaholela ekutheni kushiswe izinto zakhe uthi akasazi ngoba yena wayengumfundisi, futhi nezakhamuzi zazazi ukuthi akayingeni indaba yezimpi kanye nemibango yezepolitiki. Uthi kodwa ngalelo langa kwakuhlasele Inkatha. “Noma ngabe ngashiselwa omakhelwane kunzima ukuthi ngisho ngoba ngalolo suku kwakuhlasele Inkatha, impi eyayiqhamuka kwaNtombela,” kulanda uMkhize.

Scroll To Top