Now Reading
Kuthiwa umgolo udla lubi komasipala
Dark Light

Kuthiwa umgolo udla lubi komasipala

NGALESI sikhathi iningi lemibiko engalokhu osekwaziwa ngokuthi wukugwamandwa kwamandla ombuso, okuvelayo wukuthi lesi simo kade saqala koMasipala. Kuvela ukuthi izingxabo zakho zijule kakhulu njengoba kungagcini nje ngokubhubhudlwa kwemali kepha sekukhona nasebese nhlabathini.

Ezinyangeni ezedlule leli phephandaba libike kaningi ngezigemegeme ezenzeka komasipala kuleli. Lezi zigemegeme zisuka ebuholini bepolitiki okungamakhansela asuke emele amaqembu awo kuze kwedlulele nasezisebenzini. Ngasohlangothi lobuholi bepolitiki sibike ngomdonsiswano obakhona lapho kubangwa izikhundla. Okuvamile kuke kube wukuzwana amandla phakathi kwaloyo oyiMeya kanye nalowo onguSomlomo okuyizikhundla ezimqoka nezinamandla ngokwehlukana kwazo. Lokho kuzwana amandla kosopolitiki nakanjani kufi nyelela kubasebenzi, baphoqeleke ukukhetha izinhlangothi, bevikela iphalishi.

Kunokukhuluma okuvame emikhandlwini okuthi empeleni akuwona amakhansela aphethe komasipala kepha yizisebenzi. Phela yizo ezazi imali ekhona emgodleni nokwenza kubelula ukugila imikhuba kokunye sezisebenzisana nawo amakhansela. Elokugquzana kwemeneja yomkhandlu nosopolitiki kweminye imikhandlu yimpilo yansukuzonke. Nakhona lapha kusuke kubangwa amandla okuphatha nokulawula umgudu wemali. Ngenxa yalo mbango izimeneja eziningi aziliqedi ihlandla ezisuke ziqashelwe lona. Ziyaqhubulushwa, ezinye zize ziphume.

Ukuphuma kwezimeneja akuzi mahhala kepha kudla omasipala izindodla njengoba abazikhiphayo kokunye basuke bengafunde namithetho elawula ukumiswa kwazo. Lokhu kwenza kuthethwe amacala angapheli kepha imeneja ibe iqhubeka nokuhola. Omunye uze abuye emsebenzini selichithiwe icala okuwukuthi ubehola ezihlalele nje kubhubhudlwa imali yabakhokhi ntela. Isimo esinjengalesi sike senzeka kuMasipala iNdumeni. Laphaya imeneja yamiswa isikhathi eside iqhubeka nokuhola. Nokho kwathi ekugcineni kwabekwa ibamba nalo lagcina lisobishini balikhomba indlela.

Imeneja yaseZululand uMnu uNkosi sikhuluma lezi nje ihamba izigcawu njengoba ukukhuluma kuthi kayitholani neMeya uMfundisi uButhelezi. Emibikweni eyedlule yeBAYEDE uNkosi noButhelezi kabakufi hlanga ukuthi kabahoshelani ngezizathu ezehlukene. Yize uNkosi ezamile ukulwa waze wayofi ka eNkantolo Yezisebenzi, akasizakalanga ngalutho. Ngokwesinqumo esikhona uNkosi uhamba izigcawu nje usahola.

EMkhandlwini Abaqulusi kuke kwenzeka okungejwayelekile ngesikhathi lo mkhandlu uba nezimeneja eziningi esikhathini esifushane kusuka ngowezi -2012 kuya kowezi-2016. Zonke lezomeneja ziphume ngesamagundane kungasahambi neze kahle. Phakathi kwalezi zimeneja kukhona uMnu uBonga Ntanzi (osephinde wabuyela kulo Mkhandlu`), uMnu Mokoena, uDkt uMthembu, uNkk Bongizwe Mnikathi, uMnu uThandolethu Mada, uMnu uMgudlwa, uMnu uDubazane kanye noMnu uDalisu Zulu.

Ephawula ngalesi simo nokunye loyo oyiMeya yoMkhandlu Abaqulusi, uMnu uJerry Sibiya uvumile ukuthi ikhona inkinga futhi ayincane neze.

“Kuliqiniso ukuthi kukhona okunuka santungwana komasipala, njengoba abanye omeneja baxoshwa ngenxa yokuthi kusuke kubangwa amandla phakathi kosopolitiki, okungaba yiMeya, uSomlomo njalo njalo. Uma imeneja iwuqonda umsebenzi namandla ayo kuduma izulu. Phela kusuke sekunezinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa. Kubakhona nale nto yokubanga amandla phakathi kwamahhovisi amabili okungelikaSomlomo neleMeya. Uthola iMeya isigxambukela emsebenzini kameneja. Lesi senzo sigcina sesenze kwangaba naluzinzo okuphetha ngokufa kwabantu kubangwa ibhodwe eliconsayo.

USibiya uqhube wathi abanye abaqhathayo kulesi simo ngabasebenzi bakwa Supply Chain okuyibo abanikezela ngemisebenzi. Laba basebenzi kuthiwa sebephenduke onkulunkulwana njengoba benamandla okusho ukuthi umsebenzi utholwa ngubani. KuMasipala iJozini izazelene phakathi koMkhandlu kanye nemeneja uMnu uKhumalo. Emaphepheni leli phephandaba elinawo, zombili izinhlangothi zisolana ngokungenzi kahle kanye nobuqola. Kuqale ngokuthi uMkhandlu umise uKhumalo emsebenzini nokuthe zingakehli emthini wabe usuyasihoxisa leso sinqumo.

See Also

Ngokomthombo wangaphakathi emakhanseleni kuthiwa iMeya ibonisiwe ukuthi ibe mawala ngoba kayimnikanga uKhumalo izinsuku kanjalo nethuba lokuziphendulela. UKhumalo owayemiswe ngeSMS wabuyiselwa emsebenzini mhla zingama -27 kuNtulikazi, nokho akubanga zinsuku zingaki ngoba mhla lu-1 kuNcwaba uMkhandlu ubuye wambhalela enye incwadi uKhumalo ebimazisa ngesinqumo sokuphinde imumise emsebenzini.

Sekukhona nabasenhlabathini

Okwenzeka koMasipala akugcini nje kuphela ngokuxova ubudlelwane noma kuboshwe abantu kepha sekunezidumbu phansi. Ngaphansi koMkhandlu uNongoma yalala insizwa yakwaDuma egama layo kwabe kungu- Archie. Le nsizwa eyabe iqashwe njengoMncwaningi Mabhuku Wangaphakathi (Internal Auditor) yalinywaza ngabathile khona endaweni yokusebenza. Umsolwa nokuthiwa ngubhongoza etulweni lokubulawa kukaDuma ngowayengumlingani wakhe oyiSikhulu esiPhezulu Sezimali (Chief Financial Offi cer), uMnu uMandla Mthembu. Umsolwa waboshwa kusempondozamnenke kwaphazamiseka izinhlelo zakhe zokubalekela kwelakwaNgwane. Ilele nenye insizwa eyabe ingumeneja uMnu uSbusiso Sthole eRichmond. Nakhona ukukhuluma kukhomba imibango yevenge ngaphakathi.

Nabezindaba abasali ngaphandle kulokhu okwenzeka koMasipala. Bona-ke basolwa ngokugwazelwa ukuze banyundele abathile. UMnu uKhumalo ekhuluma neBAYEDE ngesikhathi imphonsa imibuzo ngezinsolo abekwa zona, nangathandanga ukwenaba ngazo, uthe ishwa kukho konke lokhu yilokho akubize ngokusetshenziswa kwabezindaba ekulweni izimpi zangaphakathi emikhandlwini. “Ngingakuqinisekisa ukuthi kukhona ubufakazi engibuphetheyo bezintatheli ezisetshenziswa ukufafaza okungelona iqiniso ngami. Lezi zintatheli ziqashwe ngamaphephandaba amakhulu kuleli,” kuphetha uKhumalo.

Scroll To Top