Now Reading
Ukuphrofetha akuziveleli ngokwakho enhliziyweni yomuntu
Dark Light

Ukuphrofetha akuziveleli ngokwakho enhliziyweni yomuntu

“KWATHI mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibhithe, wathi: NginguJehova khuluma kuFaro iNkosi yaseGibhithe konke engikukhuluma kuwe. Wayesethi uMose ebusweni  bukaJehova: Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?

UJehova wathi kuMose: Bheka, ngikwenze ube njengoNkulunkulu kuFaro; u-Aroni umfowenu uyakuba ngumphrofethi wakho. Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.” U-Eksodusi 6:28-7:2.

Bakwethu, kule ndikimba yeBhayibheli sinencazelo enhle kakhulu ngombuzo othi: Kuyini ukuphrofetha na?

Lapha uNkulunkulu uyala uMose “ukukhuluma … konke engikukhuluma kuwe.” Bese sifunda ukuthi uMose uthi akakwazi ukukhuluma kahle, kodwa uMose uzokuba njengoNkulunkulu kuFaro, no-Aroni umfowabo uyakuba ngumphrofethi wakhe ozokhuluma konke uMose akubeke emlonyeni wakhe.

Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi, ukuphrofetha akuziveleli ngokwakho enhliziyweni yomuntu. Noma singasho ukuthi, umnyombo wokuphrofetha akuyona inhliziyo yomuntu. Isisekelo nomnyombo wokuphrofetha kuyizwi likaNkulunkulu elabekwa emlonyeni wabaphrofethi bakhe njengalokhu sifunda eBhayibhelini.

Akubuzwa ukuthi umuntu uyiciko noma cha. Bekufanele ukuthi indoda ibe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu oziquzintathu ukuba umphrofethi ngesikhathi kusabhalwa iBhayibheli.

Singabeka le ndaba nangenye indlela: Ukuphrofetha kungukuphimisela amazwi angcwele aphuma ngqo kuNkulunkulu ophilayo. Umphrofethi owabe elokotha ukuthemeleza waba sengozini yokukhandwa ngamatshe ngoba waqambela abantu amanga egameni likaJehova: “Kepha umphrofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya, egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.

Uma uthi enhliziyweni yakho: Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na? Yazi ukuthi lokhu umphrofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese kungenzeki futhi kungaveli, akusiye uJehova okukhulumile; umphrofethi ukhuluma ngokuziqhenya; ungamesabi.” uDuteronomi 18:20-22. Iziphrofetho kwakuyilokhu okulandelayo: 1 – Kwakuyinto eyayizokwenzeka. 2 – Kwakuyinto eqondene nentando noma nomthetho kaNkulunkulu. 3 – Kwakungamazwi aqondene noMesiya – uJesu Kristu ozayo.

Ngenxa yokuthi umphrofethi wabe ekhuluma amazwi kaJehova oziquzintathu, ongalalelanga inkulumo yomphrofethi, akalalelanga uNkulunkulu. Kodwa iZwi likaNkulunkulu lifakazela ngokusobala ukuthi kukhona umphrofethi oyedwa vo ongeqhathaniswe nanoma ubani eBhayibhelini noma emlandweni wesintu.

Masifunde ngaye: “UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umphrofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena  … Ngiyakubavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho. Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye.” uDuteronomi 18:15,18,19. Ungubani lowo mphrofethi okukhulunywa ngaye lapha na?

See Also

Ukuthola impendulo yalowo mbuzo sifanele ukuya encwadini yeZenzo eTestamentini eLisha ngesikhathi uMphostoli uPetru eshumayela ngoJesu Khrestu: “UMose kambe wathi Inkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami; niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowomprofethi  uyakuchithwa kubantu.” iZenzo 3:22,23.

Bakwethu kukhona imizamo yabantu abangewona amakhrestu yokusebenzisa lawo mavesi eBhayibheli njengobufakazi bokuthi abaphrofethi mbumbulu babo bangabeqiniso, kodwa lisobala iBhayibheli ukuthi lapha kufakazelwa ngomphrofethi omkhulu onguJesu Khrestu ongumphrofethi nomsindisi wezinhlanga zonke, hhayi wohlanga olulodwa nje. Siyaphetha, ukuphrofetha kungukufakazela noma ukushumayela amazwi aphinyiselwe nguNkulunkulu uqobo.

Namuhla isambulo seBhayibheli sesivaliwe nguNkulunkulu, akwengezwa lutho eBhayibhelini ngoba liphelele. Ngakho akekho ongaziqambela imiyalezo enhliziyweni yakhe ayidlulisele kubantu kube engathi iyiZwi likaNkulunkulu. We mshumayeli! Ufanele ushumayele iZwi likaNkulunkulu njengalokhu kubhaliwe eZwini likaJehova. Awunalo ilungelo lokushumayela imibono nemicabango yakho. IBhayibheli lifana nesiyingi, awukwazi ukushumayela okuphuma ngaphandle kwaleso siyingi esiyiBhayibheli. Konke ofanele ukukushumayela kungaphakathi kwaleso siyingi esiyiZwi likaNkulunkulu.

Ngaphezu kwalokho ingqikithi yesiphrofetho seBhayibheli inguJesu Khrestu. Baningi abashumayela namuhla abathanda ukukhuluma ngezifo nezinkinga zabantu.

Bakwethu, izintshumayelo zethu zifanele ukuthobisa abantu ngomthetho nemiyalelo kaNkulunkulu ukuze baphenduke, bavume izono zabo, bazinamathelise ngokukholwa kuJesu Khrestu owasifela esiphambanweni. Kuningi okushunyayezwa namuhla kodwa uJesu akaphakanyiswa nakancane nje. Kuqhakanjiswa okuningi naseBhayibhelini kuthulwe.

  • Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail.com. Silandeleni kuFacebook Ubuthathwemunye.
Scroll To Top