AmaSharks afuna ukujabulisa abalandeli


YIZE kunekhefu lemidlalo yamaqembu esizwe kodwa abathandi bezemidlalo kakhulukazi umbhoxo nonobhutshuzwayo esiFundazweni iKwaZulu-Natal, isizungu bazosizwa ngendaba njengoba imidlalo izobe ichithekile kusukela namhlanje kuze kube isonto.
Umdlalo okuzoba yiwo ovulelayo namuhla kuzoba owombhoxo lapho kubhekana khona iCollege Pumas namaSharks eJohnsson Kings Park Stadium, eThekwini ngehora lesikhombisa kusihlwa.
Abalandeli baleli qembu kulindeleke ukuthi bagcwalise inkundla ukuqinisekisa ukuthi iqembu labo amaSharks, ayaqhubeka nokwenza kahle kulo mqhudelwano obizwa ngokuthi iCurrie Cup.
EzikaRobert du Preez ocija amaSharks zisadlale imidlalo emibili yomibili lemidlalo zisayinqobile. Kumdlalo wazo wokuqala zatholana phezulu neVodacom Blue Bulls khona eJohnsson Kings Park, zanqoba ngamaphuzu angama-26 kwali-10. Ngeledlule zidlale umdlalo wazo neToyota Free State Cheetahs zayihlula ngamaphuzu angama-33 kwangama-29.
ICollege Pumas emidlalweni emibili yayo inqobe owodwa yahlulwa kwemibili, yabhaxabula iTafel Lager Griquars ngamaphuzu angama-42 kwali-19. Emdlalweni wesibili yahlulwa IDHL Western Province ezihola phambili kuligi, yayibhaxa ngamaphuzu angama-57 kwangama-28.
Ukaputeni wamaSharks uChiliboy Ralepelle utusa indlela abadlali ababambisene ngalo.
“Indlela esidlale ngayo ngeledlule namaCheetahs idinga ukuthi ishayelwe izandla, umdlalo ubunzima kodwa ngokubambisana sagcina sinqobile. Indlela esiqale ngayo isizini iyona esifuna ukuthi siqede ngayo bese isongwa isizini. Sisemjahweni onzima umdlalo nomdlalo sidinga ukuthi siqoqe amaphuzu agcwele,” kusho uRalepelle.
Uqhube wathi bayazi ukuthi banomthwalo onzima kubona okuwukuthi bajabulise abalandeli njengoba behlulekile kuSuper Rugby.
AmaSharks lo mqhudelwano asawunqobe amahlandla ayisikhombisa agcine ukuqunqoba ngowezi-2017, ahlulwe iDHL Western Province okuyiyo ehamba phambili ngokuwunqoba isawunqobe amahlandla angama-34. Abesandaweni yesibili ngokunqoba lo mqhudelwano amaBlue Bulls asawunqobe amahlandla anagma-23.
Eminye imidlalo ebhekwe ngabomvu ezoba kulesi sifundazwe iKwaZulu- Natal, umdlalo ozoba phakathi kweBafana Bafana ezotholana phezulu neLibya kusasa ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, emdlalweni wokuhlungela ukungena emiqhudelwaneni obizwa ngokuthi i-African Cup of Nation ozoba seCameroon ngonyaka ozayo,
NgeSonto eHammarsdale eMpumalanga Stadium kuzoba nemidlalo emithathu yeMultichoice Diski Challenge (MDC), kweminye yemidlalo kukhona amaqembu aseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
IMaritzburg United izobhekana neMamelodi Sundowns ngelesishiyagalolunye, AmaZulu abhekane nePirates emini bebade, kuvale umdlalo ophakathi kweLamontville Golden Arrows neChiefs ngehora lesithathu.