Now Reading
Ukunqoba kweBafana kulele kubagadli
Dark Light

Ukunqoba kweBafana kulele kubagadli

IBAFANA Bafana ingazenzela lula umsebenzi uma inganqoba emdlalweni wakusasa neLibya eMoses Mabhida wokuhlungela i-African Cup of Nation (AFCON) ezoba eCameroon ngonyaka ozayo.

IBafana iseqoqweni u-E okuboshelwe iNigeria, iLibya, neSychelles.

Nyakenye iBafana ihlulekile ukuzibekela indawo emaqenjini abedlala iNdebe yoMhlaba eRussia, yahlulwa emidlalweni yokuhlungela. Umdlalo okwakubhekwe ukuba yenze kahle kuwo ngoweCape Verde owawuseThekwini.

Okuqinisa idolo ukuthi iBafana ingaba elinye lamazwe azoyibamba ku-AFCON eCameroon, ukuthi umdlalo wayo wokuqala yawunqoba ibhekene neNigeria.

IBafana isendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu ihlukaniswe amagoli neLibya okuyiyona ezihola phambili, iNigeria neSeychelles abanamaphuzu.

Ngokusho komqeqeshi uStuart Baxter bayibukile imidlalo yeLibya babubona ubuthakathaka bayo athe ivuza kakhulu emuva.

“ILibya iyiqembu elidlala kahle kodwa emuva linamaphutha, ingakho emdlalweni wethu sizokwenza ngakho konke ukuthi singena ngazo zonke izinhlangothi. Sizobeka umuntu osheshayo emuva njengoTau (Percy), ngiyathemba ukuthi ithuba azolithola uzolisebenzisa nakanjani,” kuchaza uBaxter. Ubuye waveza ukuthi ubeyilandela imidlalo yeLibya, kodwa wathola ukuthi sebeshintshe umqeqeshi okuyinto elimaze izinhlelo zakhe.

IBafana izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaBongani “Ben 10” Zungu, uHlompo Kekana uLebo Mothiba ogijima eFrance noThemba “Mshishi” Zwane ngenxa yokulimala. Izindawo zabo zivalwe u-Aubrey Modiba, uVincent Pule, uMxolisi Machupu noTiyani Mabunda.

UBaxter uphinde wabiza indodana yakhe uLee Baxter ukuthi izocija onozinti okungu- Itumeleng Khune, uRonwen Williams kanye noDarren Keet.

ISeychelles izotholana phezulu neNigeria eStede Linite Stadium, khona eSeychelles.

Eqhuba uBaxter uthe angeke beyithathe kancane iLibya, uthembele kubadlali bakhe baphambili.

See Also

“Njengethimba labaqeqeshi siyaqinisekisa ukuthi abadlali abayibukeli phansi iLibya. Amathemba sizowabeka kubadlali baphambili abenza kahle emaqenjini abo okunguBradley Grobler ngiyathemba ukuthi bazosihlohlela amagoli inqaba nje mabezofakelwa kahle amabhola,” kuchaza uBaxter. Lithakwe kanjena selilonke iqembu lakuleli.

Onozinti: uKhune weChiefs, uWilliams weSupersport United, uKeet weBidvest Wits.

Abasemumva: Ramahlwe Mphahlele weChiefs, uSiyanda Xulu weMaritzburg United, uMotjeka Madisha weSundowns, u-Innocent Maela we-Orlando Pirates, uThulani Hlatshwayo, uSfi so Hlanti noBuhle Mkhwanazi beBidvest Wits.

Abasesiswini: uDean Furman, uTeboho Mokoena neModiba beSupersport United, uSiphesihle Ndlovu weMaritzburg United, uSibusiso Vilakazi noMabunda beSundowns, uKamohelo Mokotjo weBrentford FC yase-England, uKeagan Dolly weMontpellier yaseFrance, noVincent Pule wePirates.

Abagadli: UTau weBrighton & Hove Albion yase-England kodwa obolekiswe eqenjini laseBelgium iRoyal Union Saint-Gilloise, uMachupu weWits, noGrobler weSupersport United.

Scroll To Top