Now Reading
Abezindaba abekho msulwa kwelokugwamandwa kombuso
Dark Light

Abezindaba abekho msulwa kwelokugwamandwa kombuso

SIKHULE kunomlolozelo esabe siwusho njalo ezikoleni zakoBantu. Lo mlolozelo wabe ungothekwane owabe uzibuka emanzini uthi muhle kanti woniwa yiqhubu elamila esiphundu, uthanda ngisho imicondo yawo. Kuningi okwabe kuyisifundo kulo mlolozelo nokuthe uma ngikhula ngakuqaphela. Ngiyaqaphela nje ukuthi abanye othekwane bakhona lapha kwabezindaba nezokwazisa. Ngokomlando abezindaba nezokwazisa bawumgogodla wenqubo yedemokhrasi, kokunye yibo abangamehlo nezindlebe zezakhamizi. Ngabe nje kasazi ngemikhuba egilwa nguHulumeni nezisebenzi zakhe ukuba abekho abezindaba. Ngabe sisebumnyameni ngepolitiki yamazwe kanye neyomnotho ukuba abekho abezindaba . Ngalokhu bamqoka abezindaba ekusabalaliseni ulwazi nokwenza mina nawe sikwazi ukuba yingxenye yento esiyaziyo nesiyiqondayo.

Nokho konke lokho akusho ukuthi kabanasici. Sisho njalo isiZulu sawokhokho ukuthi ‘nelengqwele liyopha’, ngakho amaphutha abezindaba kumele amukelwe. Kepha okukhulu kakhulu wukuthi bona qobo abezindaba kumele bamukele uma benephutha. Iphutha elikhulu nje kulezi zinsuku yileli abalenza nxa bebika ngesigcawu sikaMehluleli uZondo nesibheka izinsolo zokubhozonyelwa kwamandla ombuso ngabathile.

Lesi yisigcawu esimqoka ngoba yize siphenya abanye kepha singathi ngoba enakaziwe yimali yethu bakhokhi bentela hhayi uHulumeni ngoba naye udla lapha kithi. Ubumqoka kwalesi sigcawu kuphoqa khona ukuthi kumele abezindaba , abayiso nezidlebe zethu kumele benze okuthile nokwehlukile. Phakathi kwezinto okumele bazenze wukusazisa ukuze sizwe bese sithatha izinqumo eziyizo.

See Also

Ngeshwa lezakhamuzi zakuleli abezindaba noma ngithi abanye babo abakwenzi lokhu kunalokho bachitha isikhathi besifunza ngalokho abacabanga ukuthi kuyikho. Abanye babo banothando oluthile ngabanye babantu abathintekayo nokwenza uma bebhala bayeke ukusifundisa kepha banyayalate nje. Lokhu ngithi kuyishwa ngoba izakhamuzi zifanelwe ngokungcono kwabezindaba abahlale njalo bezidweba njengabantu abaqotho. Alikho ihaba ekutheni kuze kube namuhla iningi lezakhamuzi lithola uhlangothi olulodwa uma kufika ezindabeni ezithinta izethulo kuKhomishini kaZondo. Lokhu akwakhi futhi akufundisi muntu kunalokho kufihla amanye amaqiniso. Njengoba ngishilo nxa uthekwane ungakaziboni wona ukuthi uneqhubu uzoqhubeka nokuthi muhle , uqhubeke nokusola abanye ngalokho abakuphawulayo wona ongakuboni. Nokho umehluko ngalo thekwane wethu wukuthi uyazibona (ngoba uyasho ukuthi ngoniwa yilokhu nalokhu) kepha wenza ngabomu ngoba izakhamizi zamnika amandla okuthi akanasici. Umkhuleko yiwo loyo wokuthi kwabezindaba basazozalwa ababona lokhu izinkulungwane zakuleli ezikubonayo, ukuthi kukhona okungahambi kahle.

Scroll To Top