IBanks Act inemibandela eqinile kwabatshelekisa ngemali


UKWANDA kwamacala nezigameko zokushintshisana ngemali okuvamise ukuthinta nezinhlangano zokubolekisa ngemali ezingabhalisiwe sekwenza ukuba kushaywe umthetho owengamele izikhungo zokulondoloza nokutshelekisa ngemali.
Lo Mthetho obizwa ngeBanks Act unemibandlela ezikhungweni ezitshelekisa ngemali nakubantu abatshelekisayo, kodwa naphezu kwawo ziyanda izikhungo ezingekho emthethweni ezitshelekisa ngemali. Kwamanye amacala aseke angena ngisho nasezinkantolo kukhona elikaKruger v Joint Trustees of Paulos Bhekinkosi Zulu elenzeka kuleli ngoNhlangulana wezi- 2011. Kuleli cala uMabhalane Wamabhange esebenza ngoMthetho iSouth African Reserve Bank Act 90 we- 1989 waqasha uKruger ukuba aphenye uZulu nenhlangano ayeyisebenzela okwabe kungeyakhe ebizwa ngokuthi iTravel Ventures Institution (TVI).
Okwakulandelwa kuZulu ukuthi wayesebenzisa iTVI njengebhanoyi eqoqa imali kubantu ngethemba lokuthi bazoyithola isiphindaphindiwe emuva kwesikhathi esithile. Le nhlangano kaZulu yayingabhalisiwe njengebhange ingawulandeli nomthetho owengamele amabhange iBanks Act we-1990. Okwakwenziwa uZulu kwakuphambene nomthetho sekuvaliwe nasemazweni angaphandle. Okwenza uMabhalane Wenkantolo ajube uKruger ukuthi wayefuna ukucubungula ukungena nokuphuma kwemali kule nhlangano kaZulu.
Noma sasingekho isidingo sokufuna umyalelo wenkantolo njengoba uMthetho owengamele amabhange iBanks Act wawuvele unika uMabhalane Wenkantolo amandla okuthola lo myalelo, kodwa yena wabona kungcono ukunikela enkantolo ukuze athole umyalelo wokuthola ilungelo lokulawula ibhizinisi likaZulu nenye impahla yakhe.
UMehluleli uRadebe wamchitha uMabhalane Wenkantolo ethi isicelo sakhe asiphuthumi kakhulu. UMehluleli waphinde waveza nokuthi uZulu akuzange kuxhunywane naye , kanye nokuthi zonke izinhlaka ezithintekayo nazo azithintwanga ngendlela.
Ngesikhathi sekufika isikhathi sokuthi kulalelwe lolu daba kwase kukubi kakhulu ngoba nebhizinisi lilaZulu lase liwile nabantu ababefake izimali zabo kulo bengasatholakali. UMehluleli uDambuza JA nozakwabo uMehluleli uPoterill bavumelana ngokuthi nakuba uZulu engasenalutho, kodwa kwakusabalulekile ukuba udaba lwakhe lonke lucutshungulwe ngokulandela umthetho iBank Act ukuze kuthi noma kuqhamuka amacala afanayo esikhathini esizayo kusetshenziswe indlela efanayo. Okunye okwakwenzelwa lokhu ukucacisa ngamandla nomsebenzi womlawuli osuke ebhekele ukuthi ngesikhathi kuphenywa udaba kulandelwa umthetho. Lowo mlawuli ubizwa ngeRepayment Administrator.
Ngokusebenza komthetho , impahla yomuntu obephenywa uMabhalane Wenkantolo amandla alele kuRepayment Administrator kusuka ngesikhathi eqashwa ukuba enze lo msebenzi. Ngesikhathi kuqhutshekwa nokulalelwa kodaba lukaZulu kwavela ukuthi esinye isigaba soMthetho iBanks Act okuyisigaba 84 sithi uma kudliwa impahla yomuntu okutholakale ukuthi ubeqhuba ibhizinisi engawulandeli umthetho, kukhona lapho kubhekwa khona ukuthi enye impahla ayithole ngezindlela eziqondile ingadliwa.
Kwavela nokuthi kukhona lapho iNkantolo eNkulu yenza khona iphutha ngokuchitha uMabhalane Wenkantolo ngesikhathi imyalela ukuthi isicelo sakhe asiphuthumi kakhulu nokuthi kukhona izinhlaka ezingazange zithintwe odabeni lukaZulu. Kwabuye kwavela nokuthi inkantolo yayingenawo amandla okugunyaza ukudliwa kwempahla kaZulu.
Okwakulindelekile ukuthi kunxuswe uZulu abuyisele emuva yonke imali eyayingene esikhwameni senhlangano yakhe ngendlela engekho emthethweni.