UZuke usezibona egijima eqenjini elikhulu kuPSL
“NGIFUNGA ngiyagomela ukuthi kuzoba isizini yami yokugcina ngigijima kuMultichoice Diski Challenge (MDC), kodwa konke lokho kulele ekudlaleni ngokuzimisela.”
Lawa ngamazwi enjini yeLamontville Golden Arrows egijima kuMDC, uThabani Zuke othe usegijime amasizini amathathu kule ligi edlalwa abadlali abancane bamaqembu agijima ku-Absa Premiership kanye nalaba abangalitholi ithuba emaqenjini amakhulu.
Kusasa le ligi izovulwa yi-Arrows okuyiyona ompetha bangesizini edlule, izovula nompetha beMultichoice Diski Shield (MDS) okuwumqhudelwano womkhumulajezi wale ligi iKaizer Chiefs.
Lo mdlalo uzoba ngeSonto eMpumalanga Stadium ngelesithathu ntambama.
Eqhuba uZuke oneminyaka yobudala engama-20 ohlala eziMbokodweni, uthe usekhathele ukubuka ozakwabo bethola ithuba lokugijima eqenjini elikhulu
“Ngibona sesifikile isikhathi sokuthi isibongo sami sibizwe ku-Absa Premiership. Kumasizini amathathu esengiwadlalile kuMDC sengifunde lukhulu, engikufundile ngiyacabanga ukuthi sekungangisebenzela kuligi enkulu. Ozakwethu ebesidlala nabo asebenikezwe ithuba lokudlala eqenjini elikhulu ngiyababona benza kahle, nami ngikholelwa ukuthi ngingafike ngenze njengabo,” kusho uZuke.
Abadlali akade bedlala kuMDC asebegijima eqenjini elikhulu le-Arrows, uNkosinathi Sibisi obengukaputeni kuyona iMDC, uSiboniso Conco, noSphamandla Sabelo.
Abanye uNduduzo Sibiya kumasizini amabili edlule oke wagaqelwa amaqembu amakhulu ku-Absa Premiership iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
Nyakenye uZuke unqobe umqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kwengama-20, obizwa ngeCosafa U/20 Youth Championships. Lo mqhudelwano ububanjelwe eZambia ngoZibandlela.
Ngomdlalo wabo neChiefs uthe iChiefs iqede isizini edlule ihambela phezulu njengoba yanqoba iMDS lokho kusho ukuthi umdlalo wabo uzoba nzima.
“Umdlalo wethu neChiefs owamagqubu njengoba ngesizini edlule sibahlulile bazoza kuthina bezobuyisa izinduku. Inhloso yethu ukuthi sivikele isicoco sethu kule sizini sinqobe neMDS,” kuchaza uZuke.
Uzuke uphinde wathi mathemba eqembu kulesizini bawabeke kuNkosinathi Dube, uMfanafuthi Mkhize, uLindani Ndelu nakuyena imbala kwazise bebeyingxenye yeqembu kumasizini amathathu.