ONgangezwe Lakhe nesexwayisokwabaxova imindeni



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
ISIGODLO OSuthu sivamile ukuba yindawo yezigameko eziguqula umlando kaZulu. Kukulesi Sigodlo lapho amagumgedlela amaNgisi abopha khona iNgonyama uDinuzulu. Lapha uMamonga woSuthu (iNgonyama uDinuzulu) waphuma ngezinyawo zakhe okokugcina kwabo OSuthu njengoba ekuboshweni kwakhe, wadingiselwa kwaThengisangaye eMpumalanga wabuya kweleZinyandezulu ngebhokisi njengoba akhothamela kwaThengisangaye nokwaba yinxeba kuZulu. Nakuleli sonto lesi Sigodlo sibe yindawo yomhlangano omqoka nongase uguqule isimo soBukhosi. Ilanga ebelikhipha umkhovu etsheni aliyivimbanga imindeni yezizwe zikaZulu ebezizokhala koNgangezwe Lakhe. Lokhu kulandela ukumemeza kweSILO nesibize yonke imindeni yezizwe ebikhala ngokuthi ihlinzelwa ezibini nguMnyango oholwa nguMnhlonishwa uMaDube Ncube.
Phakathi kwezikhalo zale mindeni yizinsolo zokuthi izikhulu zoMnyango noMhlonishwa baxova ulibo lwemindeni nokugcina sekubekwe abangafanele ukuba ngamakhosana alezo zizwe. Lo mhlangano obuhlelelwe ukuba uqale ngehora leshumi izolo eSigodlweni OSuthu, ubuhanjelwe yimindeni ebivela kulo lonke eleNdlovukazi uMthaniya. Lithe liphuma ilanga kwabe sekuphithizela eSigodlweni, izimoto zithe shaye. Kuthe kushaya ihora leshumi itende ebelilungisiwe ukuba limumathe izihambeli bese lilincane ngenxa yesibalo sabantu. Bekukhona ithimba likaHulumeni waKwaZulu-Natal nawo osolwa ngokuxova belikhona liholwa nguNdunankulu uMchunu. Naloyo osolwa ngokuxova, uMhlonishwa uMaDube Ncube ubekhona. ISILO ebesibonakala nasebusweni ukuthi lolu daba lusithintile ephefumulweni sithe kuyishwa ukuthi lo mhlangano ungowokuqala owenzeka ngaphansi kukaHulumeni wedemokhrasi nokukhomba ukuthi kunenkinga. Khona lapho Omdala ube esesola labo athi banetulo lokuxova umndeni kaZulu nathe abakwenzayo kwehlula ababusi abangamakoloni noHulumeni wamaBhunu.
Abanye abakhulume naleli phephandaba bazwakale bengakuqondi futhi bengakwenameli ukufika kwethimba likaHulumeni kulo mhlangano. “Siyamangala ukuthi bayaphi (ithimba likaHulumeni) ngoba silapha nje namuhla kungenxa yabo. Yibo abasixovayo befaka abantu ababathandayo,” kusho omunye oyilungu lomndeni nongathandanga ukuba igama lakhe livele. Omunye ovela esizweni esakhe esifundeni iKing Cetshwayo uthe uyalibonga leli thuba ngoba bese bethi balahliwe. “Siyabonga ukuthi ISILO sisibize kade singqongqoza sizokhala ngemikhuba egilwa emizini yakwethu. Impela bese sithi Omdala usesinikele ezingcangeni ezizoxova isizwe,” kusho leli lungu lomdeni. Sethula inkulumo yokwamukela ISILO sikhulume ngobumqoka kwesakhiwo somndeni kuZulu. “Umlando wethu uyasivezela ukuthi uBukhosi engiyinhloko yabo busekelwe imindeni, lokhu kwenza isakhiwo somndeni sibemqoka noma sibe umongo kaZulu. Endulo imindeni yiyo eyayikhiqiza amaqhawe empi, amadelamzimba. Izintombi lezi esizobe sizamukela kusasa selokhu kwathi nhlo, zivela emndenini.
“Wona futhi umlando uyasivezela ukuthi umndeni kaZulu wawuhlale njalo ungabavikeli beSihlalo. Kungenxa yalezi zathu Zulu nezinye, ngisukumele phezulu uma ngibona ukuthi kukhona okuphazamisa isakhiwo somndeni. Njengoba nilapha niyimindeni eyahlukene, nize esibayeni senu esikhulu okuyiseNdlunkulu,” kusho ISILO. Omdala ube esethi: “Ngiyamukela ukuthi nize kimi ngezinkinga ezinikhungetheyo, ngiyamukela futhi ukuthi nize kimi njengomzali ngenhloso yokuba nginelaphe kulokhu okuniphetheyo. Lowo umsebenzi wami nomsebenzi owaqalwa okhokho endulo wokuba ngibe yinhloko yomndeni omkhulu kaZulu. Bantu bakaBaba, ukufika kwenu namuhla kufakazela khona ukuthi uBukhosi lobu bunomnikazi. Lokhu ngithi angikusho ngoba lapha phandle sekukhona ukudideka ukuthi ubani umelusi. Kulaba abanaloku kudideka ngithi kubo abadede ngoba lezi zinkomo abazama ukuzelusa zinomelusi futhi nazo ziyamazi umelusi. Ayikho ingcebo nenhlebo engenza zingamazi umelusi,” kusho ISILO obesekuzwakala ukuthi sesiyafudumala. Khola lapho sikhale ngezisebenzi zomnyango esithe ziyaxova: “Ngiyambonga uNkulunkulu ukuthi angigcine iminyaka engama-70 ukuze ngibone yonke inhlobo yoHulumeni kanye nezigebengu zakhona,” kusho ISILO kwaduma itende.
Amadungamuzi Exwayisa abaxova uZulu, Omdala akananazanga: “Ezikhathini ezedlule, abafo bake bazama ukuba ngabelusi bengamaqhude okuzibeka, behluleka. Kwala ngisho sebewasusa aMakhosi angokhokho bami bewabopha, bewadingisa. Lokho akwenzanga uZulu angamazi umelusi. Nangesenu isikhathi, awukho umoya noma imimoya engahlukanisa mina nani noma nina nami. Owenza njalo uyohlulelwa umlando, wona uyombeka njengesehluleki nomxovi wobunye bukaZulu. Lelo dungamuzi liyokwaziwa phakathi kwabantu bakaBaba namuhla nangunaphakade njengenyoka etshalelwe ukuba idunge ubunye bethu.”