Now Reading
ILions of Teranga isiyicijele ngokwanele iRussia
Dark Light

ILions of Teranga isiyicijele ngokwanele iRussia

 

Umqeqeshi wamanje wayehola leli lizwe esadlala ngowezi-2002 ngesikhathi likhishwa esigabeni samaquarter finals

 

EMUVA kweminyaka eli-16 iSenegal ihluleka ukuhlungela ngempumelelo imidlalo yeNdebe Yomhlaba, kulokhu ihlalele ethembeni lokuthi usengenzeka umlingo ongacishe ufane nowenzeka ngowezi-2002 lapho leli lizwe lakhishwa khona emidlalweni yamaquarter final alo mqhudelwano seliyibona impumelelo ebheke kowamanqamu.

Esikhathini esingangesonto kusukela manje iLions of Teranga (okuyisiteketiso seSenegal) izobe isithelekile eRussia. Leli lizwe liyithemba le-Afrika namanye amane okukhona kuwo iNigeria, iMorocco, i-Egypt neTunisia. IMorocco neNigeria yiwona amazwe akuleli lizwekazi okubukeka ezothwala kanzima uma kubhekwa amaqoqo akuwo.

INigeria (Super Eagles) izotholana phezulu ne-Argentina. Ngakolunye uhlangothi iMorocco iboshelwe namazwe ayingozi okuyiPortugal egabe ngomgadli ohlonishwayo emhlabeni uCristiano Ronaldo, iSpain ebophele o-Andrés Iniesta, Alvaro Odriozola noSergio Ramos esike yayinqoba le ndebe kanjalo ne-Iran edume ngokulwa enkundleni kuze kube sekugcineni.

Abantu base-Afrika bezobe beseka ngayo yonke indlela iTunisia endleleni yayo ne-England ebophele izihlabani ze-English Premier League, iBelgium nePanama okumangazile ukungena kwayo kule midlalo kwasala izwe ebelibhekiwe i-USA. ISenegal iseqoqweni u-H lapho kuboshelwe khona iPoland, iColombia neJapan.

Umqeqeshi weSenegal u-Aliou Cissé uyena owayengukaputeni ngowe-2002 ngesikhathi leli lizwe liphuma kabuhlungu kumaquarter final. Isikwati azogadla ngaso eRussia uCissé usesimemezelile. Udonga lwasemuva uluvale ngoKalidou Koulibably noKara Mbodji. Miningi imidlalo ebaphundulile ngenxa yokulimala, kodwa ngenxa yesipiliyoni namava abanawo umqeqeshi uzijubile wagembula ngabo.

Bazolekelelwa uLamine Gassama noSalif Sane ukuphebeza abagadli beJapan kweminye yemidlalo. Esiswini kuboshelwe iningi labadlali abagijima ku-English Premier League okukhona kubo uPape Alioune Ndiaye oyibamba kuStoke, u-Idrissa Gueye osezakhele igama ku-Everton noCheikh Ndoye odlala kuBirmingham. Omunye umdlali obhekwe kakhulu eRussia u-Ismaila Sarr weRennes odlala esiswini kodwa ophinde afolose uma edlalela iqembu lesizwe. Kubagadli kuboshelwe ongalibheki ipali odlala kuLiverpool uSadio Mané, noMame Diouf weStoke City. ISenegal ilibangisa eRussia nje, yiyo eqede iphezulu eqoqweni u-D kuCAF World Qualifiers inamaphuzu ali-14. Inqobe imidlalo emine kweyisi-6.

Amathemba eSenegal okuhlungela ngempumelelo iMidlalo Yendebe Yomhlaba ashabalala ngomzuzu wokugcina ngowezi-2014 ihlulwa i-Ivory Coast ngamane kwamabili emzuliswaneni wesine wokuhlungela imidlalo yomhlaba eyayibanjelwe eBrazil. Kubonakala ezikaCissé zagwinya itshe zase zibuyela emuva ziyozihlela kabusha. Njengoba leli lizwe lilibangisa eRussia lesekwa nxa zonke ekhaya okungangokuba nokwehlukana ngokwamaqembu ezepolitiki kubekwe eceleni.  ISenegal isempumalanga ye-Afrika.

UMengameli wakhona uMacky Sall wakhethwa ngowezi-2012 okhethweni olwalukhululekile. Leli ngelinye lamazwe ambalwa ezwenikazi umbuso walo ongakaze uthathwe ngezibhamu emlandweni walo njengoba kwenzeka kwamanye amazwe njengeZaire esiyaziwa ngeDemocratic Republic of Congo, iBurundi, iCentral African Republic, iLesotho, iMali kanti muva nje kususwe uRobert Mugabe eZimbabwe.  UMengameli wokuqala emuva kwenkululeko eSenegal uLeopold Senghor wazishiyela yena izintambo ngowe-1981 ngaphandle kwezinkinga.

Abantu baseSenegal balinganiselwa ezigidini ezili-15,41. Yabe iyiKoloni yeFrance okwenza namanje ulimi olukhulunywa kakhulu kube isiFrench. Inhlokodolobha yakhona iDakar.

[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]

UCissé ubophele izethenjwa ezidlala kwawaphesheya

 

Onozinti: Khadime Ndiaye (ASC Diaraf), Alfred Gomis (SPAL), Abdoulaye Diallo (Rennes).

Emuva: Kalidou Koulibaly (Napoli), Salif Sane (Schalke 04), Moussa Wague (Eupen), Lamine Gassama (Alanyaspor), Youssouf Sabaly (Bordeaux), Kara Mbodji (Anderlecht), Saliou Ciss (Valenciennes).

See Also

Esiswini: Idrissa Gueye (Everton), Badou Ndiaye (Stoke City), Cheikhou Kouyate (West Ham United), Alfred Ndiaye (Wolverhampton Wanderers), Cheikh Ndoye (Birmingham City).

Abagadli: Mame Diouf (Stoke City), Moussa Konate (Amiens), Moussa Sow (Bursaspor), Mbaye Niang (Torino), Diafra Sakho (Rennes), Keita Balde (Monaco), Sadio Mane (Liverpool), Ismaila Sarr (Rennes).

Ibhentshi: Adama Mbengue (Caen), Fallou Diagne (Metz), Famara Diedhiou (Bristol City), Henri Saivet (Sivasspor).

Imidlalo yeSenegal eRussia eqoqweni uH

19 kuNhlangulana: Poland vs Senegal

24 kuNhlangulana: Japan vs Senegal

28 kuNhlangulana: Senegal vs Colombia

Scroll To Top