Now Reading
Kuthutha iLenge liza eThekwini lisikizela aMabhele
Dark Light

Kuthutha iLenge liza eThekwini lisikizela aMabhele

“Idubukele! Imbiza iziwa ngothi eMabheleni!”. Kuye kushiwo njalo uma kuhlatshiwe, kubuswa, kufi nywa ngendololwane kunoma imuphi umuzi wakwaNtuli, wakwaMbhele, wakwaKhuboni, wakwaShabangu, wakwaMabandla, wakwaPotloane nezinye izibongo ezivela eMabheleni. Kulokhu-ke bahlangana enkabeni yedolobha iTheku ngale mpelasonto. AMabhele ayaziwa ukuthi ayayithanda incoso kodwa kulokhu ahlangana ngoba avuselela umlando, ubumbano namasiko awo. AMabhele azobe eqhamuka ezweni lonke ahlangana esikhungweni iDiakonia emgwaqeni uSt Andrews, e-Albert Park. Isizwe esikhulu lesi. Umbuso waKwaZulu ukhona nje futhi usimeme kungenxa yaMabhele (abakwaNtuli). Umlando usilandisa ukuthi uNdlela kaSompisi Ntuli, uNdunankulu kaZulu, kusabusa iSilo uDingane kaSenzangakhona, nguyena owasindisa iNkosi eyandisa isizwe sikaPhunga noMageba, iSilo saKwaNodwengu, uMpande kaSenzangakhona sisenguMntwana waseNdlunkulu, iSilo uDingane efuna ukusibulala.

ISilo uDingane sasingazali, uMpande ezala, ngakho kwakufanele kube khona owolibo lukaJama ozoluvusa. YiNduna uNdlela kaSompisi Ntuli, eyanyonyobisa izithunywa zayohlebela uMntwana uMpande ukuthi angayi ukuyobonga izinkomo iSilo uDingane esasimxoshise ngazo ngoba sasimyenga sifuna aye ayobonga bese siyambulala. NguNdlela kaSompisi okwathi sekugqabuke igoda phakathi koMntwana uMpande neSilo uDingane, wanxenxa abanumzane besizwe ukuthi beseke ibutho likaMpande njengoba kwakuyoliwa eMaqongqo (kwesakwaNyawo). UMntwana uMpande wayengagabile ngeningi labanumzane nezethenjwa zesizwe kuphela kodwa namaBhunu namaNgisi babengasohlangothini lwakhe. Yikho ezibongweni zaso iSilo uMpande kuthiwa “nguMsimude ovele ngesiluba phakathi kwamaNgisi namaQadasi.” Yinduna uNdlela kaSompisi Ntuli eyagodla impi eMpini yaseMaqongqo ukuze idlanzana elaleseka iSilo uDingane lehluhlwe. ISilo uDingane sagcina sesimbulele uNdlela kaSompisi Ntuli ngoba agodla impi yaso eyagcina ngokwehlulwa. Kwasala uNozishada kaMaqhoboza Nzuza kuleyo mpi, isithenjwa seSilo uDingane.

AMabhele lana “oMphemba ngabele! Abafokazana bephemba ngezibi!” sibabona bebaleka begudla intaba iLenge, phakathi koMnambithi nePomeroy njengamanje. Babeyowela umfula uThukela, bexoshwa ngamazimuzimi. ISilo uShaka “uNodumehlezi” sasihleli ngaphesheya komfula uThukela neNduna yaso uJobe Sithole, sabona abantu baseMabheleni beza ngesivinini, kushunqa izintuli, abanye bebelethe izingane, abanye beqhuba imihlambi yezinkomo bexoshwa ngamazimuzimu. Yikho abakwaNtuli kuthiwa, ‘bangaMabhele aseLenge’. ILembe neNduna uJobe babahlenga kwasekuthiwa ngabakwaNtuli ngoba baqhamuka nezintuli zishunqa. UMnu uBonginkosi Ntuli onguSomlando waseMabheleni nguyena ozobe elandisa izethameli naMabhele onkana ngomlando wawo ngempelasonto. Umuntu owavelela kwaNtuli kwaba nguSompisi, owagcina eseyiNduna kaShaka. Yena wazala uNdlela owaba yisilomo eNdlunkulu wagcina esenziwe uNdunankulu weSilo uDingane. AbakwaNtuli bagcine sebezinza eNkandla lapho kwakwakhe khona abaseMbo ngesikhathi sikaZihlandlo kaGcwabe, iqhawe nomngani omkhulu weLembe (iSilo uShaka).

See Also

Busekhona uBukhosi bendlu kaGodide, inkosana kaNdlela, eMfongosi, eNkandla. INkosana kaGodide nguMangati, owalwa iMpi Yamakhanda. Bukhona obunye uBukhosi bendlu kaZinti kaNdlela kaSompisi eNkandla. Enye yamadodana kaNdlela kaSompisi kwaba nguMavumengwana owazala uMfungelwa, owalwa iMpi Yamakhanda, yena wazala uGqokinsimbi, owazala uMzungezi, ozala iNkosi ephethe eS’thembiso, oYaya, esifundeni saseShowe. INduna uMavumengwane kwakuyiMboza (uThulwana) ibutho lakhe, engumngani omkhulu weSilo uCetshwayo futhi bebutho linye. Izikhulu zikaZulu zakubona ukukhuthala kukaMavumengwane, ubuqotho, ubuqhawe nobunono bakhe zase ziyahlangana zafakana imilomo zamnika izwe ukuthi aliphathe. Lelo lizwe elalisuka eNtumeni lize liyoshaya emfuleni uThukela, laba yisifunda uYaya.

INduna uMavumengwana yakhe umuzi waKwaNhliziyonde, kuyabuswa kulowo muzi, kuhlale kusindwe ngobethole. Enye indlu yakwaNtuli eyavelela KwaZulu kwaba ngeyakwaMkhonto (udidi olumashoba), KwaMaphumulo njengamanje. Kusabusa yona indlu kaMkhonto kuleyo ndawo kumanje. Bona banikwa izwe elalingelakwaQwabe ngemuva kweMpi Yamakhanda. USolwazi uBhekinkosi “DBZ” Ntuli, umbhali wezincwadi ovelele nohlonishwayo, nomnewabo uMfu uCannan Sipho Ntuli (ongasekho) bawuqephuzile umlando waMabhele. Akhona aMabhele ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal lapho kubusa khona iNkosi uS’khulekile Mbhele njengamanje. Akhona eLesotho, e-Eastern Cape (iNkosi uMabandla), eSwatini (oShabangu) nasezingxenyeni eziningi zaKwaZulu koJozini, eShowe, eNkandla, eMgungundlovu naseNorth West imbala. Athi uma ehuba ethandaza aMabhele athi; “Ayeza aMabhele, ayeza aMabhele awuthule uthi nya. Awu ayeza.” Ngamakloza laba bantu bathanda inyama, kwasho inkosazana yabo uBright Ntuli, intatheli yeGagasi 99. 5 FM.

Scroll To Top