Isekhona imibuzo ngoMthetho wokudayiswa kotshwala


NGAPHAMBI kokuba kuphasiswe umthetho omayelana nokusetshenziswa kotshwala eNingizimu Afrika iLaw Soicety of South Africa yenza izethulo ngokuningi okwakuthinta ukusetshenziswa kotshwala. Esinye sezethulo kwaba iDraft Liquor Amendmend Bill yowezi-2016. Kulesi zethulo iLaw Society of South Africa yaveza ukuthi kuningi okwakungaphambana noMthethosisekelo uma kwakungachitshiyelwa uMthetho wotshwala iLiquor Act 59 wezi- 2003. Le nhlangano yezomthetho yaveza ukuthi zonke izitolo zotshwala, amahhotela, izindawo zokulala nokugcebeleka nezokudla okusheshayo zizovala kuphele imisebenzi uma kungukuthi zisondelene ngebanga elingama-500 nezikole, amasonto, izindawo zokungcebeleka nokuzithokozisa njengamapaki, izikhungo zokwelashwa nokuhlunyeleliswa kwezimilo , imizi yabantu nezinye izindawo ezingathinteka ngokwakhelana namajoyinti.
Okunye okwabuzwa iLaw Society of South Afrika ukuthi kuyokwenziwa njani uma kuwukuthi isikole noma isonto sisendaweni eyibanga elingama-500 ukusuka lapho kunendawo khona edayisa utshwala. Yabuza ukuthi ngabe kusho ukuthi lowo osethole ilayisensi yokudayisa utshwala sekumele afudukele kwenye indawo ngoba kulesi sikhathi amasonto agcwele kuzona zonke izindawo kulalwa lingekho kuvukwe selikhona ezindaweni. ILaw Society of South Africa yaphakamisa ukuthi kubhekwe izinto ezithile njengokubukisisa iSigaba soMthetho esinguSection 1. Lesi sigaba sichaza indawo yokukhonzela noma isonto njengesakhiwo lapho kuhlanganela khona abantu ngenhloso yokuzokhonza.
Le nhlangano yaveza ukuthi incazelo yalolu hlobo yesonto iyadida ngoba ngokweSigaba 13 soMthetho lowo osabalalisa utshwala noma ongumkhiqizi wabo kumele aqhele ngebanga elingama-500 endaweni yokukhonzela. UMthetho wawungacacisi ukuthi lapha kukhulunywa ngesakhiwo sokukhonzela sesikhashana noma isakhiwo esiyohlala sikhona njalo. Okunye okwaphanjanwa ngakho ukuthi lo Mthethosivivinywa uvimbela ukukhangiswa kotshwala emabhodini amakhulu uma kuwukuthi lelo bhodi lisebangeni elingama-100 metres ukusuka emgwaqeni omkhulu. Okunye okwakhalwa ngakho ukuthi nasezikhangisweni zotshwala kuthelevishini nasemsakazweni kumele kube yizikhathi ezithile kuphela okukhangiswa ngazo.
Konke okwakuphikiswana ngakho kwagcina kubuyele eHhovisi likaNgqongqoshe nakuKhabhinethi njengoba kwagcina ngokuthi kugunyazwe ukudayiswa kotshwala ngamasonto eNingizimu Afrika phakathi kwehora leshumi ekuseni kuze kube ukugamanxa kwehora lesithathu ntambama. Ngokomthetho omuntu okumele adayiselwe utshwala ophakathi kweminyaka eli- 18 nengama-20. Naphezu kokuba isilinganiso seminyaka yabadayiselwa utshweala nabavumeleke ukubuphuza eNigizimu Afrika sekuyisikhathi ime ku-18 kodwa izinga lokuphuza kwentsha liphezulu. ILaw Society of South Africa yaphakamisa ukuthi abantu bafundiswe ngobungozi bokusebenzi utshwala ngokweqile. Yaphionde yathi okusemqoka ukuthi kungagcini ngokuthi kufundiwswe abasebenzisi botshwala kuphela kepha nabaphisi babo kuze kuyofika kubadayisi.