Now Reading
Bathi bazophindela ensimini yize kusenzima abeCane Cutters
Dark Light

Bathi bazophindela ensimini yize kusenzima abeCane Cutters

UMDLALI osephenduke insika eqenjini lase sifundazweni iKwaZulu-Natal Uthongathi FC oluyibamba kuNational First Division (NFD), uCelimpilo Ngema uthi yize izinhliziyo zabo zisaqaqamba ngokulahlekelwa nguMengameli wabo ngeledlule kodwa lokho ngeke kubavimbe ekutheni bafeze amaphupho abo ale sizini.

NgoMsombuluko wamhla zili-10 kwephezulu Uthongathi FC lugutshuzelwe ifu elimnyama njengoba uNicholas “Nico” Mkhize obenguMengameli weqembu wadutshulwa wabulawa.

Ngokusho kukaNgema uthe bengabadlali kusenzima ukuthi betshise lolu daba njengoba lubashiye nesikhulu isilonda.

“Kusukela uSikhulu esishiyile kusenzima singabadlali ukuthi samukele isimo, kusemuncu, kodwa siyethemba ukuthi sizofi ka isikhathi lapho sizodlulisa khona. Imiyalezo yendunduzo efi ka mihla namalanga ngicabanga ukuthi iyona ezosiqinisa idolo,” kusho uNgema.

NgoLwesibili leli qembu belihlangene nabantu abaluleka ngokwengqondo akade bezoqeqesha umqondo wabo mayelana nesimo ababhekene naso.

AmaCane Cutters (Uthongathi FC) ngeSonto azobuyela enkundleni lapho azotholana khona phezulu neWitbank Spurs emdlalweni ozobanjelwa ePrincess Magogo Stadium libumbene elesithathu ntambama.

IBAYEDE ibuze uNgema oteketiswa ngokuthi uZizou, ukuthi ngabe usekulungele yini ukuthi bangabuyela enkundleni.

“Sikulungele ukubhekana neSpurs (iWitbank), okwenzekile kwenzekile yize noma kunzima kodwa kuzomele sibuyele enkundleni senze into uSikhulu abeyithanda. Amaphuzu amathathu kuphela esiwafunayo okuzokwenza ukuthi naye (uSikhulu) ajabule lapho ekhona,” kubeka uNgema.

Lo mdlali ogqoka ujezi unombolo-10 oyibamba esiswini uqale ukudlalela Uthongathi FC lusagijima kuSAB League ngowezi-2014.

Emidlalweni yamaplayoff okungena kuNational First Division (NFD) ngesizini yangowezi-2016/17, udlale indima enkulu esiza Uthongathi FC ukuthi luyinqobe leyo mdlalo okwenze leli qembu ngesizini edlule langena kuyona iNFD.

Kuleyo midlalo yokuhlunga waqokwa njengomdlali ovelele. Emdlalweni wamanqamu ezakhe zibhekene neSuper Eagles waqokwa njengomdlali owenze kahle.

Ngesizini edlule udlale imidlalo engama-28 wavalela phakathi amagoli amabili.

Ebuzwa ngokuthi kule sizini yikuphi akufi sayo kanye neqembu lonke uthe: “Ngifuna ukuvalela phakathi amagoli ali- 10, ngikhande ali-15. Esikufi sayo ukuthi sidlale amaplay-off okungena ku-Absa Premiership,” kusonga uNgema.

Leli phephandaba liphinde lakhuluma nokhulumela isigungu sabaqondisi uNkosinathi Chili, lapho belimbuza ukuthi njengoba sekuvele lo mshophi iqembu lizoba nazo yini izinkinga.

See Also

“Sihlale phansi sakhuluma ukuthi kumele simise kanjani. Siyathembisa ukuthi iqembu lisazoqhubeka nokwenza kahle. Sizoba imbumba senze isiqiniseko ukuthi sithatha iqembu silibeka ku-Absa Premiership obekuyinto abeyifi sa uSikhulu. Amaphuzu amathathu iwona azosilekela ekutheni sithi ukukhohlwa kancane ngokwenzekile,” kusho uChili.

Leli qembu ngoLwesithathu wamhla zingama-26 kwephezulu lizophinde litholane phezulu neReal Kings, lo mdlalo bekumele ube ngeSonto eledlule kodwa ngenxa yalo mshophi wahlehliswa. Uzobanjelwa ePrincess Magogo Stadium ngelesithathu ntambama.

Isiyonke imidlalo yeNFD kule mpelasonto ihlelwe kanje:

Kusasa

iReal Kings neTS Galaxy (eSugar Ray Xulu Stadium); Mbombela United neTS Sporting (eMbombela Stadium); i-Ajax Cape Town neMaccabi FC (eCape Town Stadium); iPretoria University neRoyal Eagles (e-Absa Tuks Stadium).

Ngesonto

Uthongathi FC neWitbank Spurs (ePrincess Magogo Stadium); iJomo Cosmos neRichards Bay FC (eMakhulong Stadium); iTshakuma Tsha Madzivhandila neCape Umoya (eThohoyandou Stadium). Yonke le midlalo izoqala libumbene elesi-3 ntambama.

Scroll To Top